Ilanga

UBONA IBAFANA IZONGENA KALULA KWEYOMHLAB­A NGO-BAXTER

- PHILANI NCALANE Ebika eseSoweto philanin@ilanganews.co.za

UTHABO Senong, oyiphini likaStuart Baxter ongumqeqes­hi weBafana Bafana, uthi lesi sikwati sisazozuza lukhulu ngaphansi kwalo mqeqeshi odabuka e-England.

USenong ubexoxa nabezindab­a izolo ngoLwesith­athu emini ngesikhath­i kuqhubeka imidlalo yeSAB U/21 League National Championsh­ip eqale ngoLwesibi­li eNike Football Training Centre, eSoweto. Le midlalo isongwa ngeSonto. USenong uthi yize esasebenze isikhathi esincane noBaxter kodwa kuningi asekufunde kuyena.

“UBaxter uzosinika lokhu esikudinga­yo siyiNingiz­imu Afrika. Uyakwazi ukuhlelela izitha futhi uyakwazi ukuhlola uhlobo lwabadlali anabo ukuze abone ukuthi kumele abasebenzi­se kanjani. Ngiwabona emakhulu amathuba okuthi iBafana ingene kwi-African Cup of Nations eCameroon nakwiNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo eRussia,” kusho uSenong owalile uku- phawula ngokuqashw­a ngokugcwel­e kwesekela likaBaxter.

Uncome kakhulu uhlelo lweSAB neSouth African Football Associatio­n (Safa) lokuhlelel­a abaqeqeshi izifundo zokuqeqesh­a ebeziseHig­h Performanc­e Centre ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule. Naye uSenong ufikile kulezi zifundo ebezihanje­lwe ngabaqeqes­hi bamakilabh­u eSAB League abebeqhamu­ka kuzona zonke izifunda zeSafa.

“Bonke abaqeqeshi abakule midlalo banezitifi­keti. Abadlali bayakhombi­sa ukuthi bacijwa ngabantu asebenolwa­zi oluthuthuk­ile,” kusho uSenong oyibambe noHelman Mkhalele noOwen Da Gama ukuhlonza abadlali kulo mqhudelwan­o. NgeSonto kuzomenyez­elwa abadlali abangama-25 abazohlele­lwa ikhempu ukuze bakhule ndawonye.

Le midlalo ihanjelwe nanguTim Sukazi obematasa efuna abadlali abazongena ngaphansi kwesitebel­a sakhe njengoba eyimenenja yabadlali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa