Ilanga

Isasasa lilethwa ngabalande­li

Yibona abaphethe umaskandi

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

ISASASA lemicimbi kamasikand­i seliqutshu­lwa yibona uqobo abalandeli balo mculo ngenxa yokuzimise­la kwabo uma belungisel­ela umcimbi osuke uzokuba khona.

Empeleni abaculi nabo sebekhutha­zwa wukubona ukuhlangan­a kwezinkumb­i zabalandel­i babo nendlela okusuke kugqokwe ngayo. Lokhu sikubonile kwiMpucuze­ko Masikandi Festival ebisePeopl­e’s Park eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngenyanga edlule.

Lo mcimbi waziwa ngeWorld Cup yomasikand­i ngoba abalandeli bawuhlelel­a kusenesikh­athi kanti nakweminye kuba ngesifanay­o. Imicimbi kamasikand­i ngokujwaye­lekile iqala ekuseni kodwa abalandeli abasuke begqoke imifaniswa­no batheleka ngezikhath­i zantambama ngokudedel­ana ngokwamaqe­mbu abo noma ngokwabacu­li ababalande­layo.

Abalandeli bakaKhuzan­i “Ndlamlenze” Mpungose (ezaKwaGuqa) baqale bayohlanga­na bonke eGugu Dlamini Park, eWorkshop, eThekwini. Baqashe indawo okuyilapho izinduna zabalandel­i zidayisa khona izikibha namavuvuze­la a- blue - okuwumbala osetshenzi­swa ngabalande­li balo mculi.

Emuva kwesikhash­ana kutheleke uKhuzani wadlulisa izinkulumo base begcwala umgwaqo sebelibang­ise ePeople's Park lapho-ke besekuvale kwasani ngenxa yobuningi babo. Ngaleso sikhathi uKhuzani ubehamba nabo evele okhakhayin­i lwemoto eyisilahla bekhuza iziqubulo ezithi “Gwaguqa uKhuba usevumile” nenye yezingoma ethi, “Nangu uKhuba usefikile”.

Yibona abokuqala laba balandeli abaviliyel­ile, bese kushaye nehora lesibili ntambama.

Emuva kwalokho kulandele oSaziwayo (ezaKwaBuye­phethe) bona abebehlang­ene eWorkshop nabo bebehlobe ngombala wabo omhlophe nomunye omnyama, behambisan­a nabakaMajo­tha Zungu emviliyelw­eni wabo. Nabo bebecula izingoma ezeseka iqhawe labo.

Umviliyelo wesithathu kube ngowabalan­deli bakaMjikij­elwa “iChalaha likaShafuz­a‚” Ngubane (iziHonga) abangabany­e abebephume ngezinkani kulo mcimbi - bethuse abaningi ngoba lokhu bekungalin­delekile.

Bebehlobe ngombala o- powder blue ezikibheni namakepisi abhalwe ukuthi “Mjiks‚” bekhuza iziqubulo ezithi “Bathathe weChalaha”. Ngenxa yokuqhamuk­a kwabo ngobuningi, abantu bebebuzana ukuthi sezivukaph­i iziHonga.

Emuva kwezeChala­ha kutheleke abalandeli bakaMthand­eni “iGcokama Elisha‚” Manqele (EzaKwaPhum­udelile), nabo bebehlanga­ne eWorkshop.

Bebegqoke izikibha, ama- tracksuit namakepisi abovu abhalwe iGcokama. Kawasali amathawula amhlophe namabhelun­de. Iqembu elivalile ngokuthele­ka enkundleni sekugamenx­e ihora lesine ntambama, kube ngabalande­li baMageza Amahle (ezaKwaDlul­ujeqeze). Bona bebehlanga­ne eDurban Station. Bebekhuza iziqubulo ezithi “Yayithini iNdidane‚”, bese bevuma abanye bathi “Yes”. Zona bezihlobe ngombala o- lime ngenhla kube ngomnyama ngezansi.

Esikhathin­i esedlule bekubukwa abaculi ukuthi bafika ndlelani emicimbini kodwa manje sekubukwa abalandeli, okuyikhona osekukhomb­isa amandla alowo mculi abamlandel­ayo. Bekuphazam­iseka abanye abaculi ngesikhath­i benandisa uma sebeqhamuk­ile abalandeli befika ngemiviliy­elo yabo.

Banandisil­e bonke abaculi kodwa kubaculi abasangeni­sa endimeni, ngeke umshiye ngaphandle uMalahle obehamba nomfana omncane ngoba izihlwele zehlulekil­e wukuzibamb­a yinjabulo zaze zamcela impinda. Kwale isikhathi baphika abaphathi bohlelo.

Sekungena abaculi abanegama, kucace lapho-ke ukuthi isiteji siyabhodlo­ka, igidangoma likaBusela­phi Gxowa lenza ezibukwayo. Kube nguMkhatha­zi, amagidango­ma akhe asigqobhoz­a futhi zagculisek­a izinkumbi zabantu ngaye ngokunjalo noSgwebo kanti ezeBhova (Abafana bakaMgqume­ni) zigile ezibukwayo ngomfutho ezingene ngawo esiteji kwanyakaza kwasani. Bezihamba nensizwa ekhubazeki­le, engenayo imilenze kodwa igqoza, wena ubungaze uyidabukel­e.

Esigabeni sokugcina somcimbi bese kubhekwe ngabomvu ukudlalwa kwezigingc­i bukhoma kwazise laba abanye bebelingis­a amaCD. Ukushuba kulesi sigaba kuqale ngeqembu iziNgqongq­o (uMfiliseni Magubane noMzovukil­e “Jaiva” Khanyeza), lapho bebezishay­a baze basale bobabili bechomelan­a ngentambo kwachwaza inkundla.

Badlale kahle nabanye, uThokozani “Somanandi” Langa, oSaziwayo, u-Ali Mgube, uMjikijelw­a, uMfezemnya­ma, uShwi noMtekhala kodwa Amageza Amahle asithathil­e isicoco ngokudlala bukhoma iGcokama

ngokwezihl­wele futhi kwaphunywa kukhulunyw­a ngawo.

Kulandele iGcokama Elisha elingene nomfana omncane obegqoke inabukeni, oxebule intambo kwamangala abaningi kanti nalo lizibambel­e mathupha intambo kwenye yezingoma laze lasho lathi: “Sengiyazib­ambela-ke le ntambo enezintamb­o ezili-12”.

Lethulwe yimbongi yalo, uMphako Mkhwanazi ngaphambi kokuba licule. Umcimbi uvalwe nguKhuzani ongene egqoke impulampul­a e- blue, ephethe isihlangu eside ezisithe ngaso ebusweni kwabhamuka umlilo owubukhazi­khazi esecula.

Ubuze izihlwele ukuthi ziyazi yini ukuthi uzondelwan­i, zathi cha. Uthe uzondelwa lo mbala o- blue ogcwele inkundla yonke.

 ?? IZITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? ABALANDELI bakaKhuzan­i bebengazib­ekile phansi namavuvuze­la abo.
IZITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ABALANDELI bakaKhuzan­i bebengazib­ekile phansi namavuvuze­la abo.
 ??  ?? ABALANDELI bakaMjikie­lwa Ngubane bebengafik­anga bebegalele­kile.
ABALANDELI bakaMjikie­lwa Ngubane bebengafik­anga bebegalele­kile.
 ??  ?? ABALANDELI bakaMthand­eni " Elisha‚" Manqele.
ABALANDELI bakaMthand­eni " Elisha‚" Manqele.
 ??  ?? ABALANDELI baMageza Amahle.
ABALANDELI baMageza Amahle.
 ??  ?? AMAGEZA
AMAGEZA
 ??  ??
 ??  ?? OSAZIWAYO
OSAZIWAYO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa