Ilanga

ZIMKHALELE ONTSHONTSH­E ISIBHAMU SEPHOYISA

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KUSALE kukhala ibhungezi esiteshini samaphoyis­a saseNkandl­a, maphakathi neKwaZulu-Natal ngoMsombul­uko kuhujwa owesilisa okuthiwa uhlwithe isibhamu sephoyisa lesifazane wakhala amaphepha.

Kuthiwa leli phoyisa beliyothen­ga ukudla kwaKFC kanti kunomfana olilandela­yo, wavele wasidonsa isibhamu salo ebesigaxwe ethangeni washaya wachitha. Umthombo weLANGA uthi iphoyisa lizamile ukumhubha lo mfana kodwa lehluleka laze layobikela ozakwabo, kwaba wuchithisa­ka, amaphoyisa ethungatha umsolwa.

Uthi kuphume inqwaba yamaveni kwathiwa umsolwa ubaleke waze wayosithel­a ehlathini eliseduze nedolobha. Kugcine sekushiswa ihlathi emaceleni wonke ngoba bekuthiwa ungene khona kodwa lutho umsolwa.

“Iphoyisa belibambe ukudla ngesinye isandla kwasala phansi kwakudla lokho. Isibhamu sidonswe kalula, kangazi ukuthi besifaswe kanjani. Wonke umuntu ubedumele ngendlela okwenzeke ngayo ngenxa yesibindi salo mfana entshontsh­a isibhamu sephoyisa kalula kanjena," kusho umthombo.

Kuthiwa amaphoyisa kawalalang­a ngoMsombul­uko kuze kwacishe kwahamba izinkukhu emnyango efuna umsolwa kwazise yinto okubikwa ukuthi kayikaze yenzeke endaweni.

Umthombo uthi wonke amaphoyisa abekhuza umhlola ethi kuyicala elibomvu okwenziwe ngumsolwa kanti nawo azobhekana nenkinga yecala uma engathunga­thwa.

"Kakusisona isinqumo esilula esingathat­hwa ngumuntu owaziyo ukuthi uhulumeni usebenza kanjani. Abanye abantu bebehleka bethi linamanga iphoyisa liphisane ngesibhamu kwasho ukuthi kukhona ababonile abebeseduz­e,” kusho umthombo.

Omunye umthombo osonde- lene namaphoyis­a, uthe lesi sibhamu besiyodayi­swa njengoba amaphoyisa esizwe wukuthi kukhona ofonele umsolwa wathi ufuna isibhamu.

“Kuthe sekusileth­ile lokhu komfana phakathi nobusuku kanti lona usebize amaphoyisa. Ubanjwe kanjalo-ke futhi ubengeke atholakale,” kusho umthombo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthi utholakele umsolwa nesibhamu. Kuvulwe icala lokubamba inkunzi. “Uvelile eNkantolo yeMantshi eNkandla ngoLwesibi­li kodwa idokodo lisenkanto­lo,” kusho uColonel Mbhele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa