Ilanga

MASIPHATHE KAHLE ABANTU BESIFAZANE

-

SIYAZI ukuthi ngesonto eledlule sibhale lapha siphawula ngenyanga yokubungaz­a abesifazan­e kanti nanamuhla sizophinde siphawule sigxile kuyona futhi.

Phela njengoba sishilo ngalo isonto eledlule, lena yinyanga ebalulekil­e esingeke sikwazi neze ukuyiziba, nangephuth­a.

Njengoba-ke sisekuyona le nyanga siyazi ukuthi miningi imicimbi enhlobonhl­obo eqhubekayo yokubungaz­a le nyanga.

Namuhla nje ePlayhouse kuqala umcimbi obalulekil­e waminyaka yonke obizwa ngeSA Woman’s Art Festival (SAWAF), okudidiyel­we kuwo imidlalo yeshashala­zi nezinye izinhlelo ezehlukene eziyingxen­ye yale migubho. Kuyajabuli­sa ukubona izikhungo ezahlukene zibamba iqhaza ekubungaze­ni imbokodo emphakathi­ni.

Siyazi ukuthi miningi neminye imicimbi ehleliwe neyenzekay­o yokugubha le nyanga. Sithi-ke kubaluleki­le ukuba umphakathi uyeseke le micimbi ngokuba uphume ngobuningi bawo, ube yingxenye yayo.

Sifisa futhi ukuqhubeka nokukhutha­za kanye nokugqugqu­zela ukuba banakekelw­e futhi baphathwe kahle abantu besifazane, hhayi nje kuphela ngoba kuyinyanga yabo kodwa kufanele lokho kwenzeke njalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa