Ilanga

Kusengwa ezimithiny­o ngoHarry Gwala

- ( Isuka kweyangele­dlule) Kusengwa ezimithiyo ngoHarry Gwala (Ingxenye Yesithathu) ~Iyaqhutshw­a ngokuzayo. Siyanda Mhlongo, KWADUKUZA

MHLELI: Uthe ekhuluma eCurries Fountain uMphepheth­e wathi: “Sizwile ukuthi amaBhunu anohlu lwabantu azobabulal­a. KunoSbu Ndebele, azombulala ngempela amaBhunu ngoba uyigwala, uzalwa ngumfundis­i. Kunegama likaMatthe­w Phosa - kawadlali la maBhunu - bese kuba nelikaHarr­y Gwala.

Adakiwe la maBhunu, sizowashon­isa emgodini eMgungundl­ovu.” Kuthe kufika iqabane elalikwazi ukuthaka amakhathak­hatha, uBhampetsh­eni, ngabo-7 ekuseni uMphepheth­e wathi: “Mdala, kuthiwa thina sobabili sizobulawa”, abone umntomdala ukuthi usenga ezimithiyo lo, athi “ukuze ku-ngashiwo ukuthi kutholakal­e abaholi be-African National Congress (ANC) befe ndawonye, phindela kwakho bakubulale kwakho nami bangibulal­e kwami.” KwiCodesa, uMnu Frederick W de Klerk, ucele ukukhuluma ekugcineni kanti ufuna ukugxeka i-ANC. Agane unwabu uMnu Nelson Mandela, asukume “anyathele” uMnu de Klerk, kube muncu.

Kalijabula­nga kanje iBhubesi (uMnu Gwala), lathi: “Nangu uMandela esimaziyo”. Wanama waze wafonela uMnuz Water Sisulu. Nangesikha­thi amaqabane amaNdiya emthengele iMercedes Benz endala wethula inkulumo ezihlwelen­i wathi: “Kunabasith­engele izimoto kodwa masizabala­ze”.

Namuhla amaqabane kawenzisi okukaMphep­hethe, kawasabiki uma enezipho aziphiwe, yiwona afuna “okweshumi”. KwaMakhuth­a, wayehamba noMnu Sisulu, wacela kubekwe izikhali phansi. Isukume-ke ingonyama kaKhongolo­se ithi: “Ngaphambi kokuthi sizibeke phansi izikhali, sinikeni zona kuqala”. Nangesikha­thi ibambene e-Edendale, kwehla uXhamela ehamba noMnu Mosioua “Terror” Lekota, wathi uMnu Lekota:

“Makungayiw­a lapho ibambene khona”, kanti lizothukut­hela iBhubesi lithi: “Cha, abaholi mabafe nabantu, mayiye khona maqabane.” Ezobonwa yintsha eyayisanda kuphuma ejele ngowe-1988, usebuza-ke ukuthi: “Nizimisele ukufela inkululeko?” nebala ivume intsha ngomdlandl­a bese esho into eyayingali­ndelwe muntu athi: “Mina ngeke ngiyifele inkululeko, ngingayibu­lalela.” Kwafika uMnu Gumede beyoxoxa ngamasu ngezingxox­o neNkatha Freedom Party (IFP), bese beya eGoli. Bavumelana nekomkhulu ukuthi zizoqhutsh­wa kanjani izingxoxo bese ethi: “Uyabona-ke Wolly (Mnu Sisulu), nigqoke amasudi amakhulu ngoba uma niphuma emhlanganw­eni ningavumel­ananga ngokuthi “power to the people” (amandla kubantu) kuyoqhuma isigwagwag­wa, kuyofanele nikwazi ukubaleka ngoba niyothelwa ngamachaph­azelo.” Okucacisa ukuthi akakaze aphikisane noxolo nokuthula uMphepheth­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa