Kumele ishintshe ukwenza i-ANC
YIZE isenzo se-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal sokubeka uDkt Makhosi Khoza amacala - njengoba esolwa ngokudicilela phansi isithunzi saleli qembu - kuyindaba yakhe neqembu lakhe kodwa ikhathaza abantu abaningi. Kuyaziwa ukuthi kakuyiwa nganxanye kungemanzi. Baningi abantu ezinkundleni zokuxhumana, nangaphandle nje, ababona uDkt Khoza egwazwa ngenswani esonge izandla kulolu daba njengoba bebeka izizathu zokuthi bakhona nabanye abenze okufanayo naye kodwa kabathathelwanga izinyathelo. Yize bekhona abayesekayo eyokuthi ukufanele impela ukujeziswa, abanye baze bethi kufanele axoshwe ngoba kuyacaca ukuthi useyilunga leDemocratic Alliance (DA) kodwa sibona lesi senzo sizoyihlakaza kakhulu kunakuqala i-ANC elokhu ishumayela ukuthi izama ukubuyisa ubumbano.
Okubuhlungu nje wukuthi ngumuntu wesifazane lo osejikijelwa ngezimbokodo, echashwa ngezinhlamba ezinkundleni zokuxhumana ngamalunga ayo i-ANC.
NgoLwesihlanu olwedlule uMengameli Jacob Zuma ngesikhathi ethula inkulumo emcimbini weNkosi Albert Luthuli, ugqugquzele ukuba kulwiwe nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kodwa sibona sengathi emalungeni eqembu lakhe lo myalezo kawufiki noma uyafika kodwa ungayitholi indawo.
I-ANC Women’s League (ANCWL) kayikaze ithi vu odabeni lukaDkt Khoza.
Umengameli wayo, uNkz Bathabile Dlamini, bekufanele ngabe usho noma yizwi elilodwa nje vo akhuze laba abahlasela uDkt Khoza bemchapha ngezinhlamba. Kasiphikisani ne-ANC uma ifuna ukushushisa ilunga layo kodwa lokhu kwenza sishaywe wuvalo njengoba isha amashushu ifuna umengameli wesifazane.
Kwenza sibuke ukuthi uma esengenile ngeke akwazi ukukhuluma ngokukhululeka ngoba kuzoba kukhona lapho anyathela khona amakhona amadoda athile azogijima ambizele ekomitini eliqondisa izigwegwe.
Kwenza sisole ukuthi kumane kuyihubo nje ukuthi kufuneka umengameli wesifazane ngoba kuyacaca uzodonswa ngesidwaba uma esekhuluma akuzwa ngaphakathi, acabanga ukuthi kungasiza iqembu lakhe nezwe.
Lokhu kwenza sibuke ukuthi laba abafuna umengameli wesifazane empeleni yibona abazobe behola iqembu nezwe, uzozwa ngabo ukuthi inqola kumele ishone entshonalanga noma empumalanga. Sibona ukuthi noma umengameli wesifazane lowo angaqhamuka nemibono ephuse kanjani kodwa laba abamfunayo uma bengahambisani nayo, bayomchaza njengephekula elifuna ukuphambana nomthetho weqembu - esikubona kungahlukile neze embusweni wobundlovukayiphikiswa ocashe ngebheshu lentando yeningi.
Uma ngempela kuwumthetho we-ANC ukuba abantu bavumele noma yini eshiwo ngabaholi babo, bangaphawuli - ngisho noma ngabe bayanhlanhlatha - lisengozini yokuphenduka amasimba omthini leli qembu. Imvamisa kuye kuthiwe makusetshenziswe izinhlaka ukudlulisa izikhalo, ongathi akazi ukuthi emaqenjini ezepolitiki uma abaholi abathile bengayizwa into oyishoyo ngisho noma ngabe kuyacaca ukuthi izohlenga iqembu engozini, bagcina sebekukhiphe ngesango noma ugule wendele koyihlomkhulu, ngabe usenga ezimithiyo. Kasisho ukuthi ubuholi be-ANC mabungaqondisi amalunga abo izigwegwe kodwa kumele bulalele abantu, bubheke nobungozi bezinto ezingadala udungunyane eqenjini nasezweni.
Kuyihubo nje ukuthi kufuneka umengameli wesifazane ngoba kuyacaca uzodonswa ngesidwaba uma esekhuluma.