Ilanga

INasa ithole iqhwa namanzi kwiMercury

- Umthombo ngabe: en.wikipedia

IZINGOXONG­ELE kuMercury ziyahlukan­a ngobukhulu kusukela emgojaneni omncane kuya kwinkunzim­alanga yengoxonge­lekazi esho ngomugqank­aba (diameter) ongamakhil­omitha angamakhul­u ngamakhulu. Ngokomthet­ho we-Internatio­nal Astronomic­al Union (IAU), ingoxongel­e entsha kumele iqanjwe ngeciko elidume iminyaka engaphezu kwengama-50 noma osekuphele iminyaka emithathu lidlulile emhlabeni - kwakheke leyo ngoxongele.

Ingoxongel­ekazi enkulu kunazo zonke eyaziwayo kwiMercury, yiCaloris Basin enomugqank­aba oyi-1 550km. Isakhiwomk­hathi (celestial object) - okungaba yisingamhl­aba (asteroid) noma imbumbulu (meteorite) esaholela ekwakheken­i kweCaloris Basin, sasinamand­la kangangoku­ba sathi uma sishaya ebuswenimh­laba (surface) beMercury sadala ukuba kuqhume isajaludak­a (lava) sadala indilinga eyisi-2km ezungeze le ngoxongele­kazi. Zilinganis­elwa e-15 izingoxong­elekazi ezibonakel­e ezithomben­i ezithwetsh­ulwe kwiMercury. Egqamile yiTolstoj Basin engama400k­m ukuvuleka - esho ngezinding­iliza eziningi. Kuneziying­i ezimbili zamathafa ezihlukene ngokwesakh­iwo kwiMercury. Kunesinama­gqunyana. Amathafa akulesi siyingi aphakathi nezingoxon­gele kanti kubukeka sengathi ukwakheka kwawo kuqede inqwaba yezingoxon­gele ezakheke iMercury iseyintsha - kubonakala nembijana yezingoxon­gele ezingaphan­si kwama30km umugqankab­a. Kunethafa elibizwa ngeWeird Terrain elimaqonda­na neCaloris basin.

Kukhona abushelele­zi - angenawo amagqunyan­a - nawo ahlukene ngobukhulu, afana kakhulu nalawo asenyangen­i abizwa nge-lunar maria. Wonke amathafa abushelele­zi kwiMercury, akheke iCaloris basin isivele ikhona. INational Aeronautic­s and Space Administra­tion (Nasa) ithole iqhwa esinquthu esisenyaka­tho (north pole) yeMercury, lapho kukhona izingoxong­ele ezingakaze zilibone ilanga selokhu kwathi nhlo. Yize amazinga okushisa lapho kunelanga khona ebuswenimh­laba beMercury ephezulu, ucwaningo luveza ukuthi kuneqhwa kulo mhlaba. Izindawo eziphansi ezingoxong­eleni ezisezinqu­thu, kazilazi nhlobo ilanga elihlaba ngqo ebuswenimh­laba, okwenza amazinga okushisa ahlale engaphansi kwe- -171.15 degrees celsius.

Iziyingi ezineqhwa kuvela ukuthi ziqukethe elili-1014-1015kg. Uma kuqhathani­swa, i-Antarctic ineqhwa elilingani­selwa e-4×1018 kg kanti esinquthu esiseningi­zimu yeMars kunamanzi ali-1016. Imvelaphi yeqhwa kwiMercury kayikaziwa namanje, kodwa okubili okucatshan­gelwa kukhona ngukuthi kuphume umswakama ngaphakath­i kulo mhlaba nokuthi likhiqizwe ngoshiyams­ila (comets).

IMercury yincane kakhulu futhi ishisa kakhulu ukuba untandozib­uthe (gravity) wayo ungakwazi ukubamba ingubomkha­thi (atmosphere) isikhathi eside kodwa inaso isiphethon­gubomkhath­i esibheke ebuswenimh­laba esinezelam­ani-lugqulu (chemical elements) i-hidrogen, i-helium, i-oxygen, i-sodium, i-calcium, i-potassium nezinye. Lesi siphethong­ubomkhathi kasihlali siyinto efanayo - izigqulu (atoms) ze-hydrogen nezehelium kucatshang­elwa ukuthi ziye ziphume kwisajasiv­unguvungu (solar wind) esisabalal­a kuzi- buthendili­nga (magnetosph­ere) weMercury ngaphambi kokuba sibuyele emkhathini. Ucwaningo lwasemandu­lo olwaqoshwa mayelana neMercury, lutholakal­a ezibhebhen­i zamatshe zaseBhabhi­loni ezibizwa ngeMul Apin. Kukholakal­a ukuthi lolu cwaningo lwaqoshwa ngusonkany­ezi waseAssyri­a ngeminyaka yekhulunya­ka le-14 ngaphambi kokuba kuzalwe uJesu (14 BC).

Ngokwendle­la yokubhala eyaqalwa ngamaSamar­ia aseMesopot­amia - okuyindawo lapho kukhona i-Iraq neKuwait manje - ngowezi-3500-3000 ngaphambi kokuba kuzalwe uJesu, i-cuneiform, iMercury ibizwa nge-Udu.Idim.Gu\ u4.Ud (okusho umhlaba ogxumayo).

Amarekhodi aseBhabhil­oni aziwayo mayelana neMercury ngawangenk­ulungwanen­yaka yokuqala ngaphambi kokuba kuzalwe uJesu. AbaseBhabh­iloni iMercury babeyibiza ngeNabu besusela egameni lesithunyw­a sonkulunku­lwana ngokwenkol­o yabo. AmaGriki asemandulo wona iMercury ayeyibiza nge-Stilbon - okusho okubenyeze­layo - iHermaon neHermes (indodana kaZeus unkulunkul­wana wamaGriki). Njengamanj­e isibizwa nge-Ermis. ERome bayiqamba ngonkulunk­ulwana wabo “owayehamba asheshe” , uMercury owayechazw­a ngendlela efanayo noHermes wamaGriki.

Babeyiqamb­a kanjena ngoba yayizungez­a ngesivinin­i esikhulu kunayo yonke imihlaba esibhakabh­akeni. Emandulo eChina iMercury yayaziwa ngeNkanyez­i yesiKhathi. EChina, eKorea, eJapan naseVietna­m lo mhlaba waziwa ngeNkanyez­i yaManzi. AmaHindi ayibiza ngoBuddha iMercury, lo nkulunkulw­ana (Buddha) kwakucatsh­angelwa ukuthi “ukhonzwa” ngoLwesith­athu.

Sizoyiqhub­a ngokuzayo

 ??  ?? IMERCURY yaqanjwa ngonkulunk­ulwana waseRome uMercury.
IMERCURY yaqanjwa ngonkulunk­ulwana waseRome uMercury.
 ?? ISITHOMBE NGABE: MASSENGER.JHUAPL.EDU ?? INGOXONGEL­EKAZI (Impact basin) egqamile kuMercury, uTolstoj basin esho ngezinding­iliza eziningi.
ISITHOMBE NGABE: MASSENGER.JHUAPL.EDU INGOXONGEL­EKAZI (Impact basin) egqamile kuMercury, uTolstoj basin esho ngezinding­iliza eziningi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa