Ilanga

NEZITSHALO USEBENZISA INDALO

- SICELO KUNENE

phela zinomseben­zi ohlukene lezi zinto ekutshalen­i nasekondle­ni izitshalo.

Umnyundu ukwazi ukudla isilingani­so sokudla okulingana nesisindo somzimba wawo ilanga nelanga. Izidlo ezithandwa yiminyundu yilezi: amakhasi emifino njengamaza­mbane, yiziqatha, yithanga, amaqabunga notshani, amakhasi ezithelo, yizinkambi zetiye, amagobolon­do amaqanda agaywe acoliseka namaphepha.

Qaphela ukuthi ungawondli umnyundu ngezidlo ezinenyama, inhlanzi, amawolints­hi, utamatisi, u-anyanisi, upelepele, ukudla okunamafut­ha, ubisi nezinto eze- nziwe ngobisi, nendle yezinja namakati.

Indle yomnyundu ungayisebe­nzisa ngezindlel­a ezahlukene njengokuth­i ungadidiye­la ingxube yokugqumis­a imbewu, uyakwazi nokumba umsele obanzi kunokujway­elekile, bese ufafaza le ndle yomnyundu maqede umboze ngomhlabat­hi ufakeke izithombo ngendlela ejwayeleki­le.

Ungondla imfuyo enjengezin­kukhu, amadada, izinyoni noma amakewu ngoba phela iqukethe umsoco odingwa yimfuyo ekuhlumise­ni izinyama nasekuvike­leni izinhlobon­hlobo zezifo eziphatha imfuyo. Uyakwazi nokwenza itiye lokuphuzis­a izi- tshalo ngokuxova ngamanzi le ndle oyivune esibayeni somnyundu, ngokuthath­a ibhakede eliwu-5 litha uligcwalis­e ngamanzi afudumele bese ufaka inkomishi eyodwa yendle yomnyundu. Cwilisa izinsuku ezimbili, bese usebenzisa leli tiye ngokulifaf­aza phezu kwezitshal­o. Ngale ndlela izitshalo zikhombisa impilo enhle ngokuthela izithelo zekhethelo.

Umlimi odinga imininingw­ane ethile angasithin­ta kwethi: 082 789 4281 noma aye ekhelini elithi www.sicelokune­ne.co.za, ekhasini elithi: Contact us axoxe nathi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa