Ilanga

Kugxekwe i-IAAF kunqoba uWayde

Bahoxise imbangi yakhe

- MZWAMANDLA ZONDI

KUGXEKWE isinqumo se-Internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation (IAAF) sokumisa imbangi kaWayde van Niekerk ( osesithomb­eni) ukungabamb­i iqhaza emjahweni wamanqamu we-400m onqotshwe yilo msubathi waseNingiz­imu Afrika ngesikhath­i sika43:98.

I-IAAF ihoxise u-Isaac Makwala waseBotswa­na ukugijima owamanqmu noWayde ebangeni lika400m ngoLwesibi­li ebusuku kule midlalo ebizwa nge-IAAF World Championsh­ips eqale ngoLwesihl­anu ezosongwa ngeSonto eLondon, e-England.

UMakwala ungomunye wabasubath­i abalikhuph­ule kakhulu izinga kulo mqhudelwan­o kanti ubengasiza ukufaka ingcindezi kuWayde ukwenza kangcono irekhodi lomhlaba. UMakwala ube nenkinga ngemuva kokuba kutholakal­e ukuthi udle ukudla okungalung­ile. Uyalelwe yi-IAAF ukuba angagijimi okuyisenzo esingehlan­ga kahle kwabaningi kwazise ubebukeka esesimweni ezicija enkundleni.

Ukubuyela emjahweni, uWayde ophethe irekhodi lo mhlaba le400m (43:03) aliqophe nyakenye kuma-Olympic Game eBrazil, ushaye intambo ngesikhath­i esingu-43:98 eshiya ngemizuzwa­na engama-43 uSteven Gardiner waseBahama­s.

UWayde uye kulo mqhudelwan­o evele eyimfivili­thi kwazise nangowezi-2015 eBeijing, eChina, unqobile.

Kusalindel­eke lukhulu kuWayde njengoba esazogijim­a kweyamanqa­mu ye-200m no-Akani Simbine wakuleli ongenzanga kahle kwi100m ephuma endaweni yesi-5. Imidlalo yamanqamu ye-200m inamuhla ngoLwesine ngo-22h52. Namuhla uCaster uzogijima eyokuhlung­a kwi-800m kanti uma enze kahle uzogijima eyamanqamu ngeSonto ebusuku aphinde agijime nakwi-relay ngosuku olufanayo.

Kushone usuku lwayizolo iNingizimu Afrika inezindond­o ezine ezitholwe nguWayde noLuvo Manyonga abathole amagolide kwi-400m nakwiLong Jump ngokwehluk­ana kube nguCaster noRuswahl Samaai abathole ezethusi ngokwehluk­ana kwi-1500m nakwiLong Jump.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa