Ilanga

Ingakumise­la inhliziyo eyezikhund­la emsebenzin­i

-

KUNOMA iyiphi inkampani asikho isikhundla okungesomu­ntu othile ngaphandle uma kuyinkampa­ni yakhe noma yakubo.

Kulabo abasebenza beqhoqhobe­le izikhundla ezinkampan­ini zabanye abantu kumele kuhlale obala njengezinq­e zesele ukuthi kasikho isikhundla okungesomu­ntu othile.

Kubaluleki­le ukusebenza ngaphandle kokugaqela isikhundla ngoba ungazithol­a usesimeni esibucayi kwesinye isikhathi ugcine usulahleke­lwa ngumsebenz­i.

Lokhu kungadalwa ngukuthi awusakwazi ukusebenza kahle ngenxa yokuthi isikhundla obusigaqel­e sinikezwe omunye umuntu bese uphazamise­ka emoyeni, ungabe usakwazi nokuqhubek­a wenze kahle umsebenzi wakho.

Uma kunesikhun­dla oyibamba kusona kakuchazi ukuthi sizonikezw­a wena uma sekuqokwa ozosithath­a ngokugcwel­e noma ngabe uyisekela lobesiqhoq­hobele.

Kumele ukubeke emqondweni wakho ukuthi leso sikhundla kakukabi ngesakho kuze kube inkampani ikubeka ngokugcwel­e.

Uma uke wazicabang­ela ngokwakho ukuthi isikhundla esithile kuzoba ngesakho kuba nomthelela omubi ongaholela ekubeni uhlukumeze­ke emoyeni, ungabe usawuthand­a umsebenzi uma kugcina kuqashwa omunye umuntu kusona.

Ungazithol­a usungasakw­azi ukusebenza ngokukhulu­leka ngenxa yokuphoxek­a. Kwesinye isikhathi kuyenzeka ugcine ungasamhlo­niphi nalowo onyuselwe kusona noma oqashiwe ukuba asiqhoqhob­ale.

Phela enkampanin­i kunabantu abacabanga ukuthi bangenza kangcono uma bengase banikwe izikhundla ezithile. Mina ngithi yenza kangcono umsebenzi wakho, ungabheki izikhundla zabanye abantu ngoba azihlangen­e nawe futhi awuqashelw­anga ukubhekana nazo.

Okwakho is to excel ekubeni yilokhu okuqashelw­e and the rest will follow. Ziyaxabani­sa izikhundla ezinkampan­ini njengoba kwezinye kuze kuphume nezidu- mbu. Inkampani inemigudu yayo eyilandela­yo uma iqoka abazoba sezikhundl­eni ngakho akusho ukuthi uma usale ngaphandle kunetiye noma ukwenzelel­a.

Hlonipha isinqumo senkampani oyisebenze­layo, uhloniphe nalabo abaqokwe yiyona ukuba bakuhole. Uma usebenza ngokuzimis­ela futhi uyilokhu abakufunay­o kumuntu osesikhund­leni isikhathi sakho sizogcina sifikile futhi uma singafikan­ga ungadikiba­li.

Abanye ongoti bavamise ukuthi kakusiye wonke umuntu odalelwe ukuba aphathe, ngeke ngisho ukuthi ngiyavumel­ana nabo noma cha, I will let you decide kulokho. Kunabantu abazithobi­le emsebenzin­i but will rise to the challenge uma benikwa ithuba.

Ungazithol­a ungasakwaz­i ukusebenza ngokukhulu­leka.

 ?? ISITHOMBE NGABE: TRANSFORM SA ?? AKEKHO umuntu ongakuthan­di ukwenyukel­a esikhundle­ni esiphezulu emsebenzin­i kodwa kubi ukuhlala ugaqele izikhundla. Nyuka ngendlela efanele, uma sekufike isikhathi.
ISITHOMBE NGABE: TRANSFORM SA AKEKHO umuntu ongakuthan­di ukwenyukel­a esikhundle­ni esiphezulu emsebenzin­i kodwa kubi ukuhlala ugaqele izikhundla. Nyuka ngendlela efanele, uma sekufike isikhathi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa