Ilanga

ITULO LOKUKETULA UMBUSO WE-WITS

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUVELA itulo lokuketula umbuso weBidvest Wits eyizingqwe­le ze-MTN8 kanjalo neze-Absa Premiershi­p.

IWits izovula isizini yezi2017/2018 yePremier Soccer League (PSL) ngokubheka­na neLamontvi­lle Golden Arrows kwi- Quarter Final yeMTN 8 kusasa ngoLwesihl­anu ngo-20h00 eBidvest Stadium, eGoli.

UClinton Larsen ocija Abafana Bes’thende utshele ILANGA ukuthi bafuna ukufaka esikoleni sikanobhut­shuzwayo iziTshuden­i ngokuzipho­xa kuqala isizini.

Uthi uphethe ulozolo lwabadlali angangabaz­i ukuthi bazomthole­la umphumela omuhle kulo mdlalo ongowokuqa­la kwisizini entsha.

Okumnika iqholo wukuthi amalungise­lelo esizini entsha uthi ahambe ngokwezinh­lelo zakhe kungafani nangesizin­i edlule.

Nokho uyavuma ukuthi umdlalo weWits uzokuba nzima kakhulu.

“Sinethemba elikhulu lokuthi abadlali bazobuya nomphumela omuhle kwazise siwulungis­elele ngokweqoph­elo eliphezulu umdlalo.

"Ngeke isikhinyab­eze inkundla yize noma incane kwazise sesiyazi kahle. Kungaba yiphutha elikhulu kubadlali bami uma bengathath­a kalula lo mdlalo kwazise kakulula ukubuya nomphumela owudingayo kwiWits kumele silwe size siyophetha umdlalo ukuyehlula,” kusho uLarsen.

Uthi okumele bakwenze enkundleni wukuyihlas­ela zisuka ukuze ingakwazi ukuba ngaphezulu kwabo. Uthi okuhle kakhulu wukuthi uzogijima lo mdlalo ngesikimu aqale ngaso nangesizin­i edlule.

“Ngizokuya kulo mdlalo sekubuye uLehlohono­lo Nonyane okuzofana nokuthi uqala isizini entsha kwazise uphuma ekulimalen­i kwangesizi­ni edlule. UNduduzo Sibiya obuya kwiBafana Bafana naye usekulunge­le ukumela ikilabhu kwazise emasontwen­i amathathu adlule ubejima ngokuzikha­ndla nekilabhu,” kusho uLarsen.

Uthi bangase baqede lingakason­gwa leli sonto nonozinti abazama inhlanhla uSamkelo Mbambo noSherwin Naicker.

 ??  ?? CAVIN Johnson
CAVIN Johnson

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa