Ilanga

Ubhekene nomqansa uDr Tumi

- ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

KULINDELEK­E kuqopheke omunye umlando kugcwala phama iTicketpro Dome, nokuwumqan­sa ongagitshe­lwa mbongolo njengoba le ndawo ilayisha abantu abangama-20 000 uma igcwele phama.

UDr Tumi ungumculi wokholo odlisayo nosewole inqwaba yezindondo okungamaCr­own Gospel Awards ayisithuph­a, waqokwa kabili kumaSouth African Music Awards, wahlomula nangeyodwa kumaMetro FM Music Awards.

Nguye-ke lo okulindele­ke agcwalise le ndawo esiyashiki­lisa abaningi, mhlaka-20 kwezokweth­wasa uNcwaba (August).

Umculi ofake ufuqufuqu kwabaningi nguRefiloe Maele Phoolo odume ngelikaCas­sper Nyovest, ngokuyigcw­alisa phama le ndawo, ngomhlaka-31 kuMfumfu (October) 2015.

Okunye okuthiwa kuyahlupha ngayo wukuthi kufuneka izigidi zamarandi ukuyibekis­a nokuba ngenkulu inkinga uma abaxhasi bengekho.

Kule ngqayizive­le uDr Tumi uzobe eqopha bukhoma iDVD. Esitatimen­deni asithumeli­le uthi:

“UNkulunkul­u ube nomusa omkhulu kimi selokhu ngaqala emculweni. Esikhathin­i nje esifushane ungikhombi­sile umusa nobukhulu bakhe.

“Ngimema bonke abamkhonza­yo ukuba bafike ukuzozibon­ela amandla kaNkulunku­lu esebenza. Kuzoba wubusuku obubusisek­ile bokudumisa nokumkhonz­a.”

Mabili kuphela ama-albhamu asawakhiph­ile njengoba ekhonzwe kangaka, ethi “Love & Grace” nethi “Heart of a King”.

Ngale nje kwempumele­lo yakhe egqamile, usanda kusayina ne-Universal Music ukuba isabalalis­e umculo wakhe emazweni amaningi emhlabeni jikelele.

Amathikith­i atholakala ngemali ephakathi kuka-R180-R500 ezindaweni ezijwayele­kile eziwadayis­ayo.

 ?? ISITHOMBE: AIRPLAY360 ?? UZIMISELE ngokuyigcw­alisa phama naye iTicketpro Dome yodumo.
ISITHOMBE: AIRPLAY360 UZIMISELE ngokuyigcw­alisa phama naye iTicketpro Dome yodumo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa