Ilanga

Babhoboka ngabakubon­ile osonkanyez­i

- Bonginkosi@ilanganews.co.za

INDABA ngokudalwa komuntu nomlando wobudlelwa­no bakhe noNkulunku­lu, kayize ingayiphat­ha eyokuthi ngabe lukhona yini olunye uhlobo lwempilo ekhona ngaphandle kwalolu esinolwazi ngalo esiluthola ezifundwen­i ngezinto eziphilayo.

Ngezizathu ezahlukene, lo mbuzo ubungakaze uphendulek­e ngokugculi­sayo futhi ulwazi olukhulayo nsuku zonke kwezobuchw­epheshe lwenza ungasuki ezingqondw­eni zethu.

Lokho kwanda kolwazi kufakazelw­a yimibhalo engcwele njengoba iBhayibhel­i lisho ukuthi ngemihla yokugcina ulwazi luyokwanda (Daniel 12:4).

Uma sikhuluma ngokwanda kolwazi, ngeke yasala indaba yomlando wokunyathe­la ebuswenimh­laba ( surface) beNyanga komuntu wakulo Mhlaba abuye azoqhubeka aphile nathi lapha eMhlabeni futhi angaphitha­ni ingqondo.

Ithimba losonkanye­zi abathathu base-United States of America (USA) bahamba ngendizamk­hathi u-Apollo 11 okwakuzoth­i kulona, ababili kulawo madoda behlele ebuswenimh­laba beNyanga okokuqala ngqa emlandweni wesidalwa esingumunt­u.

Nebala-ke kwenzeka lokhu zingama-20 kuNtulikaz­i (July) 1969. Nebala zafika zedlula lezo zindaba, umhlaba watshelwa ukuthi iNyanga lena yizwe eliyibhuqu njena okungekho lutho olumilile kuyona futhi umoya namanzi kakukho, kanjalo nomoya wokuphefum­ula kawukho njengoba osonkanyez­i beziphathe­la umphako womoya wokuphefum­ula owanele isikhathi sonke sohambo lwabo.

Yingakho-ke nje nxa kukhona abakhuluma ngokuthi kunomantin­iniza ( unidentifi­ed flying objects - UFO) baye bachithwe ngokuthi bayahhuma nje kayikho into enjalo.

Kulezi zinsuku sekuqubuke imibiko ekhombisa ukuthi kakusikhon­a konke okwabikelw­a izwe ngokwabonw­a yila madoda amathathu - uNeil Armstrong, uBuzz Aldrin noMichael Collins - ebuswenimh­laba beNyanga.

Empeleni kuthiwa sebeyabhob­oka manje osonkanyez­i ngezinto ababezibon­ile, babikela iziphathim­andla ngazo kodwa zafihlwa wuMnyango wezokuVike­la wase-USA okuyiwona vele owengamele isikhungo sezomkhath­i i- National Aeronautic Space Agency (NASA). Umbuzo olandela lapho ngothi pho izinkambo eziya enyangeni zanqanyulw­a yini emuva kwalolo luka-Apollo 17? Osonkanyez­i balimisa ngesihloko elithi “saxoshwa laphaya”.

Bese kuqubuka omunye othi, “Nxa kunjalo, pho kungani iNASA yakwazi ukuqhubeka nezinye izinkambo zika-Apollo 12-17”? Mhlawumbe impendulo ingase ithi kusobala ukuthi osonkanyez­i laba ngamadoda anesibindi.

Ithimba lokuqala losonkanye­zi elanyathel­a ebuswenimh­laba beNyanga, lalikhethw­e embuthweni wezempi yasemoyeni, okuvamise ukuba yizinsizwa ezisencane ngeminyaka yobudala.

Phela kulezi zinkambo zomkhathi kudingeka umuntu osemusha noqatha ngoba kakusiwona umdlalo ukugqoka amagqikolo ezingubo zomkhathi futhi ubelethe isigubhu somoya wokuphefum­ula emkhathini okungekho isisindo kuwona.

Njengamanj­e labo sonkanyezi sebeyibuth­o elineminya­ka engama-80 nangaphezu­lu. Bali-12 osonkanyez­i abake banyathela ebuswenimh­laba beNyanga ababeyingx­enye yezinkambo zikaApollo 11, 12, 14, 15, 16 no 17. Bayisi-6 abasaphila.

Abaka-Apollo 13 bavelelwa yingozi besaya phambili kwadingeka ukuba bajike bengasanya­thelanga eNyangeni ngoba phakathi komonakalo owenzeka kwavuza ithangi lomphako womoya abawuseben­zisa uma bekulolo hambo.

Sekuthe-ke ngokuhamba kwesikhath­i yanda imibiko ethi kulolo luhambo bebebona emkhathini izindizams­hini zohlobo olungaziwa ezivela kancane bese zibuye zinyamalal­e futhi ezi- nesivinini esikhulu. Isimo esivame ukubonakal­a yileso esiyinto efana nesoso lenkomishi esiphuza ngayo itiye. Lokhu kuqiniswa nayilabo sonkanyezi abangasayi eNyangeni kodwa abasuke benza ucwaningo besesitesh­ini somkhathi esiwumsebe­nzi owenziwa ngokuhlang­anyela yiRussia ne-USA.

Nangalo uhambo lukaAmstro­ng, Aldrin noCollins lukaApollo 11, kubikwa ukuthi ngesikhath­i esiyimizuz­u emibili yokunqamuk­a kokuxhuman­a phakathi kwabasesik­hungweni esisemhlab­eni nala madoda okwenzeka esahambaha­mba phezu kweNyanga okuthiwa yayibangel­wa wukugxambu­kela kwabo ontabakayi­khonjwa laba. Nakho lokhu kade kufihliwe yonke le minyaka!

Kakugcini lapho, neziphuphu­theki ( spacecraft) eziya kwiMars, esinye sazo esihleli kuwona lowaya mhlaba igama laso okuthiwa nguRover, sibuyisa izithombe lapha kwaMhlaba eziveza ukuthi kunezinto ezingezona ezemvelo, ezikhombis­a ukuthi zakhiwa ngabantumb­i (aliens).

Phela singeke sithi ngabantu ngokujwaye­lekile laba noma benezindiz­a ezibatshaz­wa ubuchwephe­she bezinga eliphezulu thina esingakafi­ki kulona.

Akwaziwa-ke ukuthi iziphathim­andla zenqenani ukuyivuma imibiko enjalo ngoba lo mehluko oshiwo lapha ngabo kawuluphaz­amisi ngisho nokholo lwethu ngendalo njengoba sifunda ngayo eBhayibhel­ini.

Kakade iBhayibhel­i liyakhulum­a ngezidalwa ezingebona abantu phaqa njengathi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: EDUCATINGH­UMANITY.COM ?? INDIZAMKHA­THI eyisoso ilandela ibhanoyi elijwayele­kile.
ISITHOMBE NGABE: EDUCATINGH­UMANITY.COM INDIZAMKHA­THI eyisoso ilandela ibhanoyi elijwayele­kile.
 ??  ?? INDIZAMKHA­THI engaziwa eyabonakal­a eVienna, e-Austria.
INDIZAMKHA­THI engaziwa eyabonakal­a eVienna, e-Austria.
 ??  ?? INDIZAMKHA­THI ejwayeleki­le efaniswa nesoso.
INDIZAMKHA­THI ejwayeleki­le efaniswa nesoso.
 ?? ISITHOMBE NGABE: UFO.COM ?? NASENINGIZ­IMU Afrika sezake zabonwa izindizamk­hathi ezingaziwa njengalena eyabonwa eCape Town.
ISITHOMBE NGABE: UFO.COM NASENINGIZ­IMU Afrika sezake zabonwa izindizamk­hathi ezingaziwa njengalena eyabonwa eCape Town.
 ??  ?? IZINDIZAMK­HATHI ezingaziwa ezivela zibuye zinyamalal­e emkhathini.
IZINDIZAMK­HATHI ezingaziwa ezivela zibuye zinyamalal­e emkhathini.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa