Umphakathi ukhala ngomtholampilo oxathukayo
Iziguli zinikwa imishanguzo ngaphansi kwesihlahla
SINYAKAZISA umphakathi isimo somtholampilo waKwaShemula eJozini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal oxathuka indle egqashula ikhanda - kanti ukungabikho esimeni esigculisayo kwawo kwenza iziguli zelashelwe ngaphansi kwezihlahla.
ILANGA lihlangatshezwe yiphunga lendle lingena esangweni lalo mtholampilo. Amalunga omphakathi athi afisa ukwakhelwa umtholampilo omusha kwazise lo owusebenzisayo isiphelile indaba yawo, usumdala kakhulu. Abesifazane nabesilisa baphoqeleka ukusebenzisa indlu eyodwa yangasese uma bezikhulula.
Amalunga omphakathi athi ahamba amabanga amade kodwa afike ahlale usuku lonke emtholampilo aze abuyele emuva engalutholanga usizo. Athi okunye kwakho kudalwa wubuncane besibalo sezisebenzi eziqashelwe ukubheka lo mtholampilo.
Kunabahlengikazi abane kuphela abaqashwe ngokugcwele. Leli phephandaba lihoshe umoya othi kunabahlengikazi abathathu kulaba asebefake izincwadi zokushintshelwa kwezinye izindawo.
Kuthiwa kakubona abokuqala njengoba kuthiwa kusuke kuyinhlanhla uma umhlengikazi eqede iminyaka emibili engadlulelanga phambili ngoba ekhala ngesimo esingesihle asebenzela ngaphansi kwaso.
Kuthiwa nabo laba abafuna ukushiya bakhala ngazo lezi zimo abasebenzela ngaphansi kwazo. Phakathi kwezinto ezingekho esimeni esigculisayo yizindonga eziqhekekayo, abalanda imishanguzo yokuthithibalisa izifo ezahlukene bayinikezelwa ngaphandle kubuka izimbuzi, kwesinye isikhathi kuya- ye kugcwale kugcine sekuholele ekubeni abanye belashelwe ngaphansi kwesihlahla.
Isakhiwo sigcwele izimbobo kothayela, izindlu zangasese ziphethuka izimpethu, kudingeka uqale ngokuzithintitha bese ubeka isinqe. UMnu Mvayiza Khumalo oyilunga lomphakathi, uthi sebezame kaningi ukuthola usizo kodwa lu- tho.
Uthe namanje basaqhubeka nokuncenga uhulumeni ukuba ubakhele umtholampilo uhlukane nezimpi zombusazwe. Usihlalo wekomiti elibhekelele ezempilo kule ndawo, uMnu Mbuso Gumede, uthi sesiside kakhulu isikhathi eqokelwe esikhundleni sokuhola leli komiti kodwa okubuhlungu wukuthi uzoze aphume kungekho okuphathekayo akwenzele umphakathi.
“Sesibhale izincwadi eziningi kakhulu kodwa namanje lutho impendulo. Uma siyozama ukuba nezingxoxo nabaphathi besibhedlela esingaphansi kwaso, iMosvold, eNgwavuma, basitshela ukuthi masibuyele emuva siyokhipha lo sathane ophethe iwadi.
“Bathi ngeke usathane akwazi ukufaka izicelo ziphumelele kuNkulunkulu. Ngiyaqhubeka ngiyacela, kuhulumeni wesifundazwe ukuba ungenelele kule nkinga esibhekene nayo lapha. Le nkululeko abahlala beyimemezela kayikho lapha KwaShemula.
“Okuzolandela umphakathi uzobavala ukuba bazokhankasa la- pha,” kuphetha uMnu Gumede.
Leli phephandaba lizame kaningi ukuxhumana nobuholi besibhedlela kwangalunga. Izingcingo zesibhedlela bezikhala zingemukelwa muntu. Abantu bakuleya ndawo bahlaselwa kakhulu wufuba nohudo kanti basola iphunga elibi abalihogela nsuku zonke eliphuma kulo mtholampilo.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnu Agiza Hlongwane, unxuse ukuba athunyelelwe imibuzo nemininingwane ngobhalonyazi ( e-mail). Uthe ngokwakhe nabanye ozakwabo kabanalwazi oluphelele ngosizi olubhekene nomphakathi wakule ndawo.
“Ngizocela ukuba ningithumelele imibuzo ukuze ngizoxhumana nethimba lethu eliseNgwavuma,” kusho uMnu Hlongwane.