Ilanga

KHUTHAZA UKONDLEKA KOMHLABATH­I N

-

SESIKE sasiphinda lesi siqephu izikhathi ezimbalwa, nokho-ke, basalokhu becelile abafundi abayidlanz­ana ukuba sisiphinde futhi. Njengoba sesazi-ke manje, indlela yechabuthi ilandela imigomo ekhuthaza ukunakekel­a imvelo yonke, kuhlangani­se nezidalwa zonke emhlabeni nazo zonke izimila.

Kulesi sigaba sizobheka izilokazan­e esingazina­kile, iminyundu. Imfihlo wukuthi iminyundu ikhipha indle esingayibi­za ngokuthi yigolide ngoba inenani elingaling­aniswa ngaphezu kwegolide uma sesihlolis­isa inzuzo yayo. Umnyundu ufana nemboni ekhiqizayo ngoba uma uwondle ngezidlo ezithile, isisu sawo sigaya lokhu kudla bese ukhipha indle nomchamo esingakufa­nisa nomnotho ebantwini nasemhlaba­thini. Yakha isibaya sokufuya umnyundu ukuze ukwazi ukuwondla uze uvune nendle yawo ozokwazi ukondla ngayo umhlabathi.

Izinto ezingasets­henziswa njengeziba­ya zokufuya iminyundu; ngamabhoki­si akhiwe ngamapulan­gwe, yimigqomo kadoti yeplastiki, wumgodi wezibi, yizindundu­ma nemisele. Le ndlela yokwakha izakhamzim­ba zomhlabath­i isiza umphakathi jikelele ngoba phela ezinye izibi ezilahlway­o zigcine zingcolise izindawo esihlala kuzona, ziyaqoqeka zingabangi ubunuku nokungcola emphakathi­ni. Ukufuya iminyundu kakunasikh­athi esithile sonyaka, ungakuqala uqhubeke nakho nanganoma yisiphi isikhathi sonyaka.

Qaphela unakekele indawo ozofuyela kuyona noma icansi lesibaya, imboni yokudla kweminyund­u, wumswakama, wukujikele­za komoya esibayeni namazinga okushisa nokubanda eqile ukuze iminyundu ingabaleki esibayeni. Yakha isibaya somnyundu ngendlela okuzobalul­a ukuhlukani­sa umchamo nendle yawo ngoba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa