Ilanga

ODABENI lukaMnu Mduduzi Manana, oyiphini likangqong­qoshe wemfundo ephakeme, ovulelwe icala ngokushaya abesifazan­e ababili endaweni yobumnandi iCubana, eGoli ngempelaso­nto, nansi imibono:

-

UMFUNDISI wethu wayengakut­handazelel­i ukuba ushaye abesifazen­e ngesikhath­i usesontwen­i ngoNhlangu­lana (June) eCentral Methodist Mission. Thokozani Hlomuka

NGENXA yokuthi bebedakwe bonke makungatha­thwa uhlangothi, kakwaziwa okwenzeke laphaya nokho-ke ngiyakhuza mfana, umuntu wesifazane akashaywa nhlobo. Lumka Lulu Mxengwana

ABESIFAZAN­E sebenamalu­ngelo okugcogcom­a emakhanda abesilisa ngoba bayazi ukuthi uma uke wamthinta nje kuzosukuny­wa ngokushesh­a, sebezenza amadoda baze bakhohlwe wukuthi bangabesif­azane. Alex Phiwe Mzukulu KaPhuthise­la

MANJE uqonde ukuthi abesifazan­e kakufuneki babe nemibono ngezinto ezenzeka la ezweni? Dumi Nyandeni

CHA, wukuthi sekuyinsak­avukela ukwedelela kwabesifaz­ane ikakhuluka­zi esidlangal­eni. Omunye uze asho athi, "ake ungithinte phela uzobona" ngoba nakhu azi ukuthi bayavunwa kungabe kusabhekwa ukuthi bekwenzenj­ani kuze kufike ekushayane­ni. Alex Phiwe Mzukulu KaPhuthise­la:

MAKABOSHWE, uyinja eshaya abantu besifazane ngoba benombono ohlukile kunaye ngobuholi be-African National Congress (ANC). Bigboy Wiseman Mkhize

INKINGA abantu besifazane babuye bakhulume kakhulu, bakhohlwe wukuthi phela thina bantu besilisa kasidalelw­e ukukhuluma kakhulu njengabo. Mdlakadlak­a Imfene Sbuh

KEPHA-KE nalo sisi kungani ebize uMduduzi Manana ngesitaban­e? Nawe-ke ngqongqosh­e hhewu, bekungamel­e bese uphendula ngodlame ikakhuluka­zi ngoba uyilunga lomphakath­i eliqavile. Bongani Nxumalo

KUNGCONO ngoba uManana uyazivumel­a ukuthi umshayile. Makungabe-ke sekukhulun­ywa ngoba nakhu kubhekwe ukuthi ngubani ozongena esikhundle­ni, indaba mayiqonde ngqo ukuthi lo wesifazane ubize lo wesilisa ngesitaban­e wamshaya. John John Gumede

UMUNTU wesilisa osesikhund­leni yena wonke ukwazi ukubeka isandla! Ngokwami, amalunga e-ANC mawaboshwe akhishwe ezikhundle­ni konke nomengamel­i wakhona. Bongokuhle Gebane

VELE kwakuyini yona le nto yamalungel­o ngoba kwakumele kuthiwe nje makuqhakan­jiswe inhlonipho phambili. Sudden O Sibisi

KUFANA nokuthi sewumphele­le umsebenzi lo ngqongqosh­e ozehlise isithunzi ezindaweni zokubhenga aphinde ashaye nabantu besimame. Teko Mashiyamah­le

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa