Ilanga

UMQEQESHI OMUSHA WOSUTHU UFUNA UMADONDO

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI osanda kuqashwa ngamaZulu FC angase asayinise umdlali okungakaph­eli sikhathi esingakana­ni esayine kwiRichard­s Bay FC egijima kwiNationa­l First Division (NFD).

USuthu lumemezele ukuthi seluqashe uCavin Johnson njen- gomqeqeshi walo omusha. Lo mqeqeshi ngeSonto ubonakale eLa Lucia, enyakatho yeTheku, ehamba nomphathi wakhe uMike Makaab weProsport Internatio­nal okusolakal­a ukuthi yilona usuku asayine ngalo noSuthu.

Uqashwa nje bekukhona uJoey Antipas waseZimbab­we ofakwe amasondo nomsizi wakhe uPrince Matore. UJohnson ubengenawo umsebenzi emuva kokuba ekhonjwe indlela yiPlatinum Stars ngasekuphe­leni kwesizini edlule.

ILANGA lithole ukuthi uJohnson ufuna ukusayinis­a uKhulekani “Chillies” Madondo osayine neRichards Bay ngeledlule.

Kuthiwa neBay izimisele ukumdedela ngenxa yokuba seqophel- weni eliphezulu kwalo mdlali. Kuthiwa ibona kuzofana nokuthi iyamubambe­zela uma imgcina.

Nokho ngenxa yokuthi ubesesayin­ile izofuna okuncane ukuze imdedele kwazise bese imbale njengomunt­u ozoyisiza.

UJohnson wale waphetha ukuphawula ngale ndaba wathi okwamanje akukho angakusho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa