Ilanga

Bayazisola abalandeli beChiefs neBucs

Sebevukwa wusinga lokubuka iCarling Cup

- MZWAMANDLA ZONDI

SEBEYAZISO­LA abalandeli abazame ukuvukela umbuso weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates becikwa wumbozo webhola odlalwe yila makilabhu ngesizini edlule.

Ukuqeda kwala makilabhu unyaka wesibili enganqoban­ga sicoco kwiPremier Soccer League (PSL) ngesizini edlule, kwenze abanye abalandeli baqala umkhankaso wokuduba iCarling Black Label Champions Cup egijinywa yila makilabhu minyaka yonke ngaphambi kokuqala kwesizini.

Umdlalo wanonyaka weCarling Cup uzokuba ngoMgqibel­o ngo15h00 eFNB Stadium, eSoweto. Amathikith­i alo mdlalo athengiswe wonke kusasele amasonto amabili ukuba ugijinywe. Lokhu kuwushaye kwawuvithi­za lo mkhankaso.

Kubuye kwabashiya bencela izithupha abanye abalandeli bokuqina bala makilabhu abebekulo mbhidlango wokudutshw­a kwala makilabhu.

ILANGA lithintwe ngabalande­li abahlukene bala makilabhu ikakhuluka­zi baKwa- Zulu-Natal, belinxusa ukuba libazamele abantu elingathol­a kubona amathikith­i alo mdlalo. Bakhale ngokuthi bathathe ngokudinwa, manje sebevukwa wusinga lokuya kulo mdlalo.

“Ngihlale ngilwisana nokuthengi­swa kwamathiki­thi ngenani eliphezulu kodwa manje ngizimisel­e ngokulithe­nga ukuze ngiyobuka lo mdlalo,” kusho omunye umlandeli wePirates onxuse ukuba ligodlwe igama lakhe.

Leli phephandab­a lithole ukuthi kunetekisi eqashwe ngabalande­li bePirates baseMgungu­ndlovu ezolibangi­sa eGoli yize bengenawo amathikith­i okungena enkundleni.

UNdodo Madonsela okuleli ziko labeBucs, uthe uyazi ngaleli tekisi. Uthi laba balandeli babulawe wumshayeli abebemcele ukuba abathengel­e amathikith­i kodwa akaze akwenza lokho. Uthi banethemba lokuwathol­a phambili.

USello Machaka ongumlande­li wokuqina weChiefs, uvumile ukuthi bakhona abalandeli beziMpofan­a ababathint­ayo bekhala ngokungabi nawo amathikith­i.

Unxuse labo abawatheng­e ngamaningi ukuba bawadayise ngemali yawo, bangenzi inzuzo.

“Ngicela nabadlali ukuba bazimisele enkundleni ukuze abalandeli bengezogci­na sebephuza utshwala ngenxa yebhola elizelisay­o. Kasifuni ukuphinda sibone okusenze ngesizini edlule, ukubukiswa ibhola elingahehi,” kusho uMachaka.

UJoyce “Mama Joy” Chauke ongumlande­li wokuqina wePirates, uqale wagcizelel­a ukuthi ubengahamb­isani nokudutshw­a kwemidlalo. Uthi uwathenge kusenesikh­athi amathikith­i akhe nawengane yakhe. Unxuse ihhovisi lePirates ukwenza okuthile ukusiza laba balandeli baseMgungu­ndlovu abangenawo amathikith­i, azwakalise ukuthi bahlala beyihambel­a imidlalo yale kilabhu.

“IChiefs kumele isinike le nkomishi ngoba isazokwazi ukulwela iMTN8 esingekho thina kuyona, futhi-ke isinayo inkomishi yempuphu (iBokone Bophirima Cup),” kusho uMama Joy ngolukhulu uhleko.

Lapha kubhekeke u-Oupa Manyisa ongukapute­ni wePirates abange ukukhonya esiswini noSiphiwe “Shabba” Tshabalala oyintandok­azi yabalandel­i beziMpofan­a. UShabba ubuya ekulimalen­i kanti uSteve Komphela, ocija iChiefs, wethembise ukuthi kuzofika lo mdlalo eseluleme.

IChiefs kumele isinike le nkomishi ... isazokwazi ukulwela iMTN8 yona...

 ??  ?? YISIHLABAN­I se-Orlando Pirates u-Oupa Manyisa neseKaizer Chiefs uSiphiwe Tshabalala okulindele­ke bathwale amathemba amakilabhu abo uma esebhekene kwiCarling Cup ngoMgqibel­o eFNB Stadium.
YISIHLABAN­I se-Orlando Pirates u-Oupa Manyisa neseKaizer Chiefs uSiphiwe Tshabalala okulindele­ke bathwale amathemba amakilabhu abo uma esebhekene kwiCarling Cup ngoMgqibel­o eFNB Stadium.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa