IZINHLOBO ZABANTU ABASETSHENZISWAYO
NGOKUKAMATHEWU 7: 24-27, NGOKUKAMATHEWU 13:3-9
NAMUHLA ngifisa sisizane ngokusetshenziswa kwabantu ngezinhlobo abayizona, besetshenziswa ezindaweni ezifanele lokho abayikhona.
Kulezi zincwadi esifunde kuzona namuhla sivezelwa isithombe ngezinhlobo zabantu nokusetshenziswa kwabo. Kunezindlela ezahlukene okuchazwa ngazo into eyodwa ukuthi uma isetshenziswa kokunye kuba nomphumela omuhle. Kolunye uhlangothi, kuvezwa umphumela omubi wokusetshenziswa kwayo entweni obekungadingeki ukuba isetshenziswe kuyona.
Yinkulu indaba eyembulwa ngedwala nangomhlabathi. Okuvezwa ngedwala wukuthi uma wakha phezu kwalo kuba nomphumela omuhle kuthi noma kufika izimvula nezikhukhula, indlu eyakhiwe phezu kwalo iyaqina. Nakuba idwala linomphumela omuhle kangaka kodwa kukhona lapho okuthi uma usebenzise lona kungabi nomphumela omuhle nakuba liqinile linjalo.
Uma sekutshalwa into okumele imile, kakube kusadingeka idwala ngoba imbewu ngeke ingene kulona ukuze imile kodwa ihlala phezu kwalo idliwe yizinyoni. Uma sekutshalwa kudingeka umhlabathi ozokwamukela imbewu ukuze imile. Kumqoka kakhulu ukuba uzazi izinhlobo zabantu abadingeka entweni oyenzayo ukuze ubasebenzise ezindaweni ezibafanele kuphela. Uma ubasebenzisa nakulokho abangadingeki kukhona - ngoba nje ubabone besetshenziswa ezintweni ezithile kwahamba kahle - uzozithola ungena kwenkulu inkinga yezinto ezingaphumeleli ngenxa yokusebenzisa abantu nalapho bengadingeki khona.
Ungalokothi ufake umuntu kuyona yonke into ngoba uthi wambona ephumelela kokuthile ngoba uyozithola sewonakalelwa yizinto. Yinkulu imfihlakalo okumele siyibambe kulokhu esikufunda ngedwala okwakhiwa indlu phezu kwalo nomhlabathi okutshalwa kuwona okudliwayo. Kuyenzeka lube khona lolu hlobo lwabantu abawumhlabathi omuhle novundile ukuba kutshalwe kubona izinto okufanele zimile ukuze zidliwe, kodwa kushode uhlobo lwabaqine njengedwala ukuba kwakhiwe phezu kwabo.
Lokho kudala inkinga yokuba ibe khona into edliwayo - ngoba ukhona umhlabathi wokuyitshala - inkinga iqale ngesikhathi sekufanele kube nendlu okuzodlelwa kuyo, engekho ngenxa yokungabikhona kwabantu abaqotho okungakhiwa phezu kwabo. Lokho kudala ukuba abantu baye lapho kutshalwe khona izinto ngoba bezothatha okudliwayo kuphela, bese befuna enye indawo abazokhosela kuyona ukuze banganethwa yizimvula nakuba bedlile basutha.
Yingakho kunabantu othola ukuthi badla kwezinye izindawo kodwa bakhosele kwezinye izindawo. Abaliwe amabandla anezithelo zokudla kwempilo yakho yokomoya, aphinde abe yindawo ongahlala kuyona unganethwa usudlile. Kunabantu ababulawa yindlala bebe bekhosele ezindaweni ezakhiwe phezu kwabantu abaqotho, kodwa abasenkingeni yokuthi ukudla akukho ngenxa yokushoda kwabantu abawumhlabathi okungatshalwa kuwona into ezodliwa. Bese kuba khona abasenkingeni yokuthi bayasutha lapho bekhona ngenxa yento edliwa khona ngoba abantu abawumhlabathi ovundile bakhona kodwa inkinga bashoda ngohlobo oluqinile ukuze kwakhelwe phezu kwalo indlu yokuhlala.
Kufanele siqaphele ukuthi singagcini ezingeni lokuba yindawo okudlelwa kuyona kanti siyindawo okungahlaleki kuyona noma sibe yindawo okuhlalekayo kuyona kodwa abantu befa yindlala phakathi. Lesi yisona sizathu esenza abantu behle benyuka ngoba basuke bezingela lokho abashoda ngakho lapho bekhona. Kuyenzeka umuntu abe qotho kokuthile ongaze ucabange ukuthi usungamfaka kuyona yonke into kanti kakunjalo. ------------------------------------