UMLIMI ONAKEKELA IMVELO MAKAPHE
SESISONDELE leso sikhathi esinqenwa ngabantu abaningi - ngisho nabalimi imbala - esokuchamusela kwezilwane nezilokazanyana ebezicashele ubusika yikho sizophinda lesi siqephu sokuphepha ngokunakekela. Kunabafundi abakhathazwa yizinyoka emasimini nasemizini yabo.
Inyoka yisilwane esinamahloni, esingafuni ukuzibona siseduze nabantu, yingakho nje isheshe inyelele icashe uma ikubone kuqala. Inyoka ingaba wusizo ngoba inciphisa izilwane ezifana namagundane, izigcilikisha, iminenke, amathuku nezinye izilokazane ezi- yisicefe. Kwesinye isikhathi sibona sesihlangana nayo ekhishini ngoba isuke ilandela umkhondo wokudla. Abantu abaningi kabazi ukuthi yiluphi uhlobo lwenyoka oluyingozi yingakho nje sigcina sesibulala kwasani eyinyoka.
Qinisekisa ukuthi ikhaya lakho kalihehi izinyoka ukuba zizingele, zicanase zize zakhe umuzi wazo emzini wakho. Uma kukhona amabibi abolayo asekade ahlala enganyakaziswa, kulula ukuthi mhla udlula kuwona ubone sekuphithiza izinyoka. Qinisekisa ukuthi kazikho izimbobo nemigojana ekhaya ezenza kubelula ukunyelela kwenyoka ingene endlini noma kwesinye isikhathi uthi ungazelele uyithole seyithokomele egalaji lemoto.
Uma sikhuthaza abalimi bechabuthi sithi mahle amabibi ngoba ungawasebenzisa ukwenza ikhomposti ukuvikela umhlabathi ezimeni zezulu ezinolaka, ekuvikeleni umswakama ungahwanyukiswa yilanga nomoya noma kunjalo, masiwasebenzise ngendlela efanele ukuze angabi yikhaya lezinyoka.
Kunemithi ethile ethengwayo okune- nk izin ka ku sh uk bh ne liya
ba oh be