Kusolwa ukwaliwa kotholwe eseshonile
Isidumbu sitholwe ehlathini
KUSOLWA ukwaliwa yisoka njengembangela yokufa kowesifazane isidumbu sakhe esitholakale sidindilizile eziNhlabeni eNgwavuma, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ngoMgqibelo - okuthiwa uzibulele. Asabambe ongenzansi amalunga omphakathi wakule ndawo ngesenzo sikaNkz Silindile Vilane (26), okungaziwa ukuthi uphuzeni ngesikhathi egila le mihlola.
ILANGA lithole ukuthi uNkz Vilane ubenokungaboni ngasolinye nesoka lakhe elinguMnu Sipho Ndlovu (30), kubangwa ezothando, labe selinquma ukumtshela ukuthi kalisamthandi, mabahlukane.
Kuthiwa ngeledlule uMnu Ndlovu ushayele uNkz Vilane ucingo emtshela ukuthi ucu kalusahlangani, uyacela ukuba angaphinde azihluphe ngokuxhumana naye.
UNkz Vilane kubikwa ukuthi ukushaye indiva lokho. NgoLwesine unikele kubo kaMnu Ndlovu eyomvakashela engamazisile.
UMnu Sihle Ndlovu ongumfowabo omdala kaSipho - ahlala naye futhi basebenza ndawonye erenki yamatekisi - utshele ILANGA ukuthi babone uNkz Vilane ngezithuba zasemini edlula erenki yamatekisi abasebenza kuyona eyogibela, wangakhuluma lutho kubona.
Uthi sebeqedile ukusebenza, kuthi sebebuyela kubo - ehamba nomfowabo ngemoto -bahlangana noNkz Vilane ngakubo ehamba nelinye ilunga lomphakathi ebelimlindisile ukuthi kuze kubuye uSipho emsebenzini njengoba bekukhiyiwe kubo engakwazi ukungena.
"Simthathile sahamba naye ngemoto sibheke ekhaya. USipho umbuze ukuthi uvakasha kanjani engashilo, uyaphi ngoba wamtshela ukuthi akasamthandi mabahlukane. Uskwiza (Nkz Vilane) uphendule ngokuthi nje ucela ukuthi lolu daba balukhulumele endlini sebebobabili ngoba ubesenamahloni kukhona mina emotweni,” kusho uMnu Ndlovu. Uthi uhlukane nabo beyongena endlini kaSipho.
Ngakusasa ekuseni, umfowabo umtshele ukuthi bafike endlini waqhubeka lapho egcine khona watshela uNkz Vilane ukuthi akasamdingi empilweni yakhe, makaphume aphele. Uthi uNkz Vilane wehlulekile wukwamukela ukuthi uSipho akasamthandi, wathukuthela wathatha izimpahla zakhe khona ebusuku wangena indlela.
UMnu Ndlou uthi umfowabo akazange azihluphe ngokuncenga uNkz Vilane ngesikhathi ehamba ebusuku, kunalokho ungene embhedeni walala. “Sethuke sacishe sashayeka phansi ngoMgqibelo emini sesithola ngamalunga omphakathi ukuthi kunesidumbu sentombazane esitholakale ehlathini sikhihliza amagwebu isishonile.
"Amalunga omphakathi asitshele ukuthi yintombi kaSipho le futhi abantu bayasho ukuthi bagcine ukuyibona ihamba naye ivakashe ekhaya,” kusho yena. Uthi kumanje amalunga omphakathi asola umfowabo, athi unesandla ekufeni kukaNkz Vilane - kukhona asola ukuthi umbulale ngezandla zakhe. Uthi ngokubona ukuthi isimo sishubile emphakathini, umthathile uSipho wamhambisa emaphoyiseni enzela ukuphepha kwakhe nokuba awachazele ngokwenzekile. Utshele ILANGA izolo ngeSonto ukuthi amaphoyisa abesamgcinile uSipho esiteshini, esamphosa imibuzo ngokwenzekile.
UMnu Ndlovu uthi bathole ukuthi uNkz Vilane ufike kubo nje ubevele engaphathekile kahle njengoba ephume kubo exabene nonina omdala. “Ngiyabona ukuthi ukwaliwa ngumfowethu kufake usawoti esilondeni njengoba ebevele ephume kubo isimo singesihle, ethi uzoziduduza esokeni lakhe kanti uzofike athole ukuphoxeka okukhulu,” kusho uMnu Ndlovu.
Uthi ayile amalunga omndeni wakwaVilane kubo eyofuna ukuthola kabanzi ngokuholele ekutheni kuze kushone indodakazi yawo kodwa afika uSipho esesiteshini samaphoyisa, wawachazela ngakwaziyo.
UMnu Ndlovu uthi bese kunesikhathi esingangonyaka umfowabo ethandana noNkz Vilane, ubejwayele ukumbona uma emuvakashele kodwa ubengazi ukuthi banezinkinga ebudlelwaneni babo. “Bengingazi nokuthi usemalile, ngiqale ukukuzwa lokho ngesikhathi bekhuluma emotweni ngihamba nabo,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa aseqale uphenyo ngokutholakala kwesidumbu somuntu. Uthi kusalindwe imiphumela yembangela yokushona kwakhe. Utshele leli phephandaba ukuthi uSipho usaphoswa imubuzo, kalikho icala athweswe lona.
Sethuke sacishe sashayeka phansi ngoMgqibelo emini sesithola ngamalunga omphakathi ukuthi kunesidumbu...