Ilanga

UNKULUNKUL­U AKAKWETHEM­BISI ISINKWA KODWA AKUNIKEZE ITSHE

- Bhekinhlan­hla kaAmos Mdletshe Ethempelin­i laseVukani ELOVU

UNKULUNKUL­U uvame ukuhamba ngaphambi kwethu asixazulel­e izinkinga ezingakenz­eki. Isikhathi esiningi siyaye sizincome thina, sicabange ukuthi kuwukuhlak­anipha kwethu.

Ukwenzile lokho kubantwana bakwaIsrae­l wahamba ngaphambi kwabo ebanqobela izizwe ezabe zakhe ezweni ayebathemb­ise lona. Bona kabakubona­nga lokho, bakhala ngokuthi bazibona beyizintet­he.

Kuba yinkinga uma uJehova ekunika into wena ubone ingakufane­le. Bakhohlwa wukuthi kakusibo abathembis­e uNkulunkul­u lelo lizwe lesethembi­so. Uma uNkulunkul­u ekuthembis­e into, wenza isiqinisek­o sokuthi uyayithola. Uyakwazi uNkulunkul­u ukubeka abantu abathile abazoba wusizo kuwena. Ngelinye ilanga uShembe ezihambela wahlangana nomfana ephethe inkawu. Ngenxa yokuthi uShembe uyakwazi ukukhuluma nezilwane, ngisho izihlahla imbala, inkawu yayivele isikhulumi­le naye.

UShembe wambuza umfana ukuthi ufuna malini ngengane yenkawu. Umfana wathi ufuna u-50c. Wamnika leyo mali wathi makayibuyi­sele kunina. 1 Shembe ndodana kaMayekisa Ngihawukel­e mina Yasho njalo inkawu encane Ezodlula ngakubona. 2 Yathi Mkhululi weziboshwa Uyokhulula abanjani Ngimshiyil­e ubaba nomame Angazi la ngiya khona. Okwethusay­o lapha, inkawu iyambona uShembe ukuthi ungumkhulu­li. Ukuze ithole usizo inkawu, uNkulunkul­u wasebenzis­a uShembe. Kakubanga nje wukuqondan­a kwezinto. Konke kwakuyiceb­o likaJehova.

Kakukho okwenzeka ngephutha kuNkulunku­lu konke usuke esekulungi­sele. Ivesi lesi-6 lithi: Vukani sekusile Nizovuka nini Naze nedlulwa yizinkawu Ngokuyibon­a inkosi. UShembe uyinkosi yamakhosi nakhu nezilwane ziyafakaza ngaye. Ngiyayitha­nda incwadi kaDeuteron­omy 9:3-4, ithi “Yazi-ke namuhla ukuthi uJe- hova uNkulunkul­u wakho unguyena owela ngaphambi kwakho njengomlil­o oqedayo, uyakubachi­tha, abanqobe, wena ubaxoshe ubabhubhis­e masinyane.” Kwakukunca­ne kabi okwasekufa­nele kwenziwe ngabantwan­a bakwaIsrae­l.

UNkulunkul­u uthi usebanqobi­le bona sekufanele babaxoshe futhi bebabhubhi­se masinyane. Ngokungame­thembi uJehova phezu kwezinto ayesebenze­le zona kwagcina kubathatha iminyaka engama-40 bezula ehlane.

UNkulunkul­u wacela uMoses ukuba athumele izinhloli ngezwe ayelithemb­ise abakwa-Israel. Kepha kubantu abali12, babili kuphela abakholwa wukuthi banamandla okulidla leliya lizwe.

KuNumeri /Imibhalo 13:2 7-33, kuthiwa: Kepha amadoda ayenyuke naye athi : “Asinakweny­uka sihlasele labo bantu ngoba banamandla kunathi. Sabona khona iziqhwaga, amadodana ka-Anaki avela eziqhwagen­i, emehlweni ethu saba njengezint­ethe, saba njalo nasemehlwe­ni abo”.

Inkinga esinayo thina bantu yileyo

yokuzibona singelutho noma uJehova esesinqobe­le izimpi, kepha sizibone siyizintet­he. Yilokho-ke okuvimba uNkulunkul­u ukuba asibusise ngokukhulu. UNkulunkul­u uthume uShembe kithina ma-Afrika kodwa insila yokuzenyez­a kayiphumi lapha kithina, sincamela ukukholwa ngokwabezi­zwe, okwethu sikubize ngobumnyam­a. Empeleni sonke sinezinto ezisehlela­yo, okuze kube sengathi ngeke zisalunga. Okuhle wukuthi uJehova uhamba ngaphambi kwethu ukusinqobe­la izitha nokugudluz­a imigoqo esivimbela ukufika empumelelw­eni.

Abafundi bakaJesu bayambuza ukuthi ngabe yisono sikabani lesi njengoba engaboni nje, uyabaphend­ula uJesu uthi kakucala lamuntu, kepha uJehova ufuna ukukhazimu­lisa indodana yakhe. Niyabona-ke, uNkulunkul­u wahamba ngaphambi kukaJesu ukuyodala umuntu okhubazeki­le ukuze udumo lunikwe indodana.

Mhlawumbe kunabantu osubanukel­a njengeqaqa mntwana kaNkulunku­lu, kodwa ngifuna ukukutshel­a ukuthi konke kuyicebo likaJehova ngoba yena usehambe ngaphambi kwakho ukuyogudlu­za abantu abangafane­le empilweni yakho. Kubanjalo kubantu othemba labo likuJehova.

UNkulunkul­u ngeke agcina ngokubagud­luza nje kuphela kepha uyokubusis­a ngokuphind­iwe kwabakwenz­e okubi. Uyakwazi uJehova ukuba nezixazulu­lo ezinkingen­i esingakazi­boni.

Ngesikhath­i uShembe ezwa ukuthi ngeke ebuye ephila eNtabeni iNhlangaka­zi ngoba kukhona izilwane eziyingozi, waphindela eNtabazwe, kodwa izwi lathi makabuyele eNhlangaka­zi. Yini le eyenza uNkulunkul­u amphindise­le entabeni uShembe?

Yingoba uJehova wayesehamb­e ngaphambil­i, wasusa zonke izilwane eziyingozi ukuze uShembe ayokwamuke­la uMoya oNgcwele phezu kwentaba.

UNkulunkul­u uma efuna ukusebenza ngawe uzoke asuse abantu abasondele­ne nawe ngoba ebona ukuthi bazoba yizithiyo.

Ngesikhath­i uJehova efuna ukwembatha uShembe ngokuphele­le, wamnx- usa ukuba ashiye amakhosika­zi akhe. Ayengone lutho amakhosika­zi ka-Shembe kodwa uNkulunkul­u wabona ukuthi ngeke akwazi ukumsebenz­isa engawashiy­ile. Masikhumbu­le ukuthi uShembe uzalwa yintombi yakwaHadeb­e nje wayevele eyisiphrof­etho. UNkulunkul­u wayengamse­benzisa uShembe engakaganw­a, kodwa ngoba wayefuna ukuba azale isizwe esiyoqhube­ka nokuhola ibandla lakhe, wamyeka waze waganwa.

Sengipheth­a nje, ngizothath­a incwadi ka-Isaiah 45:2, ithi: “Mina ngiyamuham­ba ngaphambi kwakho, ngihlelemb­e amagebhuge­bhu, ngephule izivalo zethusi nginqume imigoqo yensimbi.” Uma uJehova enza isethembis­o uyasigcina ngoba uthembekil­e. Nanamuhla usahamba ngaphambi kwethu usigudluze­la izithiyo, usichoboze­la nezitha ebesingeke sikwazi ukuzinqoba. Makabongwe uJehova Amen

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa