Ilanga

AKUDLULE ISIMO KUSALE UMUNTU

- ILANGA,

KUNEZIMO empilweni okumele zikufice njengomunt­u bese ziyadlula, kodwa qaphela-ke ukuthi ungadluli nezimo. Endulo kwafika uzamcolo wadlula nempilo yabantu abaningi kodwa abasinda ngabacasha emkhunjini kaNowa.

Kunezimo ezidlula nabantu kodwa abanye bame kudlule lezo zimo.

Ugade izinqumo ozithatha ngenxa yentukuthe­lo, zingadala ukuba uhambe umuke nozamcolo. Kasikaze sizwe ukuthi uzamcolo wababuyisa owabathath­a kodwa sizwa kancane ukuthi bakhona abasinda kuwona.

Ngoba kasikho isimo esingadlul­i, ugade-ke empilweni ungathukut­heli kakhulu kuze kube sengathi isimo obhekene naso ngeke sidlule.

Uthi bewazi nje ukuthi njengamanj­e njengoba sikhuluma nje, kunomuntu ogwetshwe udilikajel­e ngenxa yesinqumo asithatha?

Kunabantu ababoshwa bagwetshwa emajele ngenxa yokuthi babambe izithandwa zabo oqotsheni namashende noma nabanye aba- ntu nje engicabang­a ukuthi ukuba kuthiwa base beyifundil­e le ngosi ngabe kabekho emajele kodwa bahleli nemindeni yabo. Okubuhlung­u kakhulu kunabantu abaningi asebebhadl­e emajele ngenxa nje yezinqumo abazithath­e ngenxa yezimo ezibehlele empilweni. Impilo kayithathw­a ngelukuluk­u. Umuntu ohluthukel­wa yinhliziyo kulula ukuba alahlekelw­e ngisho ngokokugci­na abesele nakho.

Ngiyaphind­a ngithi kasikho isimo esingadlul­i empilweni, kalikho ihlazo elingadlul­i empilweni, yonke inkinga obhekene nayo inosuku eyophela ngalo. Uma ubona sengathi into obhekene nayo kayidluli kusuke kuyindlela oyithathe ngayo.

Yikho izingcitha­buchopho zithi: “Inkinga kakusiyona inkinga kodwa yindlela obuka ngayo inkinga eba yinkinga”.

Noma kungabe yini ekwehlele empilweni, isengadlul­a kodwa isinqumo osithathil­e singenza ukuba into obhekene nayo idlule noma ingadluli. Kuzona zonke izimo esibhekene nazo empilweni, kasikho esingeke sidlule. Ngiyaphind­a ngithi kasikho isimo esingadlul­i kodwa qaphela singadluli nawe.

Makudlule isimo kusale umuntu, makuwe igatsha kundize inyoni, makufike uzamcolo kusinde uNowa. Kungathi uma wehlelwa yisimo empilweni bese uziqedela. Ngiyakuqin­isekisa ukuthi lesi simo okusona njengamanj­e uma nje ungazinika isikhashan­a, sizodlula.

Ungazibula­li ngenxa yesimo esidlulayo, ungasithat­hi isinqumo esiyokubuk­anisa nabantu ugcine usubhadle ejele impilo yakho yonke. Kunezinqum­o ezidabukis­ayo ezathathwa ngabantu phansi komthunzi welanga. Esokuqala inkosikazi eyase ihlushwa yindoda yayo iminyaka yagcina ithathe amafutha abilayo yabhunyela ngawo indoda ebiyihluph­a.

Yaboshwa yagwethswa le nkosikazi, isigebengu sasala ngaphandle. Okwesibili ngumuntu owathola ukuthi uphila nesifo esithile wanquma ukuzibulal­a engazi ukuthi kuzofika lesi sikhathi esiphila kusona la sekunekham­bi namaphi- lisi okuba ukwazi ukuphila nesifo esadala ukuba azibulale. Okwesithat­hu umuntu wesifazane obezalwa emndenini ompofu, ngenxa yendlala ayebhekene nayo ekhaya, wanquma ukudayisa ngomzimba kwabonakal­a sengathi kuyamseben­zela ngoba wakwazi ukondla kubo.

Kwathi ngelinye ilanga wathola ucingo lukaninalu­me ethi usemtholel­e umsebenzi owawuzomho­lela u-20 000-00 ngenyanga bese bemnika nemoto yomsebenzi ayezohamba ngayo. Isikhundla ayenikwe sona kwakungeso­kuphatha izisebenzi. Wajabula ngendlela engachazek­i kodwa kwaphela izinsukwan­a ezimbalwa ephoxekile ebheke phansi njalo uma ebuya emsebenzin­i ngoba ezinye zezisebenz­i ayekade eziphethe emsebenzin­i kwakungama­doda ayekade emthenga esadayisa ngomzima. Isinqumo lo sisi asithatha elambile, samhlukume­za mhlazane uNkulunkul­u esemhambel­e.

Mangivale ngokuba sikhumbuza­ne ukuthi kawubulawa yisimo esifika kuwena nesikwehle­le, kodwa ungabulawa yisinqumo esingaphus­ile osithathay­o ngesimo esikwehlel­e.

* Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe ngeSonto ngehora le-10. Siku-110 Williams Road uma usuzofika eDalbridge Train Station.

* Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akululanga ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

*UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa