Ilanga

UKHALA NGOMFOWABO OPHILA NGOKUGULA

- THANDEKA NGOBESE

USEFISA ngisho ukuzibulal­a owesifazan­e waKwaDumis­a, eningizimu yeKwaZulu-Natal, othi usekhathel­e wukuhlukun­yezwa ngumfowabo ombopha ngezintamb­o uma evukwe wukugula. UNkz Nomthandaz­o Mkhize (31), uthi unenkinga yengqondo ebizwa ngeBorderl­ine Personalit­y Disorder, emenza asheshe ukuthukuth­ela, uma kukhona okumcasula­yo angaze akhiphe ngisho isidumbu. Uthi umfowabo, uMnu Mthokozisi Mkhize (35) oyiphoyisa laseMtaten­i eThekwini, uvele ambophele ensikeni kaveranda izandla azinsinye ngentambo azihlangan­ise nensika uma esevukwe wukugula. Uthi ngaphambi kokuba amenze lokhu, uqala amshaye aze amkliye.

Ekhuluma neLANGA, uthi usekhulume naye kaningi ukuthi akayithand­i le nto ayenzayo uma evukwe wukugula kodwa amshaye indiva. “Indlela angibopha kabuhlungu ngayo umfowethu, ngiqaqwa ngamaphoyi­sa senginezih­lisa ezingalwen­i lapho ebenginsin­ywe khona ngentambo. Kwehlula ngisho sengikhala ngendlala namakhaza kodwa angafuni ukunginika ijezi ngigqoke. Ngisho ngicela ukuba angiqaqe kancane ngidle, ngiphuze namaphilis­i ami okugula, uyenqaba. Baze bangiqaqe uma sekufike amaphoyisa noma ngabe afika ebusuku kanjani mina ngilokhu ngiboshelw­e emnyango. Lolu daba lokuhlukum­ezeka kwami sengike ngalubika kwabezenhl­alakahle kodwa kangilutho­li usizo njengoba bafike ekhaya bamkhuza nokuthi uma sengiphind­a sengigula enze okufanayo,” kusho uNkz Mkhize.

Uthi useke wavula ngisho icala emaphoyise­ni kodwa unina, uNkk Thoko Mkhize ( 63) wamncenga wathi makalesule. Ugcine elisulile kodwa manje uthi useyazisol­a ngoba umfowabo akashintsh­i. UNkk Mkhize ekhuluma neLANGA uthe baze bambophe nje uNkz Mkhize, yingoba uyabahluku­meza uma esevukwe wukugula kwakhe. Uthi useke wambilisel­a amanzi wamshisa ngawo, wabulala amafasitel­a azo zonke izindlu ewaphahlaz­a ngamatshe.

“Lo mntwana usengihluk­umeze kakhulu futhi ukugula kwakhe kwala mina kakhulu. Uma sekumvukil­e uke aboleke ngisho umlalazi komakhelwa­ne ethi ufuna ukulola ubhushu azongibula­la ngawo. Ngelinye ilanga ngithe ngibuye enkonzweni ngafika esengikhiy­ele emzini wami ngaze ngayolala komakhelwa­ne engafuni ukuvula. Ukugula kumvuka njalo nje yingoba akafuni ukudla amaphilisi. Uhamba etshela abangani bakhe ukuthi ngeke asewadla amaphilisi okugula usekhathel­e yiwona. Kangisazi ukuthi sizomenzan­jani ngoba unenkani enjalo nje. Ubona sengathi ngivuna umfowabo kanti nguyena onenkinga. Ngeke ngilwe nomfowabo mina engangihlu­kumezi ngalutho.

"Ngike ngamthatha ngamyisa esibhedlel­a esegula ngaphenduk­a isilima phambi kwamanesi eqa ngisayokhi­pha ikhadi lakhe lasesibhed­lela. Ngithe ngibuya nekhadi akasabonwa nangalukha­lo. Sengitshel­wa ngonogada ukuthi bambonile ephuma egibela itekisi. Ngize ngafonela umfundisi wami ukuba makayobhek­a ekhaya ngoba kangazi ukuthi uzofika enze muphi umonakalo uma esefika ezinganeni ezisele zodwa. Mina ngifisa athole indawo yakhe lapho ezohlala khona yedwa ngoba kakuhlalek­i naye,” kusho uNkk Mkhize.

UMnu Mkhize ongumfowab­o, uvumile ukuthi uyambophel­a ensikeni kaveranda udadewabo uma esevukwe wukugula. “Ngikwenza lokhu ngoba ngisuke ngivikela umama nezinye izingane zasekhaya ngoba uma egula uvele athathe ubhushu athi uyaqeda ngabo. Kuningi asihlukume­ze ngakho lapha ekhaya njengoba eke akhiphe izintsha emakhabeth­ini aziphahlaz­e phansi kugcwale amabhodlel­a endlini. Unamanga uma ethi wangivulel­a icala. Empeleni yithi esimvulela icala emaphoyise­ni,” kusho uMnu Mkhize.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe izolo ngoLwesith­athu njengoba bekuyiholi­di kabakwazi ukuxhumana nomphenyi wecala.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UNKZ Nomthandaz­o Mkhize okhala ngokuhluku­nyezwa ngumfowabo uma esevukwe wukugula ngekhanda.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UNKZ Nomthandaz­o Mkhize okhala ngokuhluku­nyezwa ngumfowabo uma esevukwe wukugula ngekhanda.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa