Ilanga

BAKHATHAZE­KILE NGENQUBO YESIKOLE

- MTHOBISI SITHOLE

BAKHATHAZE­KILE ngokuxoshw­a kwezingane zabo abazali babafundi baseHawa Primary School KwaWosiyan­e, eNdwedwe, enyakatho yeTheku - abayisola ngokuthi kayinamthe­tho. Lokhu kuthiwa sekwenze abafundi abaningi bafudukela kwezinye izikole.

Laba bazali sebezwakal­ise ukungaphat­heki kahle ngenqubo yakulesi sikole okubikwa ukuthi izingane zakhona zigcwala umgwaqo ngesikhath­i sokufunda njengoba zisuke zixoshelwe ukufika emuva kwesikhath­i.

Omunye umzali utshele ILANGA ukuthi ngoMsombul­uko kakufundwa­nga esikoleni kuxoshwe inqwaba yezingane ngoba kuthiwa bezingekho ngosuku okuvalwe ngalo esikoleni ngenyanga edlule. Uthi babizwe esikoleni ekubeni kwabona othisha bebengekho ngalo lolu suku. Uveze nokuthi izingane eziningi kazisekho kulesi sikole, sezifunda kwezingoma­khelwane.

“Izingane ziyafeyila ngoba kayikho imfundo. Uma ubheka nebhuku lengane lapho ibhalela khona, kakukho okukhombis­a ukuthi uthisha uyawuhlola umsebenzi wayo nsuku zonke. Uma lina isuke igcagcele esokeni kothisha.

“Ngikhuluma nje izingane sezilingan­iselwa ema-40 isikole sisonke,” kusho umzali. Uthi ngeke bathule konakala ngoba sekubonake­le ukuthi isiphetho wukuba sivalwe isikole ngoba othisha abasele kabeqile kwabayisih­lanu.

Uthi okubakhath­aza kakhulu wukuthi nezingane ezihlala noninakhul­u kazivunyel­we ukuya nabo uma zibizwe esikoleni, kufunwa abazali bazo uqobo.

"Kasikwazi ukubeka uvo lwethu esikoleni ngoba uthishanhl­oko uvele athi ngeke atshelwe ngabantu ukuthi isikole kumele asiphathe kanjani. Masingathw­ali icala lokuthi izingane kazisashay­wa, zonke izinsuku sibizwa esikoleni, kakuhluken­e nokuthi kushaywa thina manje,” kusho umzali.

Uthi okunye okuyinking­a kulesi sikole wukuthi kuxake isomiso, abafundi abaphuzi lutho ubusika nehlobo kuyazifane­la kodwa amathangi akhona ngaphakath­i. Ethintwa uthishanhl­oko wesikole, uMnu Sbusiso Nkosi, ukhale ngokuthi usaxinekil­e kodwa wathi abazali bayayazi imigudu efanele uma bengenelis­ekile ngaphambi kokuba udaba baludlulis­ele kwabezinda­ba.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthi kakulona icala ukubizwa komzali kodwa ukungafund­i kwabafundi bayakugxek­a kakhulu.

“Ungqongqos­he ufuna kufundwe ngaso sonke isikhathi kungabikho­na umntwana ohleli ngaphandle ngesikhath­i sokufunda. Sizoxhuman­a nabahloli ukuze lubhekisis­we udaba lwalesi sikole,” kusho uMnu Mthethwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa