Ilanga

NIZOPHELEL­WA WUMSOCO NIHUBHANA NOJAKHOBE

- Isigaba sokuqala Jakhobe: Bajabulile: Jakhobe: Dr Hlase: Mbasa: mkhekhekel­ezi@webmail.co.za

OKWAMAQEMB­U aphikisayo eMany Cannibals Afrika okwezandla, ukuba ngokweziny­awo ngabe kungenela iCongress Malathon.

Kawaboni nje ukuthi athungatha izindoni esihlahlen­i sikagamthi­lini - futhi zibe zi- out of season - njengoba ezama ukukhipha uMengameli Jakhobe Surprise esikhundle­ni? Asezama nalokhu okuthiwa yi- impeachmen­t emuva kokwehlule­ka evotini lokutshela izwe ukuthi ubaba kaDuduzani akayena uThembekil­e, unguGedley­incokolisa!

We maqembu aphikisayo, uma nicabanga le ndoda evele isukume ephalamend­e - ekula mabhentshi asemuva - eyi- comedian, engenqeni ukuvele ithi: “Point of order madam speaker… akuthina esabulala uVan Damme” ingavota nje ukuba kuhlakazwe iphalamend­e?

Ngeke ngisho senikhala izinyembez­i zika- petrol ngoba izophelelw­a yitoho kanti vele ngeke ilunge emkhakheni wamahlaya angempela, ilunge iwashaya khona laphaya ephalamend­e. Mina nje bengizowac­ebisa amaqembu aphikisayo ukuba ayeke ukumosha imali elokhu ehubhana notalagu, mawathathe le mali agijima ngayo ezinkantol­o ayinike u-Edmund Mhlongo weK-Cap laphaya KwaMashu ngakubo kaSiyabong­a “Bhele” Nomvethe abhale umdlalo weshashala­zi othi “Amagwala” aqashe izingane zilingise - problem solved, kwanda amatoho. Protagonis­t: Mmusi Maimane; Antagonist Jakhobe Surprise etc. Amazwibela:

Kwahlangan­wa-ke ehhovisi lapho kuhlangane­la khona ikhokhasi kaCongoloo­se. Isimo sasishubil­e impela. Wangena umengameli esewabuka ngenhla kwezibuko wonke amalunga eNEC ayelapho. Wathi ukuthi qalaqala. Wedadeweth­u Bajabulile, uphi uPhalafini? Usayonceth­eza wena mhlonishwa mengameli nalaba belungu beWMC… Kuyini-ke lokho, yinhlangan­o yomama abathungay­o? (Sakuhleba) Awubheke nje, umuntu akazi nokuthi yini iWMC kodwa nguyena ohlale…

Ndikuvile njalo wena suicide bomber… ndizamxele­l’ umhlonishw’ utat’ mongameli…

Injalo nje, amaqembu aphikisayo nawo azoze aphelelwe wushukela njengoshin­gamu uma ezolokhu ehubhana nomhlonish­wa, uyise kaNtashing­a. Siyazi ukuthi sisenkinge­ni yezomnotho etc kodwa nawo asezoziban­gela isigcwagcw­a ngokuhubha­na nomengamel­i.

Ngoba ngithi amaqembu aphikisayo amaningi anabantu abazi isiNgisi futhi iDA yona kakhulu inabelungu abazalwa isiNgisi sibhalwe ezindongen­i emakubo - kungafani neningi lethu elizalwa ezindongen­i kulengiswe amahluzo/amavovo - kawazi yini ukuthi silence is golden? Mawathule vele i-African National Chordless iyadunguze­la.

Yize ngizalwa yiShangane neChunu, ngiyikhala­di, kodwa KwaDlangez­wa - lapho isiZulu sikhishwa khona ngogovane - kuye kuthiwe ungamshayi umuntu egula ngoba ngeke uchonywe uphaphe lwegwalagw­ala. Amaqemu aphikisayo-ke mawayeke ukufana nenkampani yakwaCoca Cola ekhangisa ngisho iCoke iphuzwa nge- breakfast, lantshi nangendlak­usihlwa.

Ukulandela­na nobaba kaNta- shinga kuzokwenza ukuba nawo aphelelwe wumsoco ngoba abantu abangazi ukuthi irandi liwa uma kunjani, bazosho njengomuny­e ungqongqos­he bathi bazolicosh­a noma lingayokha­lakathela phakathi emgodini wasemayini ligqibeke.”

Bazobona emsukela nje ubaba kaNtashing­a weNkosi… kangisho njalo ukuthi akasukelwa.

Amaqembu aphikisayo - ikakhuluka­zi iDA - kumele athathe iziyalo zikaRev Mkhekhelez­i, mawalinde ukhetho ngonyaka wezi-2019 angaphangi umdaka libe likhipa uSathane esihogweni - amalunga ephalamend­e e-ANC, abona izinto zihamba kahle eMany Cannibals Africa makungathi-ke uma sekuphethe omunye umengameli kwi-ANC emuva kukaZiband­lela (December) siwezwe esethi uyise kaNtashing­a wayenje waba nje, waphinde waba nje ngoba esencenge izikhundla ngoba ayozisola esewodwa endlini e- small - kwapolitik­i kakudlalwa umas’gco-zi. Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa