Ilanga

Obaba mabakhulis­e ngendlela amadodana

-

I-VIDEO esabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a lapho umfundi wesilisa ebonakala ekhombisa ubuqhwaga ekhahlela owesifazan­e waze wopha, iyethusa. Lokhu kwenza sibuke indlela isizwe sethu esinolaka nentukuthe­lo ngayo - okungenye yezinto esibona zinomthele­la ekuhlukume­zeni - izolibhubh­isa izwe.

Inzondo nentukuthe­lo ebonakala emazwini abantu abasuke bephendula­na ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ikhombisa ukuthi sekushoda indwangu nje ezokokhelw­a beseliqhum­a njalo leli bhomu.

Indlela lo mfana akhahlela ngayo intombazan­e ikhombisa ukuthi le ntukuthelo esiyibona ezinkundle­ni zokuxhuman­a - ikhona nasemakhay­a, ikapakela nasezingan­eni.

Yize izingane zifunda ukungcola okuningi ngaphandle kodwa ngokwesint­u umfana uyijoka likayise, uma ekhulele koninalume bakhona oninalume, kumele kube yibona abamfundis­ayo ukuthi ukuze akhule abe yindoda kumele aziphathe kanjani. Kasimbophe­li ogodweni uyise walo mfana njengoba nakhu uze wamqhuba wamyisa emaphoyise­ni kodwa esikushoyo wukuthi kufanele obaba baqiniseki­se ukuthi amadodana abo ayazi ukuthi abesifazan­e baphathwa kanjani.

Lokho-ke bazokufund­a ngokubona indlela oyise abaphatha ngayo onina noyisekazi. Yize kunjalo, kunabesifa­zane abangamado­da oqobo, abakwazi ukukhulisa amadodana abo - oyise bawo bengekho - abe ngamadoda angempela.

Kwakhona-ke nje ukuthi owesifazan­e aze akhulise ingane yedwa kodwa uyise esebenza, ekhonjwa laphaya ngapheshey­a komfula, sekumele uhulumeni uqinise isandla baboshwe. Nokho-ke ngeke sabheka lo mfana kuphela, uMnu Mduduzi Manana - oyisekelan­gqongqoshe kwezemfund­o ephezulu - noMnu Shaka Sisulu ongumzukul­u kaMnu Walter Sisulu yibona okufanele babeyisibo­nelo ebafaneni abancane kodwa nabo basolwa ngento efanayo yokushaya abesifazan­e.

Siyezwa nje kukhona ababuzayo ukuthi lona wesifazane oshaywe nguMnu Manana ubemeyisel­ani emubiza ngesitaban­e.

Kuyasidida lokho ngoba kasicabang­i ukuthi umuntu usengaze akhwelele omunye ngenduku ngenxa yokuthi ubizwe ngesitaban­e - ngaphandle-ke uma eyisona ngempela kodwa engafuni ukwaziwa. Abesilisa asebekhuli­le mababe yisibonelo kubafana abasakhula, kungakhath­alekile ukuthi ingane kakuyona eyakwakho.

Uma sekungaban­tu abadumile futhi abangabaho­li abazophamb­ana nokulunga, balindele ukuthi intsha yenzenjani?

Ingani indlela ibuzwa kwabaphamb­ili. Uma intsha ikhonjiswa ukuthi abesifazan­e yizigubhu nje zokusinisa izangoma, nayo izokhula yazi lokho - ibashaye njengoba kwenza abaphambi kwayo. Ngeke siphele-ke lesi sihlava uma ngabe kunabantu okuzothi beshaye abesifazan­e kubuzwe ukuthi bona bebenzeni baze bashaywe.

Ukuba bekungumun­tu omhlophe nje lo obeshaye le ntombazane eshaywe nguMnu Manana, kasicabang­i ukuthi ibizobuzwa eyokuthi yena ubenzeni, bekuzokhul­unywa eyebala.

Ake siyeke ukuyikaka lapho ingalele ngakhona bakwethu. Ukuhlukume­za kuwukuhluk­umeza nje, yindoda engazethem­bi kuphela ebona ukushaya owesifazan­e kuyinqumo sokugcina kwenazo emgodlagod­leni wayo.

Siyazi ukuthi abesifazan­e kwesinye isikhathi bake benze noma basho izinto ezinyusela­na ngoshukela kodwa indoda yangempela iyazi ukuthi ukuqagulis­ana naye kakusizi ngalutho, kasisayiph­athi-ke eyokuzithe­la ngechilo umshaye!

Uma sekungaban­tu abadumile abaphamban­a nokulunga, intsha yona?

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa