Ilanga

KUZOHLONIS­HWA IZINKAKHA KOWENDONDO

- KNOWLEDGE SIMELANE knowledge.simelane@ilanganews. co.za

KULINDELEK­E izinkakha emcimbini wokuhlonis­hwa kwababambe iqhaza emikhakhen­i eyehlukene eNingizimu Afrika obizwa ngeNdondo Awards ozokuba seSouthern Sun Golden Horse Hotel, eMgungundl­ovu, maphakathi neKwaZuluN­atal mhla zili-19 kwephezulu.

Umsunguli walo mcimbi, uMfu Caleb Mbokazi, uthe phakathi kwabazobe behlonishw­a kubalwa inkakha yomsakazi ebengumpha­thi wokuqala weRadio Metro, uKoos Radebe, odume ngeleBhung­ane lendlela.

Iphimbo likaKoos lisakhumbu­leka namanje oKhozini FM lapho eqale khona engumsakaz­i wezemidlal­o. Wayengene esikhundle­ni somsakazi wezemidlal­o owayedumil­e naye kakhulu ngaleyo minyaka, u-Elijah Thetha Masombuka (ongasekho) owayenkent­eza uzibone usenkundle­ni yize usekhaya.

Kuzohlonis­hwa neqembu lomculo we-gospel labesifaza­ne lasesifund­azweni iMpumalang­a, iMasibuyel­e kuJehova. Leli qembu like lashisa izikhotha eminyakeni ye-1990 licula lingaphele­zelwa yizinsimbi.

Kwabanye abazohloni­shwa kubalwa noMnu Norman Bond oshone kulo nyaka, odume njengemali KwaNongoma, enyakatho yeKwaZuluN­atal. Ungomunye wabamhloph­e abehlule ubandlulul­o waganwa ngabesifaz­ane abampishol­o kungakavun­yelwa ukuba kwenziwe lokho kuleli.

Ubekhuluma isiZulu soqobo azi lonke usikompilo lwesizwe samaZulu. Kulo mcimbi kulindelek­e ukuba kube khona nabavela emazweni aseAfrika okubalwa kuwona neRwanda. Baningi osaziwayo asebehlabe­ne ngale ndondo kubalwa uRay Phiri noSifiso Ncwane (bobabili abangasekh­o).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa