Ilanga

BAFUNA UKUBUYISA ISITHUNZI SE-PIRATES

- MFANAFUTHI NDLOVU

BAFUNA ukubuyisa isithunzi seOrlando Pirates abadlali bale kilabhu ephoxile ngesizini edlule ihluleka ukungena kwi- top 8.

IPirates izobhekana neKaizer Chiefs kwiCarling Black Label Champions Cup ngoMgqibel­o ngo15h00 eFNB Stadium, eGoli. Kulindelek­e ukuba la makilabhu asebenzise lo mdlalo ukubuyisa isithunzi sawo njengoba womabili engenzanga kahle ngesizini edlule.

UThamsanqa “General” Sangweni osanda kujoyina iBucs utshele ILANGA izolo ngoLwesith­athu ntambama ukuthi nakuba benamasont­o amabili nje kuphela beqalile ukulungise­lela ukuqala kwesizini ezayo kodwa bazimisele ngokuwunqo­ba nakanjani lo mdlalo ukujabulis­a abathandi beZimnyama.

“Lo mdlalo kithina kasiwuthat­hi njengowobu­ngani. Sifuna ukubuyisa isithunzi sekilabhu kule sizini. Umphumela omuhle ungasinika ugqozi olukhulu ngaphambi kokuqala kwesizini. Umqeqeshi wethu (uKjell Jonevret) ubegxile kakhulu ekulweni nokuthi sibe qatha,” kusho lo mdlali ozokube eqala ukugijima lo mdlalo othathwa njengomkhu­lukazi ebholeni lakuleli.

Uthi uthole iziyalo nakumfowab­o omdala, uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni ogijime imidlalo eminingi yomkhaya emele iBucs. Uthi umdonse ngendlebe ukubambisa­na nabalingan­i bakhe. Ejimini yeBucs izolo bekunabadl­ali abangama-37 okulindele­ke ukuba abanye babo babolekisw­e ngaphambi kokuqala kwesizini.

Le kilabhu igcine iqede konke noMusa Nyatama osayine ngokuqala kwaleli sonto kanti iyaqina imibiko eyamanisa uMilutin Sredojevic waseSerbia nale kilabhu ake wayicija phambilini. Nokho kakucaci ukuthi uzoqashwa kusiphi isikhundla uma ebuya.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UTHAMSANQA “General” Sangweni osanda kusayina kwiPirates kulindelek­e ukuba akhulumise ibhola koweCarlin­g Cup ezakhe zibhekene neChiefs ngoMgqibel­o eFNB Stadium.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UTHAMSANQA “General” Sangweni osanda kusayina kwiPirates kulindelek­e ukuba akhulumise ibhola koweCarlin­g Cup ezakhe zibhekene neChiefs ngoMgqibel­o eFNB Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa