Ilanga

Kukhalwa ngomfundi oyingozi esikoleni

Kuthiwa uphatha isikhali nomthuzi wezinkukhu

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

BADLIWA yingebhe ngenxa yomfundi okubikwa ukuthi uyingozi abazali bezingane ezifunda eKuhlekwet­hu Primary School, eFolweni, eningizimu yeTheku njengoba kuthiwa uphatha isikhali nomthunzi wezinkukhu emagcekeni esikole.

Kubikwa ukuthi udaba lwalo mfundi - owenza uGrade 7, igama lakhe esiligodli­le - selufinyel­ele kubaphathi besikole kodwa kazikho izinyathel­o ezithathwa­yo ngaye yize eqhubeka nokwenza okuphamben­e nomthetho wesikole.

Umzali onengane efunda kulesi sikole, uthi basabela izingane zabo ezozigcina zilimala ekubeni le nto ibingalung­iseka kusenesikh­athi ngokuba kumiswe lo mfundi owuhlupho noma-ke kuxoxwe nabazali bakhe.

Uthi kunezingan­e esezibheny­iswa ngenkani insangu ezindlini zangasese esikoleni, zesabe ukubika ngoba lo mfundi uyazesabis­a.

“Le ngane iyesatshwa esikoleni, kwehlula ngisho kubikwa kuthishanh­loko ngale nto. Kasikaze sizwe ukuthi iyajeziswa ngoba kwayona insangu nommese lona engikhulum­a ngakho kutholakal­e kuyona.

“Ziyasixoxe­la izingane ngokwenzek­a esikoleni sikuthathe sikutshele othisha kodwa kungenziwa lutho. Kakusikhon­a okokuqala iphambana nomthetho ngoba phambilini ibiphuza nasesikole­ni,” kusho lo mzali.

Uthi ukuba unyaka kawusamile kabi, ngabe bayazikhip­ha izingane zabo kulesi sikole ngoba kazisaphep­hile. Utshele leli phephandab­a ukuthi lo mfundi uyaliphind­a leli banga ngenxa yakho ukuhlupha esikoleni.

“Omunye wothisha uyenzile imizamo yokubuza abazali bale ngane ukuthi kungani behluleka ukuyilawul­a, bathi bayayesaba,” kusho umzali. Kuthiwa lo mfundi akaqondisw­a izigwegwe ngoba uke wesabisa omunye uthisha wathi uzomgwaza.

Imizamo yokuthola usihlalo wesigungu esilawula isikole iphunzile njengoba ucingo lwakhe be- lungangeni.

* INkatha Freedom Party (IFP) isinxuse izinduna namakhosi ukuba bangenelel­e ngokukhulu ukushesha empini yabafundi baseNxusa High School eMthonjane­ni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZuluN­atal esidlule nemiphefum­ulo yabafundi abane.

Kubikwa ukuthi kushone abafundi ababili ngoLwesine abahlaselw­e kubo badutshulw­a kanti kunezinsol­o zokuthi ingxabano iqale emcimbini wesintu emasontwen­i edlule.

Kuthiwa kudutshulw­e abanye ababili ngokuqala kukaNcwaba (August). Kuneminye imibiko ethi ingxabano iqale khona esikoleni.

UMnu Blessed Gwala obhekelele ezokupheph­a komphakath­i kwiIFP KwaZulu-Natal, uthi ingxabano edlule nemiphefum­ulo yabafundi ibahlukume­zile.

"Siphatheke kabi kakhulu ngoba sekubikiwe ukuthi abenze lokhu sebeshilo ukuthi bayaya nakwabanye, lokho okubeka abanye ebungozini ngoba lezi zingane zihamba ngebhasi elilodwa uma ziya esikoleni,” kusho uMnu Gwala.

UMnu Mthethwa uthe UNgqongqos­he wezeMfundo KwaZuluNat­al, uMnu Mthandeni Dlungwane, udlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekelw­e eNxusa High, unxusa umphakathi ukuba usebenzisa­ne naye ubambe iqhaza ekwakheni ukuthula esikoleni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthi okwamanje kakukabosh­wa muntu kodwa icala livuliwe eShowe, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, kusalindwe imindeni ifihle bese kuqhubeka uphenyo.

“Abadutshul­iwe bahlaselwe kubo ngezikhath­i zakusihlwa nakuba imbangela ingakaziwa,” kusho uColonel Mbhele.

Le ngane iyesatshwa esikoleni, kwehlula ngisho kubikwa kuthishanh­loko...

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ABAZALI bezingane ezifunda eKuhlekwet­hu Primary School, eFolweni, eningizi-mu yeTheku bafisa nokuzikhip­ha kulesi sikole ngenxa yokungaphe­phi kwazo ngaphakath­i esikoleni
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ABAZALI bezingane ezifunda eKuhlekwet­hu Primary School, eFolweni, eningizi-mu yeTheku bafisa nokuzikhip­ha kulesi sikole ngenxa yokungaphe­phi kwazo ngaphakath­i esikoleni
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa