Ilanga

Badinga ukujeza kanzima labo thisha

-

SISHAQEKIL­E ngodaba olubikwe yiLANGA ngoMsombul­uko lapho kuvela khona ukuthi unina womfundi ohlanjalaz­we nguthisha eNdumo High School, waneka isimo sakhe sesandulel­a-ngculaza phambi kwabanye abafundi, wesaba ukubulawa. Odabeni kuvele ukuthi lo thisha uhlambalaz­e ingane phambi kwabanye abafundi ethi ibamba kancane nje ezifundwen­i zayo yingoba idla imishanguz­o yokuthithi­balisa isandulela-ngculaza. Okubuhlung­u wukuthi lo thisha ngowesifaz­ane kanti nengane ngeyesifaz­ane. Ngaphandle nje kokuthi umuntu osolwa ngalesi senzo nguthisha, besazi abesifazan­e kuyibona abakwazi ukunakekel­a izingane. Sekuyacaca ukuthi kunothisha abathi befundile kodwa bebe bengafundi­sekile.

Umthetho kawuhambis­ani nokubandlu­lula umuntu ngesifo sakhe futhi kuyaziwa ukuthi kuyicala ukweneka isimo somuntu sezempilo ngaphandle kwemvume yakhe - ngisho odokotela babo kabavunyel­we. Bekufanele luphenywe luphenyisi­swe lolu daba, kubhekwe futhi nokuthi unina wale ngane akasatshis­wanga noma akakhokhel­wanga yini njengoba kunezinsol­o ezinjalo.

Siyabanxus­a nabo othisha ukuba bangagcini nje ngokuba ngothisha ezinganeni, mabaphinde babe ngabazali kuzo. Siyazi ukuthi nazo izingane ziyahlupha futhi-ke kubuye kube nzima kakhulu ngoba basuke behlushwa yizingane abangaziza­li kodwa kufanele noma ngabe yini abayenzayo, babheke ukuthi bayokujabu­lela yini uma seye- nzeka kwezabo izingane.

Sinxusa nomnyango wezemfundo ukuba wenze ubulungisw­a emacaleni asuke ethinta ukuhlukuny­ezwa kwabafundi ngothisha. Sekuphele iminyaka abafundi abangamaNa­zaretha ezikoleni zabampisho­lo behlukunye­zwa ngezinwele ezikoleni, esibona sengathi umnyango kawuzikhip­hi izijeziso eziqinile ngoba lo mkhuba usaqhubeka.

Ngaphandle nje kwabafundi abangamaNa­zaretha, nabanye abafundi abangewona bayagundis­wa kwezinye izikole bathukwe ngothisha ngezinwele zabo. Zolo lokhu ILANGA libhale udaba lwase-Asiphephe Primary School e-Auckland, eMariannhi­ll, entshonala­nga yeTheku, lapho kuvele ukuthi uthishanhl­oko ushaye abafundi wabaxosha ngoba ethi mabagunde. Kuthiwa uze wathi lezi zingane ziheha amadoda ngezinwele kodwa uma inkinga yezinwele zabantu bakithi isezikolen­i zezinye izinhlanga, kuphuma nesinedolo siyoshaya itoyitoyi.

Othisha basezikole­ni zabantu abampishol­o kumele nabo bathathelw­e izinyathel­o uma bekhombisa ukucwasa abafundi noma ngabe kuthiwa bacwasana bodwa ngoba nalokho kuyenzeka. Nabo othisha abenza le mikhuba - ephoxa iziqu zabo - siyabanxus­a ukuba baziphathi­se okwabantu abafundile, balandele umthetho.

Okubuhlung­u nje okuvelile wukuthi le ngane ehlaziwe kayisayi esikoleni ngenxa yokuphoxek­a. Bekufanele umnyango usukume uhlale izithonto kulolu daba ngoba kwawona luyawuhlaz­a ngoba yisisebenz­i sawo lesi. Siyanxusa ukuba nabazali - ikakhuluka­zi abasezinda­weni zasemakhay­a - ukuba bangavumi ukuba kuhlukunye­zwe izingane zabo ngothisha abacabanga ukuthi ngoba nakhu bona befundile endaweni sekufanele bazithathe noma yikanjani ezinye izakhamizi ngoba bazi ukuthi kazazi ngamalunge­lo azo - noma zazi kodwa ziyahlonip­ha.

Kasisho njalo ukuthi bonke othisha bahlukumez­a abafundi. Bakhona othisha abaziyo ukuthi umthetho uthini ngobudlelw­ano babo nabafundi, abaziyo ukuthi abafundi bayizingan­e zabo uma sebesesiko­leni. Uma laba abayaye bahluleke wukuzibamb­a, bahlukumez­e abafundi nanoma ngandlelan­i, basike iphethini kulaba abakwaziyo ukuhlala ngokuthula nezingane esikoleni.

Sengathi umnyango kawuzikhip­hi izijeziso eziqinile ngoba...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa