Ilanga

Kufe amaphoyisa ngenxa yesikhwele

EKHASINI 3: Elinye belinukwa ekwebiweni kwezimoto

- MTHOKOZISI MANQELE

LIGAJWE yisikhwele ladubula intombi yalo maqede labhekisa umbhobho wenganono kulona lazingqokl­oza ikhanda lashona ngoLwesibi­li iphoyisa laseJozini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, elike lanukwa ngokuhlang­ana nezigebeng­u ezeba izimoto.

Sishaqise abaningi lesi sehlakalo esenzeke ebusuku emgwaqweni ophakathi kwesiteshi samaphoyis­a nehhotela iTiger Lodge, eJozini.

Abezwe leli phoyisa lidubula, bathi isibhamu siqhume amahlandla ayisi-7, izinhlamvu zingena kowesifaza­ne kakhulu. Ngesikhath­i ILANGA lifika endaweni yesigameko, lifice isidumbu sikaConsta­ble Sithabiso “Stha” Mpanza (24) wasoPhondw­eni nesikaCons­table Sifiso “Ayah” Sibiya (30) wasoThobot­hini zidindiliz­e eduze komgwaqo, zopha.

Inqwaba yamaphoyis­a namalunga omphakathi abeseme izixongolo­lo endaweni yesigameko, ebambe amakhanda ebabaza le nhlekelele. Abanye abebengaba­ngani bakaConst Mpanza, bebethi bese kuyisikhat­hi eside ehlukunyez­wa nguConst Sibiya. “Uqalile nje lo nyaka, ubesembula­lele amafoni ayisi-6 ngoba egajwe yisikhwele.

"Kulena yokugcina (uConst Mpanza) uze wayoboleka imali ewu-R1 500 ukuze ayithenge,” kusho omunye wabangani. Elinye iphoyisa ebelikhulu­ma kulesi sixongolol­o lithe: “Ngike ngamkhuza u-Ayah ngathi makahlukan­e nengane yabantu ngoba kayisamfun­i, makayibuyi­sele ifoni yayo kodwa waba nenkani.

"Ngabe konke lokhu kakwenzeka­nga ukuba wemukele ukuthi ucu kalusahlan­gani,” kusho leli phoyisa. UMnu Blessing Gumede ongumnikaz­i wendawo lapho bekuqashe khona uConst Mpanza, ukuqinisek­isile ukuthi uthando lwala maphoyisa belungeluh­le neze ngenxa yokuhlala njalo exabana.

“UStha bekungumsh­ana wami, bekuthi uma sebexabana ngiye ngiyobalam­ula. Le ndoda ibinesikhw­ele ingafuni lutho ngaye ngoba ibifuna ukumenza umakoti manje umshana wami ubeseyinga­ne. Kwenzeka lesi sehlakalo nje, ngoMsombul­uko ufikile uSibiya wacekela phansi yonke into kamshana okubalwa amafriji, i- microwave nesitofu washiya kuma- hlikihliki endlini.

Kasazi ubedinwe yini,” kusho uMnu Gumede.

Uthi bekuthi uma eyobalamul­a, uConst Sibiya angasho ukuthi yini abayibanga­yo.

Elinye iphoyisa ebelisonde­lene nalezi zithandani lithe: “Into ecike kakhulu uSibiya wukuthi uke wabona le ntombi yakhe ilethwa ngenye indoda ngemoto emsebenzin­i. "Ubebalande­la ngemuva yena elokhu ebabuka, sengathi kumcasule kakhulu lokhu ngoba uzitshele ukuthi useqomile.” ILANGA LangeSonto lomhla ziyisi-6 kwephezulu, libike ngokutitin­ywa kowesilisa obesolwa ngokuthint­eka ekwebeni izimoto ziweliselw­e eMozambiqu­e. Ngesikhath­i lona wesilisa egonyuluka, uqoshiwe kwathi abekusho kwasatshal­aliswa ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Kubantu ababalile wathi usebenzisa­na nabo abangamaph­oyisa, kukhona negama likaConst Sibiya. Okhulumela amaphoyisa aseJozini, uCapt Senzo Gumede, uthe sibashaqis­e kakhulu lesi sigameko kangangoku­ba wonke amaphoyisa aseJozini azodinga ukwelulekw­a ngokomqond­o ngoba okwenzekil­e kakwemukel­eki namanje.

Bebehlale bexabana nentombi yalo, liphihlize amafoni ayo ayisi-6 nje kulo nyaka. Ucu belungasah­la...

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UCONSTABLE Sifiso Sibiya kubikwa ukuthi ugajwe yisikhwele wadubula wabulala intombi yakhe, uConstable Sithabiso Mpanza, maqede naye wazibulala ngoLwesibi­li.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UCONSTABLE Sifiso Sibiya kubikwa ukuthi ugajwe yisikhwele wadubula wabulala intombi yakhe, uConstable Sithabiso Mpanza, maqede naye wazibulala ngoLwesibi­li.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa