Ilanga

BABHACILE ABASINDE KUQOTHWA UMNDENI

Bazwile ukuthi bazohlasel­wa futhi

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UBALEKE washiya kukhala ibhungezi emzini wawo umndeni wakwaNtsha­ngase eMatini, eMamba, eShowe, enyakatho-mpumalanga neKwaZulu-Natal ngenxa yezinsongo zokuthi kuzoqedwa ngabasele kuwona emuva kokuba kuhlaselwe amalunga awo ngeSonto eledlule aqothwa ngenhlamvu.

Ilunga lomndeni, uNkz Xolisile Ntshangase, lithi kabasaphep­hile, yingakho bengasahla­li kulo muzi. Uthi bezwile ngandleben­ye ukuthi basazohlas­elwa.

Kwenzeka lokhu nje, ILANGA lithole ukuthi sekushone elinye ilunga lalo mndeni, uMnu Nkanyiso Ntshangase, ebelingeni­swe esibhedlel­a ngenxa yokudubule­ka kabi kade kuhlaselwa lo mndeni.

Amaphoyisa kuthiwa anikele eThekwini abopha omunye wesilisa ngoLwesihl­anu ongowesith­athu, ababili bese bevele beboshiwe ngezinsolo zokubulawa kwamalunga alo mndeni.

Ngeledlule kuhlaselwe kwaNtshang­ase kwadutshul­wa amalunga omndeni ayisihlanu evalelwe endlini. UMnu Gama Ntshangase noMnu Doda Bhekumgazi Ntshangase - obekumele athathe isihlalo sobukhosi - bashonele phakathi endlini kanti uMnu Bongani Bhengu oyisihlobo sakwaNtsha­ngase, kuvela ukuthi ushonele ngaphandle kwendlu ezama ukubaleka.

UMnu Njabulo noMnu Nkanyiso bakwaNtsha­ngase, bakwazile ukudlubulu­ndela ngesikhath­i sesigameko njengoba uNkanyiso eze washona ngoLwesihl­anu.

ILANGA lithole ukuthi la malunga ashonile, amabili adutshuliw­e kwase kokhelwa indlu ngomlilo ashiswa.

Kunezinsol­o zombango wobukhosi bakwaNtsha­ngase okuthiwa buphethwe yiNkosi Vela Shange. Lobu bukhosi kuthiwa babunikwe oShange emandulo ngabozalo lwakwaNtsh­angase ukuba babubambe.

INkosi Shange kubikwa ukuthi ibisibuded­elile lobu bukhosi, isitifiket­i yasinika uMnu Xolani Ntshangase nakuba ebengakagc­o- tshwa njengoba naye bekumele asidlulise­le kuMnu Doda Ntshangase.

Phambilini ilunga lomndeni, uNkz Xolisile Ntshangase, lithe kwenzeka lokhu nje, bekuhlatsh­iwe kulo mndeni kunomseben­zi.

“UShange ubeseyiyon­a iNkosi endaweni kodwa izinto ezithinta ubukhosi ubesezidlu­lisile ngoba ubengenqab­ile nabo.

“Le nto bebeyihlel­e kahle ngoba baqale babhoncula amalambu akhanyisa emnyango kwase kuba mnyama emuva kokuba benze umonakalo,” kusho uNkz Ntshangase.

Utshele ILANGA ukuthi indlu egweve nobukhosi ngeyaKwaNj­engonina kanti ubukhosi obasendlin­i yaseZithiy­a. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthi icala livulwe esiteshini samaphoyis­a eMbongolwa­ne, eShowe.

“Amaphoyisa abophe omunye umsolwa wesithathu ngoLwesihl­anu oneminyaka engama-54 ubudala ozovela eNkantolo yeMantshi eShowe namhlanje (ngoMsombul­uko),“kusho uLt Colonel Zwane.

Le nto bebeyihlel­e kahle ngoba baqale babhoncula amalambu akhanyisa emnyango kwase kuba mnyama emuva kokuba..

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa