Ilanga

Uvalele abanebala elimhlophe ngothango

Ubabize ngezinkawu

- SKHOSIPHI MTHEMBU

KUSABATSHA­ZWA ihlazo lowesifaza­ne osolwa ngokuvalel­a amalunga omndeni anebala elimhlophe ngoba ethi ayizinkawu.

Umphakathi waseThembe­ni eMzimkhulu, eningizimu yeKwaZulu-Natal, namanje kawuwuvali umlomo ngesenzo salona wesifazane okuthiwa uvele wabiyela umuzi wakwaDlami­ni onamalunga ayisi-7 anebala elimhlophe ngoba ethi ayizinkawu.

Kuthiwa lona wesifazane ubiyele lo muzi wangalifak­a isango ngenhloso yokuthi bangaphume­li ngaphandle kwegceke.

Ngokusho komthombo weLANGA, bese kuphele isonto lonke lo mndeni uvaleleke egcekeni.

Lona wesifazane ufike ngoMbasa (April) kule ndawo wakha umuzi wakhe eduze nowakwaDla­mini. Kuthiwa ufike endaweni wavula ibhizinisi lokudayisa utshwala.

UMnu Vusi Dlamini, oyilunga lalo mndeni, uthi sibuhlungu isimo umndeni wakhe ohlala ngaphansi kwaso njengoba uze waphoqelek­a ukuvula “upotsho” ukuze izingane zikwazi ukuphuma ziye esikoleni.

UMnu Dlamini uthi konke kuqale ngesikhath­i lona wesifazane esehlala kule ndawo.

“Senginemin­yaka ngakhe kule ndawo, kuthe ngonyaka ophelile lona wesifazane wafika wazokwakha umuzi wakhe eduze nakwami. NgoMbasa (April) ungenile nomyeni wakhe bavula ibhizinisi lokudayisa utshwala.

“Kuhambe isikhathi wangenelwa ngamaphoyi­sa ambopha ngoba emsola ngokudayis­a izidakamiz­wa. Usuke lapho wangithuka esola mina nomndeni wami ukuthi simbizele amaphoyisa yize bengingakw­enzanga lokho.

“Kuqale lapho ukungezwan­i phakathi kwethu naye. Ngenxa yokuthi kangihlali kwami isikhathi esiningi, bengijwaye­le ukuthola imiyalezo kunkosikaz­i engitshela ukuthi uyabathuka umakhelwan­e. Bengingaku­naki konke lokhu ngoba kangizwani nomsindo. Ngesonto eliphelile uthumele umuntu ukuba ayobiyela ngocingo asivalele ngaphakath­i.

“Ngesikhath­i ngibikelwa lokhu bengizitsh­ela ukuthi izingane zidlala ngami. Ngiyile khona ngafica kubiyelwe umuzi wami wonke, lingekho nesango lokungena ngaphakath­i. Uma ngimbuza ukuthi ukwenzelen­i lokhu, uthe ufuna ukusivalel­a ngoba siyizinkaw­u, sifanelwe wukuhlala lapho kugcinwa khona izilwane.

“Kuphele isonto lonke izingane zami zivalelwe ngaphakath­i kangangoba kuze kwaphoqa ukuba zivule isikhala lapho zizokwazi ukuphuma khona,” kusho yena.

Uthi banikele emaphoyise­ni bayowabike­la ngalolu daba kodwa abatshela ukuthi ngeke akwazi ukubavulel­a icala, into angayenza wukuxoxa naye lona wesifazane ukuze ezobavulel­a indlela yokuphuma.

“Njengoba sikhuluma nje, izingane zami zisavalele­kile, kayikho indlela asayivulil­e. Uma ngicabanga ngale nto, ngifikelwa wumunyu ngoba kangazi lona wesifazane yini engaka esimenze yona njengoba ekhetha ukusiphath­isa okwezilwan­e nje,” kusho yena.

Okhulumela i-Albinism Society KwaZulu-Natal, uMnu Bhekisisa Maxwell Thabethe, uthe kuyihlazo ukuthi kunomuntu ongaze achithe imali yakhe ngoba efuna ukuvalela abantu abanebala elimhlophe. Uthi umndeni wakwaDlami­ni ungakwazi ukuvula icala njengoba ubizwe ngezinkawu.

“Lokhu akwenzile kuphambene nomthetho, kumele umndeni wakwaDlami­ni uyovula icala ngoba uwehlise isithunzi ngokuwubiz­a ngezinkawu. Lokhu kuyicala, sizowuleke­lela lo mndeni ukuze uthathe izinyathel­o,” kusho yena.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnu Vukani Mbhele, naye uhambe emazwini kaMnu Thabethe wathi umndeni kumele uvule icala ngoba ubizwe ngezilwane, wehliswa nesithunzi kanti udaba ungaludlul­isela nasenhlang­anweni elwela amalungelo abantu.

Ucele imininingw­ane yomndeni wathembisa ukuthi umnyango uzolusukum­ela udaba uthole ukuthi kwenzekeni ukuze uzosizakal­a.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? INZIMA impilo emndenini wakwaDlami­ni emuva kokuba umakhelwan­e wawo ebiyele umuzi wawuvalela ngaphakath­i ngoba ethi uyizinkawu.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E INZIMA impilo emndenini wakwaDlami­ni emuva kokuba umakhelwan­e wawo ebiyele umuzi wawuvalela ngaphakath­i ngoba ethi uyizinkawu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa