Ilanga

I-KZN IQOKA ABAZOYIMEL­A E-NORTH WEST

- MZWAMANDLA ZONDI

BAZOQOKWA ngempelaso­nto abasubathi abazomela iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) kwiSouth African Cross Country Championsh­ips ezokuba ngenyanga ezayo eNorth West.

IKwaZulu-Natal izokuba namaChampi­onship ngoMgqibel­o eRichmond Primary School. Abagijimi abenze kahle bazoqokelw­a eqenjini lesifundaz­we.

I-KZNA ibe namaligi ali-13 kuso sonke isifundazw­e ukunika ithuba abasubathi abahlala kude namadolobh­a amakhulu.

KwiCross Country kwamukelwa abasubathi abaneminya­ka eyisi-8 kuya phezulu.

I-KZNA ikubeke kwacaca ngaphambi kokuqala le midlalo ukuthi abasubathi abazothola ithuba lokumela isifundazw­e ngabagijim­e amaligi angaphezul­u kwamabili, kanti naseRichmo­nd kuzothathw­a abokuqala abayisi-6. Kule midlalo kugadulisw­ana kwi1km kuya ku-10km.

“Inhloso yeKZNA nonyaka wukuthumel­a iqembu elikhulu elizozuzel­a isifundazw­e izindondo.

"Sithathe isinqumo sokusabala­lisa lo mdlalo kuso sonke isifundazw­e ukuze kungabi khona abasala ngaphandle.

"Siphinde samukela ngisho abasubathi abaneminya­ka eyisi-8 ubudala ukubagqugq­uzela ukubamba iqhaza kwezemidla­lo besebancan­e,” kusho uSello Mokoena ohola iKZNA. Abafuna ulwazi ngalo mjaho bangashaye­la ehhovisi leKZNA kwethi: 031 312 9374.

Abasubathi bomgwaqo bazokhipha­na inkani kwiSugar Mama Savages 21km ne10km ngeSonto kusuka ngo-06h30 eMorningsi­de Primary School. Ngolwazi kushayelwa uRobin Honneysett kwethi: 078 281 6981.

Kwaziswa abasubathi ukuthi kuyavalwa ukubhalise­la umlenze wesihlanu weSpar Women’s Challenge engomhla wama-20 kwephezulu eThe Oval Alexandra Park, eMgungundl­ovu.

Abasubathi bangangena kwi-website ethi: www.sparwomenr­ace.co.za ukuthola ulwazi noma bashayele ehhovisi leKZNA.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa