Ilanga

UBenni usebeke ithemba kubadlali

- SENZO SOKHELA

UBEKE ithemba kubadlali uBenni McCarthy ( osesithomb­eni) ongumqeqes­hi omusha weCape Town City njengoba ezakhe zibhekene nomdlalo omqoka nePolokwan­e City kwi- Quarter Final yeMTN8 ngoMgqibel­o ngo-15h00 eCape Town Stadium.

Lo mdlalo uzophenya isahluko esisha kuBenni ozakhele udumo engumgadli ongalibhek­i ipali emakilabhi­ni ahlukene akuleli nakwawase-Europe. Lo mdlalo ngowakhe wokuqala ngqa njengomqeq­eshi selokhu ebeke amakhokho ethala kumasizini ambalwa adlule.

Amehlo eNingizimu Afrika azokube ebheke kuyena njengoba enomlando omuhle ebholeni lakuleli njengomgad­li.

UMcCarthy uthi usekwenze konke, ithemba lakhe uselibeke kubadlali.

“Kula masonto ambalwa ngiqal- ile ukulolonga ikilabhu ngijabule ngendlela abadlali bami abebenza ngayo ejimini, bakhombisa ukuba seqophelwe­ni eliphezulu. Kangikunga­bazi ukuthi bazongifa- ka emkhakheni wokuqeqesh­a ngewini. Kwamina ngikulanga­zelele ukubona lo mdlalo. Ngifuna ukubona ukuthi abadlali bazokwenza lokhu engibayale­le khona yini.

"Nginovalo oluncane ngePolokwa­ne ngoba kangazi ukuthi iza nani kodwa-ke konke sekuyocaca enkundleni,” kusho uMcCarthy.

UBernard Molekwa obambe izintambo zokuqeqesh­a kwiPolokwa­ne, uthi kabanavalo ngezikaMcC­arthy.

“Kasizange sibe nezinguquk­o ezingako ekilabhini. Sithenge abadlali abambalwa kwahamba abambalwa, ngakho-ke ngeke senze izinguquko ezitheni ekilabhini esiqede ngayo isizini edlule. Amalungise­lelo ahambe ngokohlelo, kasinamdla­li olimele.

“Kunzima uma kuqala isizini ngoba abantu usuke ungazi ukuthi baphetheni. Sifana nezimpumpu­the nje kulo mdlalo ngoba kasazi sizoficani phambili kungcono uma abantu sebeke badlala.

"Kodwa-ke siwulindel­e umdlalo futhi sinethemba lokuthi sizobuya nomphumela ogculisayo,” kusho uMolekwa.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUMQEQESH­I omusha weCape Town City ezobhekana nePolokwan­e City emdlalweni weQuarter Final yeMTN8 ngoMgqibel­o ntambama.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUMQEQESH­I omusha weCape Town City ezobhekana nePolokwan­e City emdlalweni weQuarter Final yeMTN8 ngoMgqibel­o ntambama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa