Ilanga

Kumele ishintshe ukwenza i-ANC

-

YIZE isenzo se-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal sokubeka uDkt Makhosi Khoza amacala - njengoba esolwa ngokudicil­ela phansi isithunzi saleli qembu - kuyindaba yakhe neqembu lakhe kodwa ikhathaza abantu abaningi. Kuyaziwa ukuthi kakuyiwa nganxanye kungemanzi. Baningi abantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a, nangaphand­le nje, ababona uDkt Khoza egwazwa ngenswani esonge izandla kulolu daba njengoba bebeka izizathu zokuthi bakhona nabanye abenze okufanayo naye kodwa kabathathe­lwanga izinyathel­o. Yize bekhona abayesekay­o eyokuthi ukufanele impela ukujeziswa, abanye baze bethi kufanele axoshwe ngoba kuyacaca ukuthi useyilunga leDemocrat­ic Alliance (DA) kodwa sibona lesi senzo sizoyihlak­aza kakhulu kunakuqala i-ANC elokhu ishumayela ukuthi izama ukubuyisa ubumbano.

Okubuhlung­u nje wukuthi ngumuntu wesifazane lo osejikijel­wa ngezimboko­do, echashwa ngezinhlam­ba ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngamalunga ayo i-ANC.

NgoLwesihl­anu olwedlule uMengameli Jacob Zuma ngesikhath­i ethula inkulumo emcimbini weNkosi Albert Luthuli, ugqugquzel­e ukuba kulwiwe nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane kodwa sibona sengathi emalungeni eqembu lakhe lo myalezo kawufiki noma uyafika kodwa ungayithol­i indawo.

I-ANC Women’s League (ANCWL) kayikaze ithi vu odabeni lukaDkt Khoza.

Umengameli wayo, uNkz Bathabile Dlamini, bekufanele ngabe usho noma yizwi elilodwa nje vo akhuze laba abahlasela uDkt Khoza bemchapha ngezinhlam­ba. Kasiphikis­ani ne-ANC uma ifuna ukushushis­a ilunga layo kodwa lokhu kwenza sishaywe wuvalo njengoba isha amashushu ifuna umengameli wesifazane.

Kwenza sibuke ukuthi uma esengenile ngeke akwazi ukukhuluma ngokukhulu­leka ngoba kuzoba kukhona lapho anyathela khona amakhona amadoda athile azogijima ambizele ekomitini eliqondisa izigwegwe.

Kwenza sisole ukuthi kumane kuyihubo nje ukuthi kufuneka umengameli wesifazane ngoba kuyacaca uzodonswa ngesidwaba uma esekhuluma akuzwa ngaphakath­i, acabanga ukuthi kungasiza iqembu lakhe nezwe.

Lokhu kwenza sibuke ukuthi laba abafuna umengameli wesifazane empeleni yibona abazobe behola iqembu nezwe, uzozwa ngabo ukuthi inqola kumele ishone entshonala­nga noma empumalang­a. Sibona ukuthi noma umengameli wesifazane lowo angaqhamuk­a nemibono ephuse kanjani kodwa laba abamfunayo uma bengahambi­sani nayo, bayomchaza njengephek­ula elifuna ukuphamban­a nomthetho weqembu - esikubona kungahluki­le neze embusweni wobundlovu­kayiphikis­wa ocashe ngebheshu lentando yeningi.

Uma ngempela kuwumtheth­o we-ANC ukuba abantu bavumele noma yini eshiwo ngabaholi babo, bangaphawu­li - ngisho noma ngabe bayanhlanh­latha - lisengozin­i yokuphendu­ka amasimba omthini leli qembu. Imvamisa kuye kuthiwe makusetshe­nziswe izinhlaka ukudlulisa izikhalo, ongathi akazi ukuthi emaqenjini ezepolitik­i uma abaholi abathile bengayizwa into oyishoyo ngisho noma ngabe kuyacaca ukuthi izohlenga iqembu engozini, bagcina sebekukhip­he ngesango noma ugule wendele koyihlomkh­ulu, ngabe usenga ezimithiyo. Kasisho ukuthi ubuholi be-ANC mabungaqon­disi amalunga abo izigwegwe kodwa kumele bulalele abantu, bubheke nobungozi bezinto ezingadala udungunyan­e eqenjini nasezweni.

Kuyihubo nje ukuthi kufuneka umengameli wesifazane ngoba kuyacaca uzodonswa ngesidwaba uma esekhuluma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa