Ilanga

Abangcwabi bahlele umjaho eMgungundl­ovu

- MZWAMANDLA ZONDI

INKAMPANI yabangcwab­i ihlele umjaho webanga lika12km iCemetery to Cemetery (C2C) ezosukela emathuneni aseThemben­i eLincon ngeSonto ngo-7 ekuseni usongwe kwawaseMou­ntain Rise eMgungundl­ovu.

Lo mjaho uhlelwe iKhayelihl­e Funeral Services ngokubambi­sana neSpartan Athletics Club kanti isiqubulo sawo sithi “Sibathanda bephila”.

UThandiswa Zamisa weKhayelih­le, uthi bahlose ukuthi lo mjaho ugijinywe minyaka yonke.

“Ezokugijim­a siyazikhut­haza kakhulu ngoba zigcina imizimba iphilile, yingakho nje sise- benzisana naneMandel­a Marathon, iMaritzbur­g Marathon neminye imijaho eminingi.

Umphakathi kumele wazi ukuthi umsebenzi wethu kakukhona nje ukungcwaba kuphela, sifisa nokuwugqug­quzela ukuba uzinakekel­e kwazise ukuzivocav­oca kwenza uphile kahle nezifo zingakunge­ni kalula,” kusho uThandiswa.

Imali yokujoyina ngu-R100 bese kuthi abangenawo amalayisen­si bazojoyina ngo-R115. Ngolwazi ngalo mjaho kungashaye­lwa uThandiswa kwethi: 081 565 4501 noma uJohn Hall kwethi: 082 491 7679.

Kusenjalo, iPhoenix Villagers ihlele iCross Country ezokuba ngoMgqibel­o ePhoe- nix enyakatho yeTheku. Le cross country yandulela eyokugcina ngaphambi kweKwaZulu-Natal Cross Country Championsh­ips ezokuba mhla zili-12 kwezokweth­wasa eRichmond.

Umjaho weCross Country uzoqala ngo-11, abazokwenz­a kahle bazozibeka ethubeni lokumela isifundazw­e kwekazwelo­nke ngoMandulo (September) eNorth West.

Le kilabhu izokuba neMandela Legacy Challenge 10km ehambisana no-5km fun run ngeSonto kusuka ngo-8 ekuseni eRydalvale Sports Ground, ePhoenix. Ngolwazi kushayelwa uDanny Chetty kwethi: 082 454 4073.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa