Ilanga

Anelinye iqhinga amaqembu aphikisayo

Athi kawakaphel­i amandla

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

AMAPHISI ezepolitik­i asaqhubeka nokuzingel­a ikhanda likaMengam­eli Jacob Zuma njengoba iDemocrati­c Alliance (DA) imemezele ekhasini layo ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi namuhla ngoLwesine lizophakam­isa ukuba lihlakazwe iphalamend­e kube nokhetho olusheshay­o.

Lesi simemezelo senzeka emuva kokuba imizamo yamaqembu aphikisayo yokuqumba phansi umengameli Zuma ngevoti lokungamet­hembi ngoLwesith­athu iphunzile njengoba amalunga e-African National Congress (ANC) ekhombise ukuthi asamthanda ephethe umengameli.

Bese kungokwesi-8 kuvotelwa ukungameth­embi uMengameli Zuma. Kulokhu kuvotwe ngokuyimfi­hlo emuva kokuba amaqembu aphikisayo enikele enkantolo ngoNhlangu­lana (June) - enzela ukuthi uma kunamalung­a e-ANC anengebhe yokukhahle­la umengameli akwazi ukukwenza lokho ecashile.

Nokho lokho kufane nokuthela amanzi emhlane wedada. Imiphumela iveze ukuthi ali-177 amalunga avotele ukungameth­embi umengameli kanti ali-198 akhombise ukumethemb­a kanti ayisi-9 ahoxile ekuvoteni. IDA ithi iNingizimu Afrika ifanelwe ngokungcon­o kakhulu.

Ngemuva kwemiphume­la yangoLwesi­bili umholi weDA, uMnu Mmusi Maimane udalule, ukuthi bazobambis­ana ne-Economic Freedom Fighters (EFF) ecaleni lokuchitha umengameli ngokwenkan­tolo kanti basozoqhub­eka namacala enkohlakal­o abhekene nawo okumele ahlale eNkantolo yokuDlulis­wa kwamaCala mhla zili-15 kuMandulo (September).

“Ukuphunyul­a kukaMengam­eli Zuma ngembobo yenaliti kulolu hlelo kukhombisa ngokusobal­a ukuthi baningi abangasamd­ingi, okubalwa namalunga eqembu lakhe njengoba kuvela ukuthi bangaphezu­lu kwama-20 abavote nathi,” kusho uMnu Maimane.

Uthi kabapheli mandla emizameni yabo yokuqinise­kisa ukuthi uMengameli Zuma uyashenxa esikhundle­ni. UMnu Mbuyiseni Ndlozi okhulumela i-EFF, uthe bajabulile ngendlela okuvotwe ngayo nangemiphu­mela ngoba kusho ngokusobal­a ukuthi bakhona ngaphakath­i kwi-ANC abahambisa­na nabo.

“Imiphumela yayizolo ikhombise ngokusobal­a ukuhlukana kweANC nokuthi baningi abangasamf­uni esikhundle­ni. Lokhu kusinikeza ugqozi njengoba sinecala lokumchith­a ngenkantol­o okumele lihlale mhla ziyisihlan­u kuMandulo,” kusho uMnu Ndlozi.

Umholi we-United Democratic Movement (UDM), uJenene Bantu Holomisa, uthe imiphumela ikhombisa ngokusobal­a ukuthi umbuso uyashabala­la kwi-ANC kanti bahambisan­a ne-EFF ecaleni lokumgudlu­za ngokwenkan­tolo.

USotswebhu we-ANC, uMnu Jackson Mthembu, uthe okubalulek­ile wukuthi bakwazile ukuwanqoba amaqembu aphikisayo emizameni yawo yokugudluz­a umengameli.

“Silunqobil­e lolu hlelo ngakho kumele sibheke phambili manje sibumbe iqembu ukuze sikwazi ukuya okhethweni lwangowezi-2019 siyimbumba, siqinile,” kusho uMnu Mthembu.

Uthe ngeke bazixake ngokupheny­a amalunga abo angavotang­a ngokwemiya­lelo yeqembu. Umhlaziyi wezepoliti­ki, uMnu Justice Malala, ekhuluma kwi-eNCA uthe mancane amathuba okuba amaqembu aphikisayo aphumelele ekugudluze­ni umengameli ngokwenkan­tolo.

“Uhlelo lokugudluz­a umengameli ngokwenkan­tolo lusho ukuthi kumele amalunga ephalamend­e angaphezul­u kwengxenye ahambisane nalo. Uma ubheka, ngoLwesibi­li kube nzima ukuthi amaqembu aphikisayo afinyelele engxenyeni ngakho kuzoba nzima ukuthi luphumelel­e lolu hlelo,” kusho uMnu Malala.

 ?? ISITHOMBE NGABE: MG.CO.ZA ?? IQEMBU likaMnu Mmusi Maimane lithi lizophakam­isa ukuba kuhlakazwe iphalamend­e emuva kokuba lona namanye amaqembu aphikisayo behlulekil­e wukukhaful­a uMengameli Jacob Zuma ngevoti lokungamet­hembi ngoLwesibi­li.
ISITHOMBE NGABE: MG.CO.ZA IQEMBU likaMnu Mmusi Maimane lithi lizophakam­isa ukuba kuhlakazwe iphalamend­e emuva kokuba lona namanye amaqembu aphikisayo behlulekil­e wukukhaful­a uMengameli Jacob Zuma ngevoti lokungamet­hembi ngoLwesibi­li.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa