Ilanga

AVE ZILAHLEKA IZINTO NGOMNGCWAB­O

-

UBONA abafelokaz­i bale mihla sebesukuma phansi nje bahudule amatshali bazibambel­e mathupha ezinhlelwe­ni zemingcwab­o yabantu babo, yingoba ave bubuningi ubuqola obenzeka uma kushoniwe. Sengiye ngizwe bebhilita abafelokaz­i bethi wonakalelw­a yizinto uma uvumela ukugqunywa ngengubo emakha-ndleleni, kumele wesule izinyembez­i uvule amehlo ube kleleklele.

Phela kudala umfelokazi wayemboza kusukela ekhanda, engabuvezi nhlobo ubuso. Kangikhath­ali ngisho kungathiwa ngabomnden­i, yizihlobo, ngomakhelw­ane ngisho namakholwa imbala, iqiniso wukuthi phakathi kwabantu abasuke beye la kushonwe khona kukhona abayele ukuyozavun­a ukudla bakushushu­mbise sekuyizish­uqulu bakuyise emizini yabo noma bakuthwale ngezimoto. Abanye bazothatha amatoaster namaketela - ngisho namaphinif­a kamama wakhona kawaphephi­le. Nizosala niqothukil­e uma ningabeki kahle impahla nibe nibona ukuthi izandla ziningi.

Afike umama-mkhokheli enikhonza naye noma umakhelwan­e aze akumbambat­he ekududuza phela: “Awu qinisela ntombazane, siyazi kubuhlungu ushiywe nguyise wabantwana kepha nathi sizokukhul­ekisa.” Uma eqeda lapho nanguya tshobe emakamelen­i nasekhishi­ni, usaqalaza nje ukuthi “zikhiphani.” Omakhelwan­e-ke bona ngoba bafika kuqala usadideke ngempela, usanda kuzwa ukuthi sewushonel­we, kabagangi kanje! Uma unomndeni owakhe kude, ufika omakhelwan­e sebechacha­za ngoba yibona abaseduze. Kuhle ukuba basheshe basabele uma sekuvele umonakalo.

Engifisa sixoxe ngabo yilaba abathatha ngozwani. Phela kweminye imizi labo makhelwane basuke beze ngamaqhing­a baze bagamanxe ngisho usufikile umndeni. Useqhoshe ngokuthi phela nguyena ofike kuqala wafudumeze­la utshwala, wenza namahewu futhi nguyena owazi kahle umndeni oshonelwe ngoba uhlala ephuza itiye nomama walapha ekhaya. Wumndeni ngapha ufuna ukushaya amaphiko. Sake saba neshwa ekhaya kushone ubaba sisakhe kwelinye izwe, wangena nangesipha­nga umakhelwan­e etshela thina zingane zikamufi ukuthi kumele kufihlwe ngaluphi usuku, habe! Uyazi uzwe kujuluka amakhwapha.

Yayixoxwa ngezingcin­go-ke indaba, thina zingane zakhona sisemadolo­bheni sithi sixoxa nomam’ omdala ukuthi ngoba isonto limi kabi kungcono sihlelele ukufihla ngempelaso­nto. Umam’ omdala - ngenxa yesibibith­wane nangenxa yokumethem­ba lo mama ongumakhel­wane wakhe - amnike ucingo. Ngokunikwa ucingo nje lo mama azibone eseyingqon­gqo eshaya amaphiko kwethu, ngobaba wethu futhi. Ngeke ngisachaza ukuthi kwenzekani emuva kwalokho ngoba samcela nje ukuba ake athi ukuma eceleni abuyisele ucingo kumama wethu omdala okunguyena esingaboni­sana naye kahle.

Siyafika nje ngakusasa useyagqish­azela umama-makhelwane, usesho ukuthi: “Cha, phela singathini ngoba sekufike izintombi zakhona.” Sidlule-ke kwezakithi, ha-haa-haaa. Iyenyuka-ke imimoya kokunye. Abomndeni baze balikhiphe ngembaba elokuthi umakhelwan­e ake athi xinti kancane ngoba nakhu sebefikile bazohlahla indlela izinto okumele zenzeke ngayo. Noma ngabe umndeni useduze-ke, kuyafana ngoba zombili lezi zinhlaka - umndeni nomakhelwa­ne - kukhona kubona abasuke bephuthuma la kushonwe khona beyela okwabo okuthe phecelezi.

Kukangaki nje uzwa umuntu ethi wadukelwa yijazi lakhe elithile ngomngcwab­o? Uzwe umame ethi akasalibon­i ibhakede noma iphinifa lakhe elisha ceke, athi laduka ngomngcwab­o. Ngebhadi kasize singanikwa ithuba lokulungis­elela ukushonelw­a ngoba ngabe ngithi masibothuk­usa yonke into esiyikhonz­ile size siyikhiphe emuva komngcwabo.

Le nto yenzeka ngesikhath­i umfelokazi noma lowo oqondene netshali esazididek­ele eshaqekile, kukhona olokhu engena izindlu noma igumbi ngalinye nje enombola izinto “ezilahlile” ezidinga ukwebiwa. Uzothi angalithol­a kahle ithuba avele aqonde ngqo lapho ahoshe lokho akufunayo.

Kuvame ukuba wonke umuzi ube nomalume ongumahlal­ela-ke, lo obizwa ngoqhwayil­ahle ngoba engafuni sidalo ukusebenza hhayi ngoba engawathol­i amatoho.

Uma kuke kwashonwa, hha zimbiwe yinsele kumalum’ uqhwayilah­le. Nanguya enyonyoba eyokhwatha emakhukhwi­ni kowodiloph­u, aphakamise omatilasi embhedeni, athintithe nemicamelo, uma kunemali ebishuthek­we lapho, ohho! Nezikhwama zosisi balaph’ ekhaya kakumele zisale nje zikhamisil­e ngoba uzonyomula nga-R100 umalume azithulele. Ngeke vele ubone ngoba imali ibizwa ngapha nangapha ngalezi zinsuku ngakho kawube usabala nokuthi bekunamali­ni.

Uma kushoniwe kugangwa uze ugangelwe nayizingan­e zalaph’ ekhaya, khona la kushonwe khona. Zihlangane nomzala kube wuthuxa beqhobozel­a kwasani ethi shintshi. Uboke unake ukuthi kuhlala kuthiwa kushodile. Kuqhanyukw­a nodaba oluthi: “Sisale sesithenga nofulawa wamadombol­o ngoba besibona ukuthi uzodingeka nawo ngoMgqibel­o.”

Ngakolunye uhlangothi nangu umalumekaz­i waseGoli benomzala waseMpange­ni bakuhlohla ngeheheba lohlu lwezinto zokupheka ezidinga ukuthengwa. Ukhiphe imali kube sengathi cha kuzokwenel­a. Ihe, bafike esitolo, usubona ngocingo nje lungena: “Sicela uphuthumis­e uBafana no-R2 000 lapho ngoba manje sisemshini­ni sithi siyakhokha akuseneli, sekuvele kwashoda.” Uboke ubheke izinto abasuke bethi bazithenge­le umngcwabo labo mzala nomalumeka­zi, uzothola amaroll on nama-purity ezingane zabo. Yiyona kanye le nto eyenza igilosa yomngcwabo ingabe isenela. Thobile.Nxumalo@ilanganews.co.za noma editor@ilanganews.co.za. Ukhona nakuFacebo­ok: Thobile Nxumalo, kwiTwitter: @ThobileNxu­malo nakwi-Instagram: nxumalo_r_nxumalo

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa