IPHEPHA AKUSILO ELOKUDELELA
MHLELI: Ngiphawula ngeMsane Tribe Heritage Trust yaseMzinto eke yabhala ihlasela uMnu Chiliza obekhala ngezwe lakubo eladliwa ngabengwadi. Nakuba-ke ngiqonda ukuthi ngumuntu oyedwa owabhala udaba kodwa-ke ngoba wathi wazibiza ngomkhandlu wabakwaMsane, nami ngizobhala ngiqondise kuwona.
Uma umhleli wephepha esinika ithuba lokuveza izimvo zethu, usuke engasho ukuthi masiveze indelelo yethu, sibukele phansi abanye abantu. Kanginankinga nomkhandlu woNxaba uma ulwela okwakwabo. Amagama ayebhekiswe kuMnu Chiliza athi: “isithutha, uhlanya, imbudane, mlisa ndini (umuntu angazichazi-ke ibizo nesibongo nendawo ahlala kuyona) ayalumela ukuthi angakhulunywa yisigungu sasebukhosini.
Umkhandlu wakwaMsane uphinde wakhwela wadilika eNkosini P. Chiliza ephethe indlu yobuholi bomdabu kwelikaMthaniya sakuyisabisa. (Inkosi P Chiliza kumele iqaphele ingazitholi isenkingeni ngenxa yabantu abakhuluma sengathi badilika eweni). Ngicaphuna isitatimende somkhandlu wakwaMsane. Lingenaphi iduna likaBhoyiya kaMzakuza kulolu daba? Ingabe umkhandlu uqonde ukuthi unobufakazi obuphathekayo yini ukuthi owayebhalile wayethunywe yiNkosi yaseKubuseni? Kuyinto engakholakali ukuthi umkhandlu wobukhosi ubize umuntu waseBukhosini obunye “ngomfokazana”.
Empeleni kangilwi noNxaba kaMbhekane, oVundla, oLombo, oMajoka, oMayinga oDelela. Ngikhala ngolimi olunempi abalukhulumayo bengamakhosi belubhekise kobunye ubukhosi okungagcina kususe impi yezigodi. Ngiyabuhlonipha ubukhosi baMadunge, budala. Ngazi nomlando wabo kungakabusi ngisho iLembe (uShaka Zulu), besazinze koMvoti esigodlweni seNkosi Bhoyiya eMvuleni.
Ngiyabahlonipha nabakwaMsane ngeNkosi yabo, uNxaba kaMbekane, eyayizinze eMthekwini eHluhluwe, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu kodwa eyaphelela kwaSoshangane (eMozambique ngemuva kokuba iNgonyama uShaka isinqobe iNkosi Zwide esebela uNxaba”. OMgobhozi kaMgabashe ngamanye amaqhawe akwaMsane eyevelele embusweni weLembe.
UNongqewu kaMgobhozi wayekhuza ibutho iMvemnyama eSandlwana. UMjiza kaMbhekane ujike ngasoPhongolo wabheka eBaqulusini wangahamba nomfowabo, iNkosi Nxaba. Wagcina ebuye wayokhonza KwaZulu. Wathi eSilweni uShaka uvundle izintaba wabheka entshonalanga nelaKwaZulu.
ISilo uShaka sathi siyamthethelela maqede sambiza ngoVundla owavundla izintaba. Bonke abendlu yakhe bagcine sebebizwa ngoVundla njengesibongo. Baningi eZimfabeni eMahlabathini eNkosini yakwaButhelezi. Baningi eMthunzini eNkosini Mzimela. Labo ngabozalo lukaMombane kaDili kaMjiza (Ukhandampevu) bakwaVundla eZimbuzini.
Bathutha kubo eZimfabeni bayokwakha eMazimeleni. Ngizama ukucacisa ubuqhawe boMsane njalo. Kunelokishi KwaMsane eMtubatuba. Kayikho inkosi eyake yaba lapho.
UMphambo kaGawana Msane, sebexoshwa ngabelungu bamapulazi eZinkuhlwini ngakuNkweyana (intaba) maqondana neProtea Hotel phezu kweMfolozi - wahamba wayokhonza eNkosini Mtubatuba kaSomkhele Mkhwanazi. Wathi ukhulukela ibala nje lokubeka iqhugwana lakhe. Wabe esakha. Umuzi wakhe wathi kuseNgquwaneni. Namanje kunesikole esiqanjwe kanjalo elokishini kwaMsane, iNgquwaneni Primary. Kafushane nje, ngiyavuma ukuthi oMsane ngamaqhawe akudala KwaZulu kodwa ngikhala ngolimi abalusebenzisayo lufundwe yizwe lonke.
Bathunaza isithunzi sobukhosi babo kodwa-ke angikaze ngizwe ukuthi kwake kwaba khona inkosi yakwaMsane ngale koThukela. Yingakho-ke ngenhlonipho nangokuzithoba ngizocela umkhandlu waKwaMsane uke ungibhalele uhla lwamakhosi akhona kuze kugcine kule okwaqedwa ngayo abamhlophe. Ngazi kakhulu ngeqhawe uNtelezi kodwa kangazi ngobukhosi bakwaMsane ogwini.