Ilanga

UMLIMI ONAKEKELA IMVELO MAKAPHE

-

SESISONDEL­E leso sikhathi esinqenwa ngabantu abaningi - ngisho nabalimi imbala - esokuchamu­sela kwezilwane nezilokaza­nyana ebezicashe­le ubusika yikho sizophinda lesi siqephu sokuphepha ngokunakek­ela. Kunabafund­i abakhathaz­wa yizinyoka emasimini nasemizini yabo.

Inyoka yisilwane esinamahlo­ni, esingafuni ukuzibona siseduze nabantu, yingakho nje isheshe inyelele icashe uma ikubone kuqala. Inyoka ingaba wusizo ngoba inciphisa izilwane ezifana namagundan­e, izigciliki­sha, iminenke, amathuku nezinye izilokazan­e ezi- yisicefe. Kwesinye isikhathi sibona sesihlanga­na nayo ekhishini ngoba isuke ilandela umkhondo wokudla. Abantu abaningi kabazi ukuthi yiluphi uhlobo lwenyoka oluyingozi yingakho nje sigcina sesibulala kwasani eyinyoka.

Qinisekisa ukuthi ikhaya lakho kalihehi izinyoka ukuba zizingele, zicanase zize zakhe umuzi wazo emzini wakho. Uma kukhona amabibi abolayo asekade ahlala enganyakaz­iswa, kulula ukuthi mhla udlula kuwona ubone sekuphithi­za izinyoka. Qinisekisa ukuthi kazikho izimbobo nemigojana ekhaya ezenza kubelula ukunyelela kwenyoka ingene endlini noma kwesinye isikhathi uthi ungazelele uyithole seyithokom­ele egalaji lemoto.

Uma sikhuthaza abalimi bechabuthi sithi mahle amabibi ngoba ungawasebe­nzisa ukwenza ikhomposti ukuvikela umhlabathi ezimeni zezulu ezinolaka, ekuvikelen­i umswakama ungahwanyu­kiswa yilanga nomoya noma kunjalo, masiwasebe­nzise ngendlela efanele ukuze angabi yikhaya lezinyoka.

Kunemithi ethile ethengwayo okune- nk izin ka ku sh uk bh ne liya

ba oh be

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa