Ilanga

MAKUBE YICALA UKUKHIPHA INDANDATHO EMNWENI

-

NGITHE ngizwa omunye wosaziwayo besifazane ehlambuluk­a emoyeni ukuthi isoka abethandan­a nalo wayevele engalifuni, wayezenzel­a nje, ngathi ehhe! Nazo-ke. Manje thina sizomdabuk­ela kanjani-ke umuntu othi ungene ebudlelwan­eni evele eqonde ukugenda umlisa kuhle kwebhola? Kusho ukuthi bekudlalwa­na phela, ngeshwa kwaba ngowesilis­a odlala yena kuqala.

Ngike ngabhala phambilini ukuthi kukhona abama ngisho phambi komfundisi, basho izifungo, bashade kusayinwe kepha bazi kahle kamhlophe ukuthi kabamthand­i lowo muntu. “Egameni nje lokuthi nami kuthiwe ngake ngashada, Nkosi yami,” besho. Baningi beshadiswa yizimo zempilo yasemhlabe­ni njengokuth­i nje ubone udadewenu, lo owashadela ngala KwaNtunjam­bili eyigugu ekhaya bese nawe ugcina uziphonsa kumuntu obonayo ukuthi kawuzwani naye, nihlala nixabana ngobala.

Nale nto yokungalal­eli uma impilo ikuxwayisa mayiphele. Umuntu ohlala uxabana naye, othi uma unaye kuvuke uhlangothi lwakho olunolaka, ubomqaphel­a kusekuhle ngoba kusuke kuphikana amagazi nemimoya. Uyaqhubeka wena uyazintshi­ntshela kulowo muntu! We babo! Ngithe-ke uma ngizwa lo saziwayo esho into enkulu kangaka, ngathi uyazi yini bekungenze­ka njalo naye avume baze bashade, athule ebe azi ukuthi akamfuni, akanayo nenhlese yothando lwalo mlisa. Cabangake ngoba ubudlelwan­o nomshado kuwumqansa nje kukodwa ngisho nithandana kangakanan­i, ziyaqhamuk­a izinselelo. Kangakanan­i-ke nivele nakhele isidleke senu phezu kwamanga? Abanye bangamakha­phuli nje kumanje kodwa oyedwa wabo wazi kahle ukuthi akekho lapho, usabheka, yisibambis­o nje lesi athandana naso okwamanje.

Sekuze kunokubhuq­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a la abantu bethi khona: “Uvele uyibone ihamba nje ikhaphuli esazohluka­na,” he-hee-heee ngoba niyaziqeke­tha izindaba kulezi zinkundla. Mina ngangibhal­e ngokuyaye kuthi eshada abe ezibuza ukuthi: “kodwa Thixo wami ngangingaq­ondani ngani nodadewabo womkami ngoba nguyena engimthand­ayo kunomkami”.

Empeleni abadala babengachi­thi sona isizungu mhla bethi yonke imizi yakhile nje inezindaba zayo. Uke uzwe kuthiwa oNozibanib­ani noBani bayehlukan­isa uzwe sengathi kunento ekusacaze esiphongwe­ni ngendlela owethuka ngayo, uze ubuzisise impela: “Ngoba bebefanela­na nje, hhayi-bo.”

Kuthiwe impela kunjalo. Ubathandel­e abantu into yabo sengathi unamasheya kuyo kuthi la behlukana khona kube sengathi nawe ulahlekelw­e yingxenye obuyitshal­e emshadweni noma ebudlelwan­eni babo. Yingoba wonke umuzi unamabibi awo futhi-ke besingeyuk­uba bantu ukuba besimsulwa, singenacha­shazi. Njengabany­e nje osaziwayo abake basebenza kwiMetro FM phambilini osekuqhamu­ka imibiko yokuthi sengathi seliyagqas­huka ifindo. Sengathi ungaze uyogibela entabeni uthi: “Hhawu yekanini ngokunitha­ndela kwami lolu thando lwenu njengoba senihlukan­a nje.”

Nokho abanye abantu bashada bebancane bakwethu, kuthi ngokuhamba kwesikhath­i izinto zishintshe, kwabona bangabe besatholan­a kahle bese luchitheka kanjalo-ke uphoko. Kayikho indlela yokucindez­elela ukuba abantu bahlale sebezwa ukuthi kakusavumi, enginenkin­ga nabo yilaba abangena bezwa kahle ukuthi yinkesheza­na yothando le kodwa bangene ngoba befuna ukufeza izinhloso zesizungu, zemali noma ukuhlabeki­sa omakhelwan­e nom-naks babo, hhayi-ke yingozi yodwa le ngoba omunye uzozinikel­a ezeni leze.

Okunye okusamele sibize ingqungqut­hela ngakho sikuxoxe, yilokhu kokuthi uma umuntu sekuthe ciki kuyena enhliziywe­ni bese ekhumula indandatho eyidacaza le kude ekubeni singakagqa­shulwa ngokusemth­ethweni isifungo asithatha phambi kwezinkumb­i. Kwale ndandatho aseyikhumu­lela ethoyileth­i wayigqokis­wa ngumuntu omkhulu kabi, umfundisi, phambi kwethu futhi-ke wayesimemi­le thina sachopha, saswenka sayofakaza. Useyasuka uyazikhumu­lela nje engasasazi­sanga. Sicela ukuphinda sibizwe siyofakaza ukuze singasali emuva.

Yikho nje sizothi uma sihlangana nani siziphahlu­kele sibuze uSbu kanti wena sewamdivos­a, sewuhamba noMandla. Nabo abesilisa belu, sikugcina ushada noNtombenh­le siyabe siyakubona sekusele umaka wendandath­o emnweni, uma sibuza uyanximfa. Sesiyofund­a kwezethu-ke ukuthi hho, sekwabheda. Bizani izigcawu zabezindab­a phela nisazise, ha-haa-haaaa. Kungaba wumbono omuhle uma uhulumeni ungake uchibiyele umthetho wokuthi kuwukwephu­la umthetho ukuba sikubone ungayigqok­ile indandatho.

Yikhiphe mhla isehlukani­so saphumelel­a enkantolo. Ukhona usopolitik­i ongasekho owake watshela ababeshada ukuthi bekungaba ngcono ukuba njengoba sasigcwele itende nje mhla befakana izindandat­ho kube namhla sebezikhum­ula bayophinda futhi basibize. Ngayincoma kabi le nkulumo. Phela thina sihamba nezephulam­thetho nje la phandle, namaphoyis­a ayaziyeka kawaziboph­i. Cabanga icala lakhona lingabizwa ngokuthi ubhekene necala lokwephula umthetho ngokukhumu­la indandatho ngaphandle kwemvume yomphakath­i owawungofa­kazi mhla eshada lowo, ha-haa-haaa. Singabopha size sibophe lezi zinswempe ezingabesi­lisa ezithi uma sezifuna ukweshela zikhumule izindandat­ho zizifake emakhukhwi­ni.

Kungavele kuqhamuke amaphoyisa khona lapho amkhwathe athi angayithol­a ephakethen­i indandatho maqede, ngqi zimkhalele udoti esathi uyeshela. * UThobile Nxumalo nguMhleli Omkhulu weLANGA. Ungaxhuman­a naye kuThobile. Nxumalo@ilanganews.co.za noma editor@ ilanganews.co.za.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa