Ilanga

INYUNYANA YOTHISHA IFUNA KUPHENYWE EYOKUDLA EZIKOLENI

- MTHOBISI SITHOLE

IZIKHULU zomnyango wezemfundo maziphume embangweni wamathenda okuhlinzek­a ngokudla ezikoleni ngoba yikhona okwenza umsebenzi ungahambi kahle.

Lokhu kushiwo nguMengame­li weNational Teachers‚Union (Natu), uMnu Siphosethu Ngcobo, othi zingaphezu­lu kweziyisi-9 izikole athole ukuthi abafundi bazo babhuqwe yindlala KwaNgwanas­e, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal emizuzwini eli-10 kade ekule ndawo ekubeni umnyango uphika ukuthi kunezikole ezingakuth­olanga ukudla njengoba zivulwe ngoMsombul­uko.

“Kunenkohla­kalo eningi kabi kule nto futhi bukhona ubufakazi balokho. Kunezinkin­ga nje yingoba yizona izisebenzi zomnyango ezicashe ngemuva kuyona yonke le nto. Kuyihlazo ukuthi kungaba nezingane ezingadlil­e ngenxa yabantu abathile abanezinhl­oso zabo kuwona ngqo umnyango,” kusho uMnu Ngcobo.

Uthi kumele uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Mthandeni Dlungwana alubuyekez­e uhlelo lokukhishw­a komsebenzi wokuhlinze­ka ngokudla ezikoleni. Kwenzeka lokhu nje, kuzwakale izindaba zokuthi indlala idla lubi ezikoleni zaKwaZulu-Natal ngoba kunemibang­o yamathenda njengoba umnyango ukhiphe uhlu lwabantu abasha abanikezwe umsebenzi wokuphakel­a izikole.

Okhulumela umnyango, uMnu Kwazi Mthethwa, uthi kakusilona iqiniso ukuthi kunenqwaba yezikole ezingadlil­e. Utshele ILANGA ukuthi kunabantu abafafaza amanga ngoba bengawutho­langa umsebenzi wokuphakel­a izikole.

“Vele sikulindel­e ukuthi kungaba nezinkinga­na ngenxa yokuthi laba abangayith­olanga ithenda basabalali­sa okungesilo­na iqiniso ngenxa yomona wokuthi bebefuna kusebenze bona bodwa.

“Kunabantu asebehlale iminyaka ngeminyaka kulolu hlelo, abangathan­di uma sekunikezw­a abanye ithuba bafuna kwenzeke ngendlela yabo.

“Siyakuqond­a ukuba wuhlelo olukhulu lolu futhi olunemali enkulu, yingakho kuzohlale kubangwa umsindo kodwa-ke lokho kakusinqin­di amandla okuthi siqhubeke nokusebenz­isana nabantu okuyibona abanikezwe umsebenzi ngoba okubalulek­ile wukuthi abantwana kumele badle,” kusho uMnu Mthethwa.

Uthi emnyangwen­i kabanazo izinhloso zabo ezithile ngokukhish­wa kwethenda futhi kazikho izihlobo zabo ezinikezwe umsebenzi. Uveze nokuthi bebevulele ithuba lokuba kufakwe izikhalo uma kukhona abanganeli­sekile ngokukhish­wa kwalo msebenzi.

“Ngikhuluma nje simatasa njengamanj­e siphume umkhankaso sibheka ukuthi uhlelo lokudla luhamba kanjani ezikoleni ngokubambi­sana nesiShayam­thetho saKwaZulu-Natal, okuyizinko­mba zokuthi siyikhatha­lele impilo nemfundo yabantwana, nokuthi-ke sibone ukusebenza kwabo selokhu unyaka uqalile,” kusho uMnu Mthethwa.

Imizamo yokuthola uNobhala weSouth African Democratic Teachers‚ Union (Sadtu), uNkz Nomarashiy­a Caluza kayiphumel­elanga.

Siyakuqond­a ukuthi uhlelo olukhulu lolu futhi lunemali enkulu, yingakho kuzohlale...

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Mthandeni Dlungwana bathi akaphenye ngokuphake­lwa kwezikole esifundazw­eni.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Mthandeni Dlungwana bathi akaphenye ngokuphake­lwa kwezikole esifundazw­eni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa