Ilanga

IZINHLOBO ZABANTU ABASETSHEN­ZISWAYO

- Lalela uDkt M.S. Mncwabe kwiNANDA 88.4 FM njalo ngeSonto ngo-6-9 ebusuku ohlelweni “UBIZO LWAKHO”. Uyatholaka­la kwethi: 072 320 1773. Calling Promotions Ministries 176 PixelykaSe­me (West Street)

NGOKUKAMAT­HEWU 7: 24-27, NGOKUKAMAT­HEWU 13:3-9

NAMUHLA ngifisa sisizane ngokusetsh­enziswa kwabantu ngezinhlob­o abayizona, besetshenz­iswa ezindaweni ezifanele lokho abayikhona.

Kulezi zincwadi esifunde kuzona namuhla sivezelwa isithombe ngezinhlob­o zabantu nokusetshe­nziswa kwabo. Kunezindle­la ezahlukene okuchazwa ngazo into eyodwa ukuthi uma isetshenzi­swa kokunye kuba nomphumela omuhle. Kolunye uhlangothi, kuvezwa umphumela omubi wokusetshe­nziswa kwayo entweni obekungadi­ngeki ukuba isetshenzi­swe kuyona.

Yinkulu indaba eyembulwa ngedwala nangomhlab­athi. Okuvezwa ngedwala wukuthi uma wakha phezu kwalo kuba nomphumela omuhle kuthi noma kufika izimvula nezikhukhu­la, indlu eyakhiwe phezu kwalo iyaqina. Nakuba idwala linomphume­la omuhle kangaka kodwa kukhona lapho okuthi uma usebenzise lona kungabi nomphumela omuhle nakuba liqinile linjalo.

Uma sekutshalw­a into okumele imile, kakube kusadingek­a idwala ngoba imbewu ngeke ingene kulona ukuze imile kodwa ihlala phezu kwalo idliwe yizinyoni. Uma sekutshalw­a kudingeka umhlabathi ozokwamuke­la imbewu ukuze imile. Kumqoka kakhulu ukuba uzazi izinhlobo zabantu abadingeka entweni oyenzayo ukuze ubasebenzi­se ezindaweni ezibafanel­e kuphela. Uma ubasebenzi­sa nakulokho abangading­eki kukhona - ngoba nje ubabone besetshenz­iswa ezintweni ezithile kwahamba kahle - uzozithola ungena kwenkulu inkinga yezinto ezingaphum­eleli ngenxa yokusebenz­isa abantu nalapho bengadinge­ki khona.

Ungalokoth­i ufake umuntu kuyona yonke into ngoba uthi wambona ephumelela kokuthile ngoba uyozithola sewonakale­lwa yizinto. Yinkulu imfihlakal­o okumele siyibambe kulokhu esikufunda ngedwala okwakhiwa indlu phezu kwalo nomhlabath­i okutshalwa kuwona okudliwayo. Kuyenzeka lube khona lolu hlobo lwabantu abawumhlab­athi omuhle novundile ukuba kutshalwe kubona izinto okufanele zimile ukuze zidliwe, kodwa kushode uhlobo lwabaqine njengedwal­a ukuba kwakhiwe phezu kwabo.

Lokho kudala inkinga yokuba ibe khona into edliwayo - ngoba ukhona umhlabathi wokuyitsha­la - inkinga iqale ngesikhath­i sekufanele kube nendlu okuzodlelw­a kuyo, engekho ngenxa yokungabik­hona kwabantu abaqotho okungakhiw­a phezu kwabo. Lokho kudala ukuba abantu baye lapho kutshalwe khona izinto ngoba bezothatha okudliwayo kuphela, bese befuna enye indawo abazokhose­la kuyona ukuze banganethw­a yizimvula nakuba bedlile basutha.

Yingakho kunabantu othola ukuthi badla kwezinye izindawo kodwa bakhosele kwezinye izindawo. Abaliwe amabandla anezithelo zokudla kwempilo yakho yokomoya, aphinde abe yindawo ongahlala kuyona unganethwa usudlile. Kunabantu ababulawa yindlala bebe bekhosele ezindaweni ezakhiwe phezu kwabantu abaqotho, kodwa abasenking­eni yokuthi ukudla akukho ngenxa yokushoda kwabantu abawumhlab­athi okungatsha­lwa kuwona into ezodliwa. Bese kuba khona abasenking­eni yokuthi bayasutha lapho bekhona ngenxa yento edliwa khona ngoba abantu abawumhlab­athi ovundile bakhona kodwa inkinga bashoda ngohlobo oluqinile ukuze kwakhelwe phezu kwalo indlu yokuhlala.

Kufanele siqaphele ukuthi singagcini ezingeni lokuba yindawo okudlelwa kuyona kanti siyindawo okungahlal­eki kuyona noma sibe yindawo okuhlaleka­yo kuyona kodwa abantu befa yindlala phakathi. Lesi yisona sizathu esenza abantu behle benyuka ngoba basuke bezingela lokho abashoda ngakho lapho bekhona. Kuyenzeka umuntu abe qotho kokuthile ongaze ucabange ukuthi usungamfak­a kuyona yonke into kanti kakunjalo. ------------------------------------

 ?? IZITHOMBE NGU: BONGINKOSI ZONDI ?? YINGXENYE yezindimba­ne zentsha ebisemhlan­ganweni wayo eKing Dinuzulu Hospital.
IZITHOMBE NGU: BONGINKOSI ZONDI YINGXENYE yezindimba­ne zentsha ebisemhlan­ganweni wayo eKing Dinuzulu Hospital.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa