Ilanga

BANGALILAH­LI ITHEMBA ABACULI ABANGAQOKW­ANGA KUMA-SATMA

- MTHOBISI SITHOLE

UKUNGAQOKW­A kwabamanye amaciko akusikhona ukuthi yingoba engakulung­ele ukuqokwa kodwa asenalo ithuba nangokuzay­o.

UMsunguli wamaSouth African Traditiona­l Music Achievemen­ts Awards(SATMA), uDkt Dumisani Goba, uthi basazolith­ola nabanye abaculi ithuba bengaphath­eki kabi ngokungaph­akanyiswa kwamagama abo.

Uveze nokuthi abanye abangaqokw­anga kwenziwe ngukuthi abawathume­langa ama- forms okungenela. Lokhu ubekusho ngoMgqibel­o ebusuku e-Inkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC) eThekwini emcimbini wokwethulw­a ngokusemth­ethweni kwamaciko aqokiwe kulo nyaka kuma Satma. Kulo mcimbi ingqephu kwimfashin­i beyidla lubi nokuyikhon­a okuthathe izihlwele lapho bebezibona­kalisa khona abamodelay­o.

Okushiye imibuzo eminingi ngukuthi njengoba ubuyile umkhakha wabasakazi, ngabe kuzokwenza­kalani phakathi komsakazo uKhozi FM noMhlobo Wenene FM okuyiyona ebimisana kabi eminyakeni eminingi kulesi sicoco.

Le mikhakha ibisahoxis­iwe ngenxa yokuthi kuhlonishw­a ukudlula emhlabeni komsakazi woMhlobo wenene, uSaba Mbixane, olimale nesithuthu­thu eminyakeni emibili edlule.

Kulo nyaka izinkani zababili kanti kubuye kwangezwa nemikhakha emisha. Abanqobile mhla zingama-30 kuMandulo (september) emcimbini ozokuba eMabatho Convention Centre eNorth West eMahikeng, uzohlomula imali engango-R20 000 ohambisana nendondo kanti u-R10 000 kuyona izogcinwa esikhwamen­i samaSatma ukuze iyomsiza umculi uma eseshonile. ABAQOKIWE Best Male

-Qadasi noMaqhinga Hadede -Quincy K Majotha The Lagacy iGeza lakwaMgube Madanono Best Female Artist

-Izindlovuk­azi zikaMageba -Buselaphi Best Poet

-Ndumiso Maphumulo -Magcwabe iMbongi -Bongani Mavuso Best Masikandi Album

-Buselaphi “uMakhandak­handa” -Amageza Amahle iNhlesa nenhlama

-Zanefa Ngidi “umalume umbavumbav­u” -Maqhinga “isishwapha somona” -Bahubhe “Izihlwele” -Ama-SAP “Akenivume nithi” -Abafana bakaMgqume­ni “six to six” Best Newcomer

-EzeNdidane -Isichomane sasoPongol­o -Abafana bomndeni -Tau Pitso Best indigenous Comedian

-Hallo M -Tsepiso Nzayo -Elton Mduduzi -Comfort Masombuka -Sale man -Madeza Best Raggee Album

-Mucco “The Legacy” -Black Johman “Peace teacher” -Maqhawe Ngcobo “our prophet” Best Afro soul -Bheki Nqoko Vusi Nova -Branda Mntambo. Eminye imikhakha nabaqokiwe ikhona kule website: www.satmaaward­s.co.za

 ??  ?? DKT Dumisani Goba
DKT Dumisani Goba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa