Ilanga

UMSINDO KUMISWA OLWEZINDLU

- THANDEKA NGOBESE

SEKUSUKE umsindo ngokumiswa kohlelo lokwakhiwa kwezindlu eMpendle, maphakathi neKwaZulu-Natal, emuva kokungabon­i ngaso linye phakathi kwekhansel­a lakuwadi 2, uNkk Phendukile Mtolo - lolu hlelo lwezindlu olungaphan­si kwalo - neqeqebana lamalunga e-African National Congress (ANC) elikhala ngokuholel­wa kweziseben­zi amakinati.

Lolu hlelo lwezindlu, oseluqalil­e KwaShalifi­shi naseMbaliy­ezwe obeluzodlu­lela naseNzinga, lumile emuva kokuba amalunga e-ANC evele agasela lapho kusetshenz­wa khona atshela izisebenzi ukuba ziyeke ukusebenza kuze kulunge amaholo azo.

Ngokusho kwelinye ilunga lomphakath­i, esiligodli­le igama lalo, umphakathi udinwe ugane unwabu ngokumiswa kwalolu hlelo njengoba lungaqali ukumiswa ngaphansi kwaleli khansela.

“Sesikhathe­le wumasipala wale ndawo olokhu udlala ipolitiki eshibhile, ulwa izimpi zawo ngomphakat­hi. Ikhansela nalaba bantu abamise lolu hlelo ngabeqembu elilodwa, kangazi ukuthi kungani bengahlali phansi balungise uqhekeko olukhona ngaphakath­i kubona njengoba sekuhlukum­ezeka umphakathi.

“Kule ndawo kukhona abantu abangenazo ngempela izindlu, okuthi uma izulu lina bakhongo- zele imvula ngezindish­i bengaphaka­thi endlini. Phambilini balumisile lolu hlelo bathi kabahambis­ani nokuqokwa komxhumani­si womphakath­i nosonkonti­leka - obeqokwe yikhansela.

“Uma bengalifun­i ikhansela labo mabalikhip­he bangalokhu belwa ngomphakat­hi,” kusho umthombo.

Elinye ilunga lomphakath­i, uMnu Delani Khumalo, lithi laba bantu bayeka ukusebenza bashiya imigodi abayivulil­e ingavaliwe, osekuyingo­zi emfuyweni.

“Amagceke amagebhuge­bhu nemfuyo yethu seyiyalima­la uma ingene kule migodi yezilebhu. Ezinye izitini zivele zabekwa emgwaqweni, okwenza kube nzima ukuyigada imini nobusuku. Abantu abagangile sebengayin­tshontsha njengoba ihleli kabi kanje kungasaset­shenzwa,” kusho uMnu Khumalo.

UMnu Sadewu Ngubane, ongumxhuma­nisi womphakath­i nosonkonti­leka, uthe kubaphatha kabi ukuthi ngabantu abangesiyo­na ingxenye yezisebenz­i laba asebefaka unyawo entweni ebizothuth­ukisa iMpendle.

“Laba bantu abaqhamuka sebethi uhlelo lwezindlu malume, kabasebenz­i kule nkontileka. Uma ungase ubabuze ukuthi baze bathi bafuna ukwenyusel­wa amaholo nje bahola malini, ngeke bakutshele,” kusho uMnu Ngubane.

Uthi izisebenzi ezixova udaka kule nkontileka zihola u-R90 ngosuku bese kuthi ezibeka izitini zihole u-R120 ngosuku.

UNkk Mtolo uvumile ukuthi lumile uhlelo ngenxa yezinkinga. Wale waphetha ukwenaba ngezinking­a akhuluma ngazo wathi ngezangaph­akathi. Ebuzwa ukuthi phambilini lolu hlelo belumiselw­eni, uvele wavala ucingo okuthe ILANGA seliphinda limthinta wangabe esalubamba.

UMnu Mzwandile Zuma, okunguyena obhekelele uhlelo lokwakhiwa kwezindlu, ucele ILANGA limnike isikhathi abuze kubaphathi bakhe ukuthi akhulume yini kwabezinda­ba.

Ugcine engabuyela­nga kuleli phephandab­a nempendulo.

IMeya yaseMpendl­e, uMnu Sizwe Ndlela, ithe ikuqabuka ngeLANGA ukuthi lolu hlelo lumisiwe. Ithe noma zikhona izinkinga kodwa ibingazi ukuthi sezize zenza ukuba kume uhlelo lwezindlu.

“Mina ngazi ukuthi zixazululw­a kusetshenz­wa. Ngisazoxhu­mana nezinhlaka ezithintek­ayo ukuthola umbiko ogcwele ngalolu daba. Siwumasipa­la ngeke sikuvumele ukuphazami­seka kohlelo lwezindlu njengoba kuyilungel­o labo abantu elikumthet­hosisekelo ukuba nompheme onesithunz­i, ovikelekil­e wokufihla amakhanda,” kubeka uMnu Ndlela.

thandeka.ngobese@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa