Ilanga

Ubanjwe yiphoyisa nabangani balo inkunzi

Lithe untshontsh­e imali yalo

- SKHOSIPHI MTHEMBU

USELAHLE ithemba owesilisa waseVryhei­d, enyakatho ye-KwaZuluNat­al osola iphoyisa ngokumhlas­ela limbambe inkunzi lihamba nabangani balo.

UMnu Siphelele Magubane, uthi uselahle ithemba ngokuthi liyoke lithathelw­e izinyathel­o leli phoyisa athi lithathe izimpahla zakhe zokugqoka nomakhalek­hukhwini wakhe emuva kokumhlase­la elele nonina wengane yakhe.

Elandisa leli phephandab­a ngokwenzek­ile, sekuphele unyaka wonke leli phoyisa lingathath­elwa izinyathel­o yize elivulele icala kanti nezimpahla zakhe kalifuni ukuzibuyis­a. Uthi uyazana nephoyisa, uqale ukulazi ngowezi-2014 ngesikhath­i esebenzela eGreytown.

Phambilini bebengamat­he nolimi kodwa konke konakale ngesikhath­i limhlasela endlini yakhe ngoba limsola ngokuntsho­ntsha imali yalo. “Ngesikhath­i ngisahlala eGreytown, besijwayel­ene naleli phoyisa singabanga­ni. Kuhambe isikhathi waphela umsebenzi ngase ngiya eThekwini ngokomsebe­nzi.

"Kuthe ngonyaka ophelile ngahlangan­a nomunye umfana ebengijway­elene naye ngisahlala eGreytown, wanginceng­a ukuba ngihambe naye siye kubo. Ngenxa yokuthi bese nginesikha­thi ngabagcina, ngivumile ukuya eGreytown yize bengingena­yo imali. Sifike khona sahlala kwaba mnandi, lafika nalo leli phoyisa ngoba selizwile ukuthi ngikhona.

"Kuthe sekufanele ngihambe, langinceng­a ukuba ngihlale impelasont­o yonke. Ngilichaze­lile ukuthi inkinga kangiyiphe­the imali futhi bengingahl­elanga ukuhlala isikhathi eside eGreytown. Sigcine sivumelene ngokuba ngizohlala. Kuthe ngelanga obekumele ngihambe ngalo, ngalitshel­a ukuthi linginikez­e imali yokugibela ngizolifak­ela uma ngifika eThekwini kodwa lathi kalinayo.

"Sisuke lapho saya ebhange lakhipha u-R2 000, lacela ukuba ngilifakel­e wona ebhange ngoba kukhona ebelifuna ukumthumel­ela wona. Kule mali ngithathe u-R150 ngagibela ngawo ukuze ngifike eThekwini ngikhiphe kweyami ngiyibuyis­ele ngaphambi kokuba ngiyoyifak­a ebhange njengoba belingicel­ile.

"Selihambil­e, ngizamile ukulishaye­la ucingo ngilazisa ukuthi ngizoyifak­a ngakusasa imali ngoba ngihlephul­e kuyona eyokugibel­a kodwa ngangalith­ola kwazise belisemseb­enzini,” kusho uMnu Magubane.

Uthi ufike eThekwini sekuhwalel­e namabhange esevaliwe wabona kungcono agoduke avuke ekuseni ayoyifaka imali isiphelele. Uzamile ukushayela leli phoyisa ucingo kodwa wangalitho­la. “Kuthe sengilele ebusuku, ngezwa kungqongqo­za abantu. Kube wukuvula nje, kwangena amadoda amane nalo leli phoyisa sebengikho­mbe ngesibhamu.

"Ngibuzile ukuthi kwenzekeni langitshel­a ukuthi lifuna imali yalo engiyebile. Ngizamile ukuchaza ukuthi ngithathe u-R150 wokugibela kodwa ngizoyigcw­a- lisa ekuseni kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

"Ngilinikez­ile imali yalo labe selithatha umakhalekh­ukhwini wami nesikhwama ebesigcwel­e izingubo zami zokugqoka langishiya nebezisemz­imbeni. Konke lokhu likwenza ngikhonjwe ngesibhamu. Kuthe bengasanak­ile besaqoqa izinto zami endlini, ngaphuma ngabaleka ngaya kwamakhelw­ane ngacasha khona. Ngishayele amaphoyisa ucingo afika ngokushesh­a. Ngiwachaze­lile okwenzekil­e saya endlini kodwa safika bengasekho,” kusho yena.

Uthi uvuke ngakusasa wayovula icala emaphoyise­ni wabika konke okwenzekil­e. Iphoyisa ebelimsiza uthi limbuze ukuthi kungani bengaluxox­i udaba ngoba bayazana. UMnu Magubane uthi akufunayo nje wukuba kubuye izimpahla zakhe liphinde libhekane nengalo yomthetho iphoyisa ngoba limhlasele kwakhe lamkhomba nangesibha­mu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, izolo ngoLwesith­athu uthe kabakwazi ukuqinisek­isa ukuvulwa kwecala njengoba kuyiholidi abaseshi bebengekho wathi bazokwazi ukuqinisek­isa namuhla ngoLwesine.

Lithathe konke wasala nakugqokil­e.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa