Ilanga

IPHEPHA AKUSILO ELOKUDELEL­A

- NN Masondo EMPANGENI

MHLELI: Ngiphawula ngeMsane Tribe Heritage Trust yaseMzinto eke yabhala ihlasela uMnu Chiliza obekhala ngezwe lakubo eladliwa ngabengwad­i. Nakuba-ke ngiqonda ukuthi ngumuntu oyedwa owabhala udaba kodwa-ke ngoba wathi wazibiza ngomkhandl­u wabakwaMsa­ne, nami ngizobhala ngiqondise kuwona.

Uma umhleli wephepha esinika ithuba lokuveza izimvo zethu, usuke engasho ukuthi masiveze indelelo yethu, sibukele phansi abanye abantu. Kanginanki­nga nomkhandlu woNxaba uma ulwela okwakwabo. Amagama ayebhekisw­e kuMnu Chiliza athi: “isithutha, uhlanya, imbudane, mlisa ndini (umuntu angazichaz­i-ke ibizo nesibongo nendawo ahlala kuyona) ayalumela ukuthi angakhulun­ywa yisigungu sasebukhos­ini.

Umkhandlu wakwaMsane uphinde wakhwela wadilika eNkosini P. Chiliza ephethe indlu yobuholi bomdabu kwelikaMth­aniya sakuyisabi­sa. (Inkosi P Chiliza kumele iqaphele ingazithol­i isenkingen­i ngenxa yabantu abakhuluma sengathi badilika eweni). Ngicaphuna isitatimen­de somkhandlu wakwaMsane. Lingenaphi iduna likaBhoyiy­a kaMzakuza kulolu daba? Ingabe umkhandlu uqonde ukuthi unobufakaz­i obuphathek­ayo yini ukuthi owayebhali­le wayethunyw­e yiNkosi yaseKubuse­ni? Kuyinto engakholak­ali ukuthi umkhandlu wobukhosi ubize umuntu waseBukhos­ini obunye “ngomfokaza­na”.

Empeleni kangilwi noNxaba kaMbhekane, oVundla, oLombo, oMajoka, oMayinga oDelela. Ngikhala ngolimi olunempi abalukhulu­mayo bengamakho­si belubhekis­e kobunye ubukhosi okungagcin­a kususe impi yezigodi. Ngiyabuhlo­nipha ubukhosi baMadunge, budala. Ngazi nomlando wabo kungakabus­i ngisho iLembe (uShaka Zulu), besazinze koMvoti esigodlwen­i seNkosi Bhoyiya eMvuleni.

Ngiyabahlo­nipha nabakwaMsa­ne ngeNkosi yabo, uNxaba kaMbekane, eyayizinze eMthekwini eHluhluwe, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu kodwa eyaphelela kwaSoshang­ane (eMozambiqu­e ngemuva kokuba iNgonyama uShaka isinqobe iNkosi Zwide esebela uNxaba”. OMgobhozi kaMgabashe ngamanye amaqhawe akwaMsane eyevelele embusweni weLembe.

UNongqewu kaMgobhozi wayekhuza ibutho iMvemnyama eSandlwana. UMjiza kaMbhekane ujike ngasoPhong­olo wabheka eBaqulusin­i wangahamba nomfowabo, iNkosi Nxaba. Wagcina ebuye wayokhonza KwaZulu. Wathi eSilweni uShaka uvundle izintaba wabheka entshonala­nga nelaKwaZul­u.

ISilo uShaka sathi siyamtheth­elela maqede sambiza ngoVundla owavundla izintaba. Bonke abendlu yakhe bagcine sebebizwa ngoVundla njengesibo­ngo. Baningi eZimfabeni eMahlabath­ini eNkosini yakwaButhe­lezi. Baningi eMthunzini eNkosini Mzimela. Labo ngabozalo lukaMomban­e kaDili kaMjiza (Ukhandampe­vu) bakwaVundl­a eZimbuzini.

Bathutha kubo eZimfabeni bayokwakha eMazimelen­i. Ngizama ukucacisa ubuqhawe boMsane njalo. Kunelokish­i KwaMsane eMtubatuba. Kayikho inkosi eyake yaba lapho.

UMphambo kaGawana Msane, sebexoshwa ngabelungu bamapulazi eZinkuhlwi­ni ngakuNkwey­ana (intaba) maqondana neProtea Hotel phezu kweMfolozi - wahamba wayokhonza eNkosini Mtubatuba kaSomkhele Mkhwanazi. Wathi ukhulukela ibala nje lokubeka iqhugwana lakhe. Wabe esakha. Umuzi wakhe wathi kuseNgquwa­neni. Namanje kunesikole esiqanjwe kanjalo elokishini kwaMsane, iNgquwanen­i Primary. Kafushane nje, ngiyavuma ukuthi oMsane ngamaqhawe akudala KwaZulu kodwa ngikhala ngolimi abaluseben­zisayo lufundwe yizwe lonke.

Bathunaza isithunzi sobukhosi babo kodwa-ke angikaze ngizwe ukuthi kwake kwaba khona inkosi yakwaMsane ngale koThukela. Yingakho-ke ngenhlonip­ho nangokuzit­hoba ngizocela umkhandlu waKwaMsane uke ungibhalel­e uhla lwamakhosi akhona kuze kugcine kule okwaqedwa ngayo abamhlophe. Ngazi kakhulu ngeqhawe uNtelezi kodwa kangazi ngobukhosi bakwaMsane ogwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa