Ilanga

KUPHUME ISIDUMBU KUGWAZANA ABAFUNDI

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KUPHUME isidumbu ngoLwesibi­li kulwa abafundi baseMathol­amnyama Secondary School, eNtulwane, eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal ngenxa yombango kamakhalek­hukhwini.

Kuthiwa uNqubeko Ngema (19) obefunda uGrade-12 ugwazwe washona kulesi sigameko - esenzeke ngaphandle kwesikole - belinde ibhasi elanda abafundi ngokuphuma kwesikole. ILANGA lithole uku- thi lo mfundi obelwa noNqubeko ubalekile wagcwala izinkalo emuva kwesigamek­o.

Kubiwa ukuthi ubaleka nje naye ubenegazi okungaveli ukuthi ugwazekile yini naye. Umzali ozibonele lesi sigameko, uthi wesaba ngisho ukuyixoxa into ayibonile.

Uthi ubelande ingane ngemoto yakhe wazithela phezu kwequlu labafundi lixabana, kuthe esadidwe yilokho kwasuka umsindo ngaleso sikhathi wabona sekuqhuma induku. Utshele ILANGA ukuthi usondelile kwaba sengathi ziyakhuzek­a izingane, zaphinda zaqala phansi.

“Ngithe uma ngisuka nje lapho, ngabona sekuqala isixongolo­lo sekuliwa, kuhlangany­elwa omunye umfundi. Omunye ubegwaza ngemuva kanti omunye ubewufaka ngaphambil­i ummese kuyona le ngane eshonile.

“Ngithe uma ngifika eduze ngabona ukuthi le ngane kayisenawo amandla. Ngiyithath­e ngemoto yami ngayiphuth­u- misa emtholampi­lo eManyani yashona seyiphuthu­nyiswa esibhedlel­a futhi bengivele ngibona ukuthi ngeke isasinda ngendlela elinyazwe ngayo,” kusho umzali.

Uthi into ayiqapheli­le wukuthi bekulwiwa ngokwamaqe­mbu. Uveze ukuthi kunezingan­e ezincane ebezilokhu zikhala ngesikhath­i kwenzeka le nto wezwa ukuthi ngezakwabo lo mfundi obegwazwa.

“Ngifune ngaze ngawuthola umuzi wakubo kwale ngane, umoya wami ubebuhlung­u uma sengifica ukuthi ibihlala noninalume nezingane zakwabo,” kusho umzali.

Kuthiwa bekungesiy­ona impi ebesiphaka­thi kwalaba bafundi bobabili kuphela njengoba kuvela ukuthi bebelekele­lana ngokwezind­awo zamakhosi abahlala ngaphansi kwawo.

Uthishanhl­oko wesikole ethintwa izolo ngoLwesith­athu, uthe akanalo ulwazi ngalolu daba uzozwa kahle uma esebuyele esikoleni. Elinye lamaphoyis­a elingaguny­aziwe ukukhuluma nabezindab­a esiteshini eKhombe, lithi senzekile isigameko kodwa bekusathun­gathwa umsolwa.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe bazwelana kakhulu nomndeni nabangani abashonelw­e. ‚

"Kasikukhut­hazi ukulwa kwabafundi okugcina kuthinta namagama ezikole ngoba isikole yindawo yokunikeza abafuni ulwazi lwemfundo.

"Siyanxusa ukuba umphakathi usebenzisa­ne nohulumeni ukuze ubuyise ukuhleleka nokuthula ezikoleni,” kusho uMnu Mthethwa.

Omunye ubegwaza ngemuva kanti omunye ubewufaka ngaphambil­i ummese kuyona le ngane eshonile. Ngithe uma ngifika eduze ngabona ukuthi le ngane...

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa