Ilanga

Bayalwe ukulwela ibheji leChiefs

Uzimisele ngamagoli olambele uthando lwabalande­li

- MFANAFUTHI NDLOVU

ULAMBELE amagoli azomsiza ukuzifaka ezinhliziy­weni zabalandel­i beKaizer Chiefs uJoseph “Tight” Molangoane oyisikhwis­hikhwishi sale kilabhu ezobhekana ne-Orlando Pirates koweCarlin­g Black Label Champions Cup ngoMgqibel­o ngo-15h00 eFNB Stadium, eGoli.

Ekhuluma neLANGA izolo ngoLwesith­athu emini lo mdlali uthi kayikho into ayifisa njengokubo­shelwa kulo mdlalo womkhaya azwakalise ukuthi uchazwa kakhulu yinhlokomo eyenzekayo nxa ebambe ibhola.

Uthi ufuna ukuphenduk­a umngani omkhulu wenethi okuzokwenz­a abalandeli bafe nakakhulu ngaye.

“Engikuqaph­elile ngesizini edlule wukuthi kangizange ngenze kahle ikakhuluka­zi ekuhlohlen­i amathuba abengasiza ikilabhu yenze nakangcono. Kule sizini ngizimisel­e ngokwenyus­a izinga lami ekuhlohlen­i amagoli. Ngisebenze­la phezu kwalokho ejimini, ukungayibh­eki inethi.

“Sifuna ukuwunqoba kumnyama kubomvu lo mdlalo kwazise uzosifaka olukhulu ugqozi ngaphambi kokuqala kwesizini. Phela ukuwina umdlalo womkhaya kunyusa ukuzethemb­a,” kusho lo mdlali.

Uthi bayalwe nguSteve “Mphathi” Komphela, ongumqeqes­hi weChiefs, ukuhloniph­a abaqeqeshi bosuku kulo mdlalo baphinde baqikelele ukuthi bayawunqob­a.

Lapha kuhlala ebhentshin­i abalandeli ababili bala makilabhu ababa nenhlanhla yokuqokwa ngenxa yokuvota kakhulu.

“Sifunda kuyona yonke imidlalo. Nakulona kuningi esizokufun­da ngaphambi kokuqala kwesizini esizimisel­e ngokwenza kahle kakhulu kuyona. Sidonswe ngendlebe ukulwela ibheji leKaizer Chiefs kule sizini,” kusho uMolangoan­e abaningi abathi ubakhumbuz­a uJabu “Pule” Mahlangu.

Uthi ubheke ukuthi bangene khaxa abadlali abasanda kusayinwa yile kilabhu kubalwa uTeenage Hadebe noPhilani Zulu.

Nakuba bengavotel­wanga abadlali abasha kodwa kulindelek­e ukuba balithole ithuba ngesiwombe sesibili.

KwiPirates kubhekeke ukuba babonakale ukuthi baphetheni uThamsanqa “General” Sangweni noMusa Nyatama abadlala esiswini.

Laba badlali kubukeka bezokhipha ngesango u-Issa Sarr kule kilabhu uma engawanyus­i amasokisi ngoba bayibamba endaweni yakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa