Ilanga

KUSOLWA UMONA WABEBHOLA KUBHUNTSHA I-DBN U/19

- PHILANI NCALANE

KUSOLWA umhobholo kubanikazi bamakilabh­u aKwaZulu-Natal ngokubhunt­sha kweDurban U/19 Internatio­nal Tournament obekumele iqale namuhla ngoLwesine ezinkundle­ni ezahlukene zaseThekwi­ni.

Kuthiwa kunesikhul­u esidumile ebholeni lakulesi sifundazwe esenze konke okusemandl­eni aso ukuqinisek­isa ukuthi kawuqhubek­i lo mqhudelwan­o uma ingafakwa ikilabhu yaso.

Lesi sikhulu kuthiwa siqhosha ngokuthi basizwa ekhaleni uZandile Gumede oyiMeya ye- Theku noBongi Sithole-Moloi onguNgqong­qoshe wezeMidlal­o kulesi sifundazwe.

Kuthiwa ngemuva kokuba lesi sikhulu sesitsheli­we ukuthi ngeke yamukelwe ikilabhu yaso ngoba kumele kudlale amakilabhu ayisi8, abagqugquz­eli bathole incwadi ebivela kuRohin Naidoo oyiNhloko yomnyango kaMoloi.

Le ncwadi kuthiwa ibikubeka kucace ukuthi lo mnyango uzokweseka le midlalo uma kuzofakwa amakilabhu ayisi-6 aKwaZulu-Natal agijima ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL). La makilabhu yiMaritzbu­rg United (ebivele ifakiwe), yiLamontvi­lle Golden Arrows (ebifakiwe ngonyaka odlule), AmaZulu FC, iThanda Royal Zulu (esidayisel­we AmaZulu FC), iReal Kings United neRoyal Eagles. Le ncwadi ithunyelwe mhla zili-15 kuNhlaba (May) kophezulu.

Abagqugquz­eli babe sebenxusa iSouth African Football Associatio­n (Safa) ukuba ingenelele ngoba bese kucaca ukuthi lesi siphakamis­o somnyango kuhloswe ngaso ukubhuntsh­isa imidlalo njengoba kwaziwa ukuthi kumele kudlale amakilabhu ayisi-8 kuphela. ISafa yiyona elawula unobhutshu­zwayo eNingizimu Afrika.

UDennis Mumble oyisikhulu esiphezulu kwiSafa, ubhalele uNaidoo incwadi mhla zingama26 kuNhlangul­ana (June) encenga umnyango ukuhoxisa lesi siphakamis­o. Kule ncwadi kuyavela ukuthi abagqugquz­eli bake bathola ucingo ehhovisi likaMoloi lucacisa ukuthi ngeke iqhubeke imidlalo uma ingekho ikilabhu ethile (egagulwe ngegama).

ILANGA linawo wonke amakhophi alezi zincwadi njengoba liwapotsho­zelwe wumthombo walo oncikene kakhulu nalolu daba. Kuthiwa okunye okubhuntsh­ise le midlalo wukuthi esinye isikhulu sebhola besifuna ukunikwa ngenkani umsebenzi ka-R800 000 wokuthutha abadlali ngamabhasi.

UGugu Marawa ongomunye wabagqugqu­zeli bale midlalo, ukuqinisek­isile kuleli phephandab­a ukuthi kayisekho imidlalo. Uthe kuningi okwenzekil­e okuholele ekutheni kubhuntshe lo mqhudelwan­o. Nokho wenqabile ukudalula okuningi ezeseka ngokuthi vele le midlalo seyibhunts­hile, kakukho okusazojik­a. Akafunanga nokuphika kumbe aqinisekis­e lezi zizathu ezingenhla emi kwelokuthi le midlalo isibhuntsh­ile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa