Ingozi ye-potassium eyeqile
NGENXA yokubaluleka komthelela wendlela esidla ngayo empilweni yethu, namuhla sizoke sibheke ingozi yesilinganiso eseqile sesakhamzimba i-potassium emizimbeni yethu. Sibuka imbangela, izimpawu nokwelapha i-potassium eyeqile emzimbeni. Lokhu kubizwa ngehyperkalemia. Isakhamzimba i- potassium siyadingeka ekwenzeni umzimba usebenze kahle, ikakhulukazi imizwa nezicubu, phakathi kwazo kubalwa nenhliziyo. Nakuba le potassium imqoka empilweni, nokho ukuba nayo ngokwedlulele kubi - mhlawumbe ukudlula ukuba ncane kwayo emzimbeni.
Ngokuvamile izinso yizona eziyigcina iyisilinganiso esifanele ngokukhuculula leyo eyeqile. Kepha ngezizathu ezahlukene kuyenzeka isilinganiso se- potassium sibe ngaphezulu kokufanele.
Ngokusho kwabeMayo Clinic, izinombolo ezifanele zesilinganiso sayo, kumele ibe phakathi kesi-3,65,2mmol/L egazini. Uma i- potassium isingaphezulu kwesi5,5mmol/L isuke isiphezulu kakhulu, okuyingozi. Esifike esi6mmol/L ingakubulala.
Umehluko kulezi zinombolo ungaya ngesikhungo socwaningo. Uma une- potassium encane noma eyeqile udinga ukwelashwa ngokushesha ukuze unqande umonakalo. Kuningi okungenza isilinganiso se- potassium seqe kokufanele okungaba yizifo nemishanguzo ethile. Ukujama kwezinso ngokuvamile kubangelwa yi- potassium eyeqile esilinganisweni esifanele. Uma izinso zehluleka ukusebenza ngemfanelo, azikwazi ukukhuculula i- potassium eyeqile emzimbeni. Lokhu kwenza inqwabelane-ke i- potassium. Okunye okungabangela ukunqwabelana kwe- potassium kungaba yilokhu:
wukuphelelwa ngamanzi emzimbeni yisifo sikashukela i- type 1 - wukophela ngaphakathi Addison’s disease Kunemishanguzo engakubangela ukunqwabelana kwe- potassium emzimbeni, phakathi kwayo yilena:
amaphilisi okushisa umdlavuza ( chemotherapy)
angiotensin-converting enzyme (ACE) inhibitors
angiotensin receptor blockers Ukusebenzisa ngokweqile amaphilisi okwengeza i- potassium angawenyusa umthamo we- potassium emzimbeni.
Uphuzo olunamandla noma izidakamizwa
Ukusebenzisa ngokweqile uphuzo olunamandla noma izidakamizwa kungalimaza izicubu. Lokhu kungavulela umthamo wepotassium osezicutshini ukuba ugeleze negazi. Izinhlobo ezithile zokuhlukumezeka ziyalenyusa izinga le- potassium emzimbeni. Kulezo zimo, i- potassium eyeqile iye ivuze igeleze negazi. Ukusha noma ukulimala kakhulu kudlikizeke izicubu eziningi nakho kuyenza i-potassium yenyuke. Umthombo: www.healthline.com Izimpawu ze- potassium eyeqile zincike kulowo mthamo wama- mineral onawo egazini. Kungenzeka zingabonakali nhlobo izimpawu kodwa uma izinga le- potassium leqile esilinganisweni, kungenza uzizwe unalokhu:
ukukhathala noma ukuba ntekenteke
wukuzwa kundikindiki noma kusankwantshu
wukucanuzela kwenhliziyo noma ukuphalaza yinkinga yokuphefumula wubuhlungu esifubeni wukushaya kwenhliziyo okuphaphazelayo. Lapho isimo sesidlebelekile, i- potassium eningi ingenza umelwe yinhliziyo noma ushwabane. Uma ungalutholi usizo lokwelashwa, ungamelwa yinhliziyo. Uma i- potassium ingakeqi kakhulu esilinganisweni, zikhona izaba zasekhaya ongazenza zokuyinciphisa kodwa buza kudokotela wakho ngaphambi kokwenza lezo zaba.
1. Nciphisa amaphilisi okwengeza ( supplements) e- potassium kanjalo nokudla okune- potassium. Phakathi kwalokho kudla kubalwa lokhu:
ubhanana amakinati ubhontshisi ubisi amazambane inhlanzi yohlobo lwe- cod inyama yenkomo. Bonana nodokotela ngesu elingcono lokudla okumele ukudle noma ucele akuthumele kungoti wezokudla ( dietician). Phuza kakhulu amanzi. Ukuncishelwa ngamanzi emzimbeni kuyaliphazamisa iqophelo le- potassium. Gwema amakhambi njengeAlfalfa, yi- nettle, ne- dandelion.