I-DA iqembukelene ngesiphakamiso
UMaimane ufuna kuhlakazwe iPhalamende
AHLUKENE phakathi amalunga eDemocratic Alliance (DA) mayelana nesiphakamiso somholi waleli qembu, uMnu Mmusi Maimane, sokuba kuhlakazwe iPhalamende.
Esigcawini sabezindaba ngeledlule, uMnu Maimane, umemezele ukuthi bazophakamisa ukuba lihlakazwe iPhalamende ngemuva kokwehluleka ekushayeni uMengameli Jacob Zuma ngevoti lokungamethembi.
NgoLwesihlanu iDA ifake ngokusemthethweni lesi siphakamiso ePhalamende njengoba kulindeleke ukuba kube nenkulumo-mpiki- swano ngaso. Amanye amaqembu aphikisayo okubalwa i-Economic Freedom Fighters (EFF), i-United Democratic Movement (UDM), iCongress of the People (Cope), iNkatha Freedom Party (IFP), alibeke ngembaba elokuthi ngeke ahambisane nalesi siphakamiso.
Ngokuthola kweLANGA, amalunga esigungu esiphezulu seDA ashaqekile ngesikhathi uMnu Maimane nosotswebhu waleli qembu, uMnu John Steenhuizen, bememezela isiphakamiso sokuhlakaza iPhalamende, okwenze kwadaleka uqhekeko kuleli qembu.
Elinye ilunga lesigungu esiphezulu kuleli qembu - elingathandanga ukudalulwa - lithe okwenziwe nguMnu Maimane kubethusile kakhulu njengoba bengakaze bakudingide njengeqembu.
"Kangifuni ukuqamba amanga, sibaningi esishaqekile eqenjini ngokushiwo ngumholi wethu. Bekungamele ajahe ukukhuluma emphakathini singakaludingidi lolu daba ngoba ukuhlakaza iPhalamende kakusiyona into elula.
"Kuningi okumele sikucubungule ngaphambi kokuba sifike esinqumeni salolu hlobo,” kusho leli lunga.
Lithi emhlanganweni olandelayo waleli qembu, bazokudingida okwenziwe nguMnu Maimane. Leli lunga likucacisile ukuthi njengoba lesi siphakamiso sesifakwe ngokusemthethweni ePhalamende, kuzomele basivikele kwazise senziwe ngumholi wabo.
Khona manjalo iphephandaba eliphuma ngeSonto, iSunday Times, libike ukuthi amalunga ayisi-6 ekhokhasi yaleli qembu ePhalamende akhala esifanayo njengoba ethi nawo kawaziswanga ngalesi siphakamiso sikaMnu Maimane.
Ethintwa okhulumela iDA, uNkz Phumzile Van Damme, uthe akukho azokuphawula ngalolu daba ngaphambi kokuvala ucingo.
Umholi we-UDM, uJenene Bantu Holomisa, ucashunwe ethi kuyilungelo layo iDA ukwenza lesi siphakamiso kodwa kayizange izibheke zonke izinhlangothi ngaphambi kokusenza.